Izinkomba zithi ufuna ukubuya kupolitiki yeqembu uNgubo



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Abanye bathi uphume sekusondele ukhetho loHulumeni Bendawo nokungadala umsindo endaweni
Kubantu abehlukene igama lakhe lisho okwehlukile. Emphakathini wakubo, eqenjini lakhe kukhona abathi ngumbulali owayengenazwelo nobekufanele abolele ejele. Kanti abanye bathi lesi kwabe kuyisikhuphekhuphe seqembu nokumele situswe ngoba konke esakwenzayo nokwamfaka ezikhindini kwakuyingxenye yokuzinikela kwakhe eqenjini lakhe ayelithanda. Lona nguMnu uRussel ‘Blanket’ Ngubo nowayengusihlalo we-African National Congress (ANC) eMpendle nowayebuye abe ngumphathi wejele eMgungundlovu.
UNgubo nosanda kuphuma ejele ngecala lokubulala amalungu e-Inkatha Freedom Party (IFP) namanye amacala nagwetshwa iminyaka engama-25 ngakho nokho wadonsa iminyaka esondela kweli-12, ukhulume ngokukhethekile nelaboHlanga kuleli sonto. Ekhuluma nelaboHlanga uthe nembala ‘aphelile amahlathi okucasha’ kulabo abaphendule inhlangano isidleke senkohlakalo nebhizinisi lokuzicebisa bona nabangani kanye nemindeni yabo endaweni nasesifundeni akuso.
Uyavuma ukuthi kwabakhona amaphutha kepha uthi isigwebo sabe singamfanele ngoba ayekwenza wukuvikela umphakathi kanye namalungu enhlangano ayejijinyezwa kabi zimbangi okuyi-IFP. Uthi wabe eyisiboshwa sezepolitiki. Lokhu ukufakazela ngokuthi ngonyaka ngowezi-2007 kusaphethe lowo owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki wayephakathi kweziboshwa ezili-149 okwamenyezelwa ukuthi zizophuma ngoshwele ezaboshelwa izigameko ezihlangene nepolitiki.
“Ngeshwa waphuma uMbeki kwangena uMotlanthe noMnu uJacob Zuma nabo abangazange benze lutho ngalokho,” kusho uNgubo.
Kulabo abamesekayo ukubuya kwakhe kuwukwenzeka kobulungiswa njengoba aphuma ngoshwele ngonyaka wezi-2017 kodwa waphindela ezikhindini ngonyaka wezi-2018 emveni kwezinyanga ezimbili engaphandle ngezinsolo zokuthi wephula eminye imibandela kashwele. Uthi lokhu kwabe kuyinto ephekwe yizitha zakhe nalabo ababefuna abolele ejele ukuze bangambuleki izinqe.
Kulokhu ukhala ngezikhulu zejele athi ezinye zazo zisebenzise amandla azo budlabha zisebenzisana nabathile bezepolitiki esifundazweni ukuzama ukumgquma ejele zikhanda isithombe sokuthi akalutho futhi ungumuntu ongafuni kumbe ongakufanele ukuhlala nomndeni wakhe.
“Kunezikhulu laphaya ejele ezisezikhundleni ze-ANC emagatsheni ezisetshenziswayo. Mina ngibe ngaphandle izinyanga ezimbili nje vo kodwa kwathiwa sengiphule imithetho eli-13 kashwele. Yinganekwane leyo,” kusho yena.
Uthe kunezikhalo azifaka eziphenywayo ngalokhu ngoba kabukho ubufakazi bezinto ezishiwo ngaye njengoba nabanye basejele ababejutshwe ukuthi bamcindezele (abaqagule ngamagama abo) uthi sebageqa amagula kuyena bexolisa ngoba bethi ababekwenza bakwenza ngemiyalelo yezikhulu zejele ekubalwa kuzo uKhomishana Wezamajele osamisiwe uMnu uMnikelwa Nxele.
Uthi udumele ngenhlangano yakhe nangena ejele ngenxa yayo
Uthi udumele ngenhlangano yakhe nangena ejele ngenxa yayo. “Ibolile inhlangano ngenxa yabantu abayiholayo abanye babo abasuka eNkatheni basezikhundleni bafuna ukuhlomula…abanye bangabaholi beqembu le ngakithi kodwa babuye babe ngamasela ezinkomo aziwayo endaweni aphinde antshontshe imfuyo yabantu abahluphekayo abaphila ngokuyidayisa ukuze baphile, banthontsha baze bantshontshele nalabo abashonelwa amadoda abo,” usho kanje.
Noma kunjalo usenethemba lokuthi kayikho enye inhlangano engaguqula impilo yabantu bakuleli futhi wakho konke lokho kudinga bona ukuthi basukume balwe kubuye isithunzi senhlangano. “Yingakho kudingeka ukuthi sisebenze sivuselele inhlangano ibe yinhlangano enonembeza ebhekelela abantu kuqala kunezisu zomntakabani,” usho kanje.
Ukubeke ngembaba ukuthi nakuba kade bemshela abamanye amaqembu kodwa akayi ndawo kuKhongolose njengoba bese nomsebenzi omningi wokuqinisekisa ukuthi inhlangano iqonde ngqo.
“Kangincenge sikhundla nokwesekwa yilabo asebebizwa ngezikhulu eqenjini kodwa uma kwenziwa intando yamagatsha ngiyophumula ngokuthula noma sengifile. Ngifundile mina kangincenge lutho ukuthi ngithandwa ubani kumanje ngenza ama-articles kwelinye lamafemu abameli abaziwayo,” kusho uNgubo.
Uthe walahlekelwa indodana yakhe uLindelani eneminyaka eyisi-6, enye u-Andile ikhubazekile ihamba ngezinduku njengoba yadutshulwa, kanti umfowabo nabazali bakhe abashona bengaphathekile kahle kanye nonkosikazi wakhe owalimala ngezigameko zokuhlaselwa yingakho engeke avumele noma ubani oyodlalela enhlanganweni abayilwele kanzima njengoba sekubusa yona ezindaweni eziningi. “Ngisazokhuluma kusekuncane lokhu futhi izikhohlakali ezixova iqembu lethu ngizoziqagula ngamagama uma sekufike isikhathi,” usho kanje.
UNxele uyaphawula
Ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlangothi ziyaphawula, elaboHlanga lithinte uNxele nokhonjwe ngomunwe. Ephendula kulezi zinsolo uNxele uthe akanawo amandla okukhulumela uMnyango Wezamajele njengoba kwaziwa ukuthi usamisiswe kodwa yena uthi kuyamdumaza ukuthi uNgobo ucabanga kanjalo njengoba benomlando bobabili wokusebenza ndawonye nokuthi uke wasolwa ngokuthi ucheme naye uNgubo ngesikhathi eboshiwe.
Basika elijikayo ngoNgubo
Okhulumela i-ANC uMnu uRicardo Mthembu naye uthe bakuthakasela kakhulu ukuthi uMnu uNgubo usazimisele ukusebenzela inhlangano kodwa lokho kuzofanele akwenze ngaphansi kwemigomo yenhlangano angakwenzi lokho ngoba ecabanga ukuthi uzokhanda eyakhe i-ANC.
“Sizwe sekuthiwa kune-ANC kazibanibani,” kusho uMnu Mthembu. Uthe uma ngabe enemibono afuna ukuyiphakamisa eqenjini angeza ngaphambili ngoba empeleni ezinye zezinto azishoyo ziyiqiniso lapho kutholakala ukuthi noma ubani onabalandeli abaningi uzibona esehola iqembu yingakho manje sesinama political school ukuzama ukubhekana nezinkinga ezinjalo.
ElaboHlanga likhuluma nomunye umholi endaweni uthe ukuphuma kukaNgubo akwehli kahle kwabanye. “Le ndoda iyaziwa futhi iyasatshwa ngakho njengoba nenhlangano isazoke ifune abaholi nje angikholwa ukuthi igama lakhe ngeke liqhamuke. Uma eke waqokwa kungahle kusho uguquko ezinhlakeni zeqembu nakumasipala imbala, nguNgubo lo angenza kwenzeke”, kusho lo mthombo othe unxusa ukungadalulwa.