Kusenzima ngendodana eyadutshulwa iphoyisa


EMUVA kweminyaka eyisithupha kwabulawa uMnu uBernard Vusumuzi Mposula owayeneminyaka yobudala engama-42 ngaleso sikhathi, umndeni wakhe usathuthumela ngenxa yokuthi iphoyisa lesifazane okusolwa ukuthi yilo elamdubula ngesibhamu somsebenzi lisasebenza njengokujwayekile.
Umndeni kaMposula uthi okuvusa kakhulu iminjunju ngokufa kwakhe ukuthi necala awazi nokuthi lagcina liphelelephi, futhi akekho nozihluphayo ngokuwazisa kwababeliphethe.
Zazi-3 kuLwezi ngowezi-2012 ngesikhathi uMposula eba nokungaboni ngasolinye nowesifazane ayethandana naye lapho babehlalisene khona e-Unit 4 eHammarsdale.
Ingxabano yabo kuthiwa yaqhubeka isikhathi eside nokwaze kwaphoqa ukuba lona wesifazane ashayele ucingo indodakazi yakhe eyiphoyisa esiteshini iDurban Central eyibikela ngalesi sigameko.
Ngokwesitatimende esenziwa emaphoyiseni ngesikhathi kuvulwa icala kuthiwa indodakazi yanikela kulo muzi nalapho yafika khona yangabuza yavulela ngenhlamvu kuMposula washonela khona lapho.
Elandisa elaboHlanga uMnu uGladwin Mposula othi umufi wayezalwa umfowabo uthe ekutholeni ngalesi sidumo banikela khona bafica lapho edutshulelwe khona sekuhlanzwe indlu yonke indawo sekungathi akukaze kwenzeke lutho.
Uthi udaba lwabikwa emaphoyiseni aseHammarsdale kwavulwa necala lokubulala.
“Umsolwa wadubula umfana ngoLwesihlanu waboshwa ngalo lelo langa, kodwa samangala esephuma ngakusasa,” kuchaza uMposula obephethe nesitifiketi sokushona sikaVusumuzi.
Uthi emuva kwezinsuku kwenzeke isigameko intombi kamufi (unina wephoyisa) wahamba waya ekolishi eMlazi TVET lapho kwakusebenza khona umufi futhi abuye ahlale khona ngaphakathi wayoqoqa zonke izimpahla zakhe ngaphandle kokuxhumana nomndeni.
“Lokho kwasixaka ngoba umufi wayenomndeni futhi enezingane ezimbili, enye kungeyakhe lona wesifazane abulawa ethandana naye”.
UMposula uthi buningi ubugebengu obenzeka kushone indodana yakhe okungangokuba ngisho nencwadi eqinisekisa ukushona kwakhe yayibhalwe usuku okungelona waze waphoqeleka ukuba ayoyishintsha ePinetown.
Uthi intombi yazama nokuthi ikhokhelwe izimali zakhe kodwa wakuvimba lokho ngoba emi kwelokuthi unayo enye ingane.
“Yimina engamngcwaba ngoba umfowethu wayengaphilile kungekho ayengakwenza. Ngisho izingane zakhe ziyangeseka kukho konke engikwenzayo ekutholeni iqiniso ngalolu daba kodwa futhi zesaba nokudutshulwa,” kulandisa uMposula owakhe kwaNyuswa.
Uthi abakufisayo manje njengomndeni ukuthi udaba ludluliselwe komunye umphenyi ngoba bakholwa wukuthi laba abaluphethe bahlulekile. Uqhube wathi nabo bayafuna ukulibona idokodo ukuze bazi ukuthi kuqhubekani.
Uthi okufakazela ukuthi kuningi okushayisa amakhala ngaleli cala, ukuthi ngisho nenombolo yalo uze wayithola ngoMbasa nonyaka ngoba eseziyele emahhovisi abaphenyi be-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
Abanye abantu abahlala e-Unit 4 lapho kwakuqashe khona uMposula nentombi yakhe batshele elaboHlanga ngoMgqibelo ukuthi isigameko bayasikhumbula ngoba saphuma emaphephandabeni kodwa abazi ukuthi yini eyenzeka emuva kwalokho ngoba nomufi wayengahlali ngokugcwele endaweni.
Imizamo yokuxhumana nomphenyi wecala ngaphansi kwe-Ipid u-Amanda Pillay iphunzile.
Ngesikhathi eshayelwa ocingweni lwasemsebenzini kusukela ngoMsombuluko abebephendula bebemlandula bethi akuvumelekile nokunikeza izinombolo zamaselula.
Udaba lokubulawa kukaMposula lungolunye kwamaningi lapho kusuke kuthinteka khona amaphoyisa. Ngonyaka odlule iKomidi loMnyango Wezamaphoyisa ePhalamende lathola ukuthi kunabantu abangama-159 ababulawa kuleli ngesandla samaphoyisa.
Njengoba ufunda lolu daba nje lesi sibalo sesinyukile safinyelela kuma-207. Esifundazweni iKwaZulu-Natal ngowezi-2017 bangama-51 abantu ababulawa ngesandla samaphoyisa, ekubeni ngowezi-2016 babengama-48.