Now Reading
Ibhodi elisha le-BSA limisiwe ukuqala umsebenzi omusha ngenxa yomdonsiswano
Dark Light

Ibhodi elisha le-BSA limisiwe ukuqala umsebenzi omusha ngenxa yomdonsiswano

Selihlangabezane nembibizane ibhodi elisha leBoxing South Africa (BSA).

UNgqongqoshe wezeMidlalo eNingizimu Afrika, uZizi Kodwa wethule ibhodi elisha leBSA mhla zingamashumi amabili nesishiyagalombili kuLwezi.

Ibhodi entsha ibophele uSfiso Shongwe, Sakhiwo Sodo, Romy Titus, Luxolo September, Nande Mpshe, Princess Nongoma noMarry Sitati.  

ElaboHlanga selithole izindaba zokuthi abammeli  beNational Professional Promoter’s Boxing Association (NPBA) sebebhalele ihhovisi likaKodwa belazisa ukuthi bayakuvimvela ukuqala kokusebenza kwebhodi entsha. 

“Abammeli bakangqongqoshe wezeMidlalo iMafana and Company Inc ibhalele abammeli beNPBA incwadi efundeka ngokulandelayo. Sawubona umnumzane. Isihloko sakhona sona sifundeka kanje: National Profesional Boxing Association/Minister of Sports, Art and Culture: Case NO: 2023-130465. Siqondise kulolu daba olungaphezulu futhi singaqinisekisa ukuthi simmele ummangalelwa wokuqala (uNgqongqoshe wezeMidlalo). Sicelwe ummangalelwa wokuqala ukuthi ibhodi entsha ingaqali umsebenzi namuhla (njengoba bekufanele) kuze kube lolu daba olufakwe ngummangali loyaphothulwa. Siyethemba konke kusahamba kahle,” kusho le ncwadi esezandleni zelaboHlanga.

See Also

Ibhodi endala bekumele igcine ukusebenza osukwini lwayizolo bese kuthi ibhodi entsha iqale ukusebenza osukwini lwanamuhla.

Njengamanje udaba lusenkantolo okuyiyona ezothatha isinqumo esingujuqu. Ibhodi endala ikhala ngokuthi uKodwa akazange alandele imigudu efanele ngesikhathi ethatha isinqumo sokuyichitha ehhovisini. Yingakho sekuqale lomdonsiswano.

Scroll To Top