Now Reading
Ukubaluleka kombuso kaNkulunkulu kubantu basemhlabeni
Dark Light

Ukubaluleka kombuso kaNkulunkulu kubantu basemhlabeni

“Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina,” ngokukaMathewu 6:33. “Baba wethu osezulwini, malingweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini…” ngokukaMathewu 6:9b-10. “Ningibizelani ngokuthi: Nkosi, Nkosi, ningakwenzi engikushoyo, na?” ngokukaLuka 6:46. “UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni…” ngokukaMathewu 28:18. “NakuJesu Khrestu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba…” iSambulo 1:5a. Malibongwe igama likaNkulunkulu ukuthi wathumela uJesu Kristu ukuyosifela esiphambanweni thina zoni. Bakwethu kubalulekile ukuzwisisa ukuthi uJesu akasifelanga ukuze siqhubeke ukuphila ezonweni zethu. Cha, simbiza ngokuthi uJesu uyiNkosi yethu ngoba usithengile ngomzimba nangomphefumulo ezonweni zethu zonke kungengegolide nesiliva kodwa ngegazi lakhe elinqabileyo, wasisindisa kuwo onke amandla kaSathane, wasenza sibe ngabakhe. Kuchaza ukuthi njengomuntu ongesiye owami, ngiyabizwa nguNkulunkulu ukuyiphilela iNkosi yaMakhosi uJesu Khrestu. Inqubo yezombusazwe idemokhrasi ithandwa ngamazwe amaningi emhlabeni wonke jikelele. Nokho kusekhona nenqubo yokubusa isizwe engahambisani nedemokhrasi kodwa ehambisana nobukhosi. Mhlawumbe labo ababuswa yinkosi emhlabeni bangazwisisa kangcono kunabanye esikhuluma ngakho namuhla, okungukuthi ubukhosi bukaJesu Khrestu oyiNkosi yamakhosi onke omhlaba. UJesu Khrestu onguMbusi wamakhosi onke omhlaba, nowasifela esiphambanweni, akasiniki ithuba lokuthi sizinqumele ukuthi sizomlandela noma cha. Umuntu osindiswa nguJesu Kristu useyinceku, yebo useyincekukazi yaKhe. Asikwazi njengamakholwa ukukholwa kuJesu njengoMsindisi wethu, bese simfulathele njengeNkosi yethu. Cha bo bo! UMsindisi wethu, uyiNkosi yethu futhi. Kodwa kukhona inkinga esinayo singabantu, yileyo yokuthi sithanda ukwamukela konke okumnandi kuJesu, kodwa izinhliziyo zethu azithandi ukuthabatha isiphambano sethu sizidele, simlandele onguMholi wethu. Yilapho ukubaluleka kwemiyalelo eyishumi ibonakala khona. Uthi uJesu: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi,” ngokukaMathewu 7:21-23. Izwi lelo elithi “okubi” ngolimi okwabhalwa ngalo iTestamenti Elisha, lithi anomian okungukuthi okuphambene nomthetho noma ngokuphika umthetho. Labo bantu babekwenza izinto eziningi eziphathelene nenkolo, kanti ezimpilweni zabo bachithile imiyelo eyishumi kaNkulunkulu. We! Mfundi, uphinde ufunde lokhu okulindelwa kuwe njengekholwa encwadini ka-Eksodusi 20:1-17, kanye noDuteronomi 5:6-21. Baningi abacabanga ukuthi lokhu okungadliwa nokungavunyelwe ukuthi kudliwe njengalokhu kubhalwa eLevitikusi 11 kusasebenza namuhla, kodwa akunjalo bakwethu ngoba “kufeziwe”. (Bheka neZenzo zabaPhostoli 11). Kodwa imiyalelo eyishumi iyaqhubeka naseTestamentini Elisha: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” ngokukaMathewu 22:37-39. Leyo miyalelo emibili iyafingqa imiyalelo eyishumi: imiyalelo emine yemiyalelo eyishumi ihambisana nothando lwethu kuNkulunkulu; nomyalelo wesihlanu kuya komyalelo weshumi ihambisana nothando lwethu maqondana nomakhelwane wethu. Okholwa ngempela kuJesu Khrestu njengomsindisi wakhe unenhliziyo entsha ethanda ukuthokozisa iNkosi yakhe. Okholwa ngempela kuJesu Khrestu owamfela esiphambanweni unesifiso esishisayo ukugcina imiyalelo yombusi wakhe oyiNdodana kaNkulunkulu. Kwangathi emabandleni amaningi kushunyayelwa namuhla kuphela lokhu engikuzuzayo njengomuntu, kodwa ukuzithoba, nokuzibamba akusashunyelwa. Ngazi kanjani lokhu na? Buka nje ukuthi linjani izwe lethu! Kukhonondwa kuzo zonke kukhalazwa ngezifiso nangezinkanuko zabantu. Kuthiwa: “Mina ngifuna lokhu!” Athi omunye: “Hayi suka wena, okwami lokhu!” Kwangathi umona nempakamo ezinhliziyweni kuyakhula yilolu nalolu suku. Bafundisi! Asikwazi ukuthula ngezono zabantu bakithi. Kufanele ukuthi sikhuze obala izono nezinengiso ukuze kuqhume ithumba eligulisa umzimba webandla. Ogezwe egazini likaJesu Khrestu akanalo ilungelo lokuthi aphinde abhukude emqubeni wezingulube. uJesu wasihlenga ukuze simphilele Yena ngezinhliziyo zethu zonke. Mawandiswe umbuso weNkosi yamakhosi!

MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise.  Amen.

  • Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.
Scroll To Top