Ulaka emphakathini osolwa ngokuba ngowokufika ehlahlela intombi
Isigameko sangeSonto ezintatha endaweni ebizwa ngokuthi kuseProtea eMbo, eBothas Hill sokubulawa kowesifazane okuthiwa ugencwe ngembazo kaningana ngowesilisa oyisoka lakhe siphinqe saqubula ulaka emphakathini walapha ngodaba lwabokufika.
Umphakathi uthi isoka eligile lo mhlola liphuma ngaphandle kwakuleli. Emuva kokuba umphakathi uzwe ukukhala kowesifazane ogcine ngokuthi athule unikele endlini yalezi zithandani okuyizindlu zomqasho umsolwa engasabonwa.
Ube usuvuja umbhejazane wakhiphela ngaphandle yonke impahla yakhe wayithungela ngomlilo ngaphambi kokutheleka kwamaphoyisa.
ElaboHlanga lifike endaweni yesigameko isimo sisashubile umphakathi uhlangene enkundleni yendawo ukhuza iziqubulo, usho nokusho ukuthi usukhathele izenzo zobugebengu ezithinta abokufika abagcina ngokubaleka bangatholwa ngoba iningi labo abanawo amaphepha asemthethweni okuba kuleli.
Ohlala kule ndawo uNks uSnethemba Mkhize uthe usekude ukukhohlwa yinto abayibonile umuntu abebemazi ebulawa kabuhlungu kangaka ngumuntu abemethembile ehlala naye. Ngesikhathi sokuloba lapha leli phephandaba linqume ukuligodla igama likamufi ngoba umndeni wakhe ubungakatholakali.
Amaphoyisa aseNchanga atheleke kule ndawo isimo sisashubile athe owesilisa osolwa ngokuba ngowangaphandle kwakuleli uhlasele intombi yakhe ngembazo wayigenca yaze yashona emuva kwengxabano. Iphoyisa ebelisendaweni yesigameko elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe basezithendeni zomsolwa ngoba ungumuntu owaziwayo endaweni. Lithe bakwazile ukukhulumisana nomphakathi sadamba isimo.
Ikhansela uMnu uMchunu ofike kusashubile unxuse ukuthula emphakathini wathi bazosebenzisana namaphoyisa ukulwa nobugebengu kule ndawo. Umphakathi utshele ikhansela ukuthi ufuna kube nomkhankaso wokubhekwa kwabokufika abakuleli ukuthi banawo yini amaphepha asemthethweni njengendlela yokugwema ubugebengu. UMchunu uthembise uphakathi ukuthi uzohlela umhlangano ophuthumayo lapho kuzodingidwa khona ngezikhalo zawo.
Udaba lwabokufika lusematheni kulezinsuku njengoba kunomkhankaso oqhutsha yiqembu lezepolitiki i-Operation Dudula noMkhonto Wesizwe Party wokuhambela izinkampani nezindawo ezinabantu bokufika abangenawo amaphepha asemthethweni.
Ngakolunye uhlangothi i-Action SA eTshwane iyaqhubeka nomkhankaso wayo wokudiliza zonke izakhiwo ezikuleli dolobha nangaphandle okuthiwa ngezabokufika ezingekho emthethweni. Emqulwini wezethembiso zokhetho lukazwelonke lwangonyaka owedlule i-Action SA yayikubeke eqhulwini ukulungiswa kodaba lwabokufika. Kusuka eseyiMeya eGoli umholi waleli qembu uMnu uHerman Mashaba wayengahlonizi ukuthi iNingizimu Afrika igubuzelwe ubugebengu, izidakamizwa nokwaphulwa komthetho nje yingoba kunabantu abaningi bangaphandle abangena ngokungemthetho.
Nguye lo mholi owaqala umkhankaso wokuba kukhishwe bonke abokufika emabhilidini amadala enkabeni yeGoli abase bewaphendule amakhaya bewadla ngo ‘dli’. Namanje uMashaba usamile ekutheni abokufika abakuleli ngaphandle kwezimvume kumele babuyiselwe emazweni abo.

