Now Reading
Zibulalana kuSABC Crown Gospel Music Awards e-ICC Arena ngeSonto
Dark Light

Zibulalana kuSABC Crown Gospel Music Awards e-ICC Arena ngeSonto

Njengaminyaka yonke seluze lwafika olungaliyo lokududulana kwamaqembu omculo wokholo emcimbini omkhulu kunayo yonke emculweni wokholo iSABC Crown Gospel Music Awards. Nakulokhu zizobe zinyathelana e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre. Lo mcimbi usakazwa bukhoma emsakazweni nakuthelevishini.

Umcimbi ungeSonto zingama-24 kuLwezi, aseqokiwe amaqembu nabaculi abazobe bebanga izindondo.

Umcimbi walo nyaka ngowe-12 selokhu kwaqalwa ukunikezwa kwemiklomelo kubaculi namaqembu asuke enze kahle. Emcimbini lapho kwakuzokwethulwa khona abazobanga ubhedu okunguyena msunguli wamaCrown Gospel Music Awards uZanele LaMbokazi Nkambule uncome akaqeda ibanga eselihanjwe ngalo mcimbi.

“Ngikholweni uma ngithi ngike ngavakashela e-United States of America naseNigeria ngiyoqhathanisa izinga lemiklomelo yakhona emculweni wokholo Engikubone kulawa mazwe kungitshele ukuthi siyiNingizimu Afrika silaphayana phezulu nabenza kahle kakhulu,” kuphawula yena.

Ekhuthaza ithimba asebenzisana nalo, ubalule ukuthi ngesinye isikhathi kubalulekile ukuthi umuntu azimbambathe yena emhlane uma ezibona ukuthi wenza kahle. “Alikho iphutha ekuzithengeleni ikhekhe uzijabulele wedwa uma abanye bengakasiboni isidingo sokukuncoma,” esho kuduma ihlombe namakhwela emacikweni abehambele ukwethulwa kwabaqokiwe.

Ubalule ukubaluleka kubaculi kokuhambela izinhlelo zokubakhulisa ngoba lokho kwenza ukuthi bazazi ukuthi bangaphansi kweminxa okuyiyonayona yini. “Umculo wokholo usuwahlukana iminxa eminingi kakhulu, sekwaba khona ngisho umasikandi, ijazz noHiphop. Abantu abangajahi ukubonakala behamba kukhaphethi obomvu kodwa bengazilungiselelanga ngokuhambela izinhlelo zokubakhulisa olwazini lomculo.

Udalule nezinhlelo ezehlukile kulo nyaka ezihambisana nokuthi umsuka walezi zindondo wukholo. Ukhale kakhulu ngokuziphatha kwabanye abasondelene namaCrown Gospel Music Awards ngokutholakala ezintweni ezingamahlazo. Ube esememezela inkonzo engaphansi kwesihloko iMayihlome ezoba namuhla ngoLwesihlanu kusuka ngehora lesithupha kuya ligamenxe elesi-9 kusihlwa. Lo mkhuleko wandulelwe yimashi ebiyizolo ngoLwesine esukele eDurban Christian Centre ngehora le-10 yaze yayophelela eCity Hall. Inhloso yemashi bekuwukuqhakambisa ukuzimisela kwamakholwa ukulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Esika elijikayo uphendule umbuzo athe usunesikhathi uqhamuka sasikhalo kumaciko angaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal. “Angazi ukuthi umuntu usengaze awuphendule kanjani ngendlela ezwakalayo lo mbuzo. Ngiyavumelana nabawubuzayo. Nokho kungakuhle sikhumbule ukuthi konke kulawulwa yimali. Uma uHulumeni wesifundazwe noMkhandlu we-Itheku kuseyibona abesekela amaCrown Gospel Music Awards ngezimali lo mcimbi uyolokhu wabanjelwa lapha eThekwini. Eningazisiza ngakho nje wukunxenxa oHulumeni bangakini ukuthi bafake izimali thina sizimisele ukuya noma kuphi kumagumbi amane aleli lizwe,” kuphetha uLambokati.

See Also

Emva kwalezi zinkulumo zokwendlalela kuqhuma uhleko nengoma ebivele ivuke esikhaleni kube sekungenwa kobekuhlangenwe ngakho obekuwukuzomemezela abaqokwe emikhakheni engaphezu kwama-30 yomculo nokudidiyelwa kwawo eminxeni eyehlukene. Lapha kubonakele ukuthi labo asebenesikhathi bethathwa njengamavulandlela kulo mkhakha abananhloso yokudedela abaculi namaqembu afufusayo.

Kulabo singabala amaciko afana noBenjamin Dube, uHlengiwe Mhlaba, u-Israel Mkhize noDumi Mkokstad abaqokwe emikhakheni eyehlukene. Njengaminyaka yonke umphakathi uzonikezwa ithuba lokuvota emikhakheni emihlanu kuphela okuyiBest Gospel Radio Show, Best Gospel Artist, Best Gospel Song, Best Gospel Community Radio Show and Best Amazion (Solo/Group).

Ukuvotela umculi omthandayo, SMS igama lomkhakha, igama lomculi/ iculo/umsakazo usebenzisa ikhodi yokuvota kulowo nalowo omqokile kunombolo 41872 isibonelo Best Gospel Radio Show Crown ku 41872. Ukuvota kuvalwa zingama-24 kuLwezi. Kweminye imikhakha kuyosebenza isinqumo samajaji.

Scroll To Top