Now Reading
IKomiti lifuna uNgqongqoshe esitikini ngolwe-SAA
Dark Light

IKomiti lifuna uNgqongqoshe esitikini ngolwe-SAA

IKomidi lamaBhizinisi kaHulumeni ePhalamende lithe lifuna uNgqongqoshe uPravin Gordhan adalule yonke imininingwane ngohlelo lwamathenda lokuthola umlingani (equity partner)  weSouth African Airways (SAA).

Ikomiti lithi lizobiza uGordhan ukuthi avele phambi kwalo.

Lokhu kulandela ukuthi abezomthetho ePhalamende batshele ikomiti ukuthi uGordhan wenqabile ukubambisana nophenyo lwabo mayelana nezinsolo zokungahambi kahle ekuhlolweni kwalowo ofake isicelo.

I-Takatso Consortium ibe ngumfakisicelo ophumelele futhi yaba nethuba lokuthola isabelo samasheya esingama-51% kulenkampanini yezindiza.

See Also

USihlalo weKomidi lezamaBhizinisi kaHulumeni, uKhaya Magaxa, uthe, “Kusukela lapha kufanele sibize ungqongqoshe. Yize sikwenzile lokhu, kodwa kumele siqhubeke nokubiza ungqongqoshe. Asikwazi ukuvele siye eKomidini le-Ad Hoc ngaphandle kokuya kulokho okusekelwa kwezomthetho ngendlela yokuthi sibizele umuntu lapha, siphoqelele umuntu ngokomthetho ukuthi enze okuthile. Ngicabanga ukuthi kumele siqale sihambe leyondlela.”

Scroll To Top