Usomabhizinisi uthembisa uBig Zulu induku
Usomabhizinisi waKwaZulu-Natal (KZN), uPhumlani Njilo usongela isihlabani somculo we-Hip Pop, uSiyabonga Nene, odume ngelikaBig Zulu ukumlahla phansi ngomzuliswano wesithathu kule mpi yabo ebhekwe ngamehlo abomvu kusasa e-Olive Convention Centre (OCC), eThekwini.
UNjilo ozalwa yisiqumama uThemba Njilo oke waba yiMeya yaseMsunduzi uphansi phezulu ulungiselela indumezulu yempi yakhe noBig Zulu.
Le mpi ihlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotion. Amathikithikithi ayo abiza i-R150 kanti uma ufuna ukuhlala eduze neringi kumele ukhokhe ama-R800. Atholakala eWebticket nasezitolo zakwaPick n Pay.
Exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile ngaphambi kokubhekana noBig Zulu le nsizwa ithembise ukumqumba phansi ingakapheli imizuliswano emine.
“UBig Zulu ngizomlalisa phansi ngomzuliswano wesithathu. Impi ngeke ihambe ibanga elide. Sengimi ngomumo ukumgingqa. Ngizilungiselele amasonto amane kanti ngizizwa ngingumqemane kakhulu,” kubeka uNjilo.
Lo somabhizinisi ukhule ebukela kuFloyd Mayweather oze wayeka isibhakela engayazi induku, uphinde afaniswe noMike Tyson.
“Amankomane ngikhule ngiwalandela. Bengithanda kakhulu uMayweather noTyson kodwa ubaba ngomunye wabantu abagqugquzele uthando lwami lokungena kulo mdlalo. Ubaba ubegqoka ibhande elimnyama kuKarate. Yilapho ngiqale khona uthando lokulwa noma amankomane,” kuchaza uNjilo okhule edlala ibhola lezinyawo ne-basketball.
Namuhla ngehora lesi-3 ntambama bonke abashayi sibhakela abayingxenye yezimpi zeHlula Dladla Boxing Promotion bazohlanganyela e-OCC ukuzokala isisindo.
“Izinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana bezishaya phansi ngonyawo zithi uBig Zulu anganginabisa. Ngemuva kokubona lezi zinkulumo nempi yakhe eyedlule ngibe sengimfakela inselelo wabe eseyamukela. Yingakho ngoMgqibelo (kusasa) sizohlangana eringini,” kubeka uNjilo.
Isasasa lokulwa kosaziwayo luqale ngesikhathi uCasper Nyovest ebhekene noNaak Musiq ngonyaka odlule eSuncity, eNorth West.
“Impi yethu noBig Zulu izobuyisa isasasa lezamankomane iphinde ibuyise nabalandeli lapho kusuke kuliwa khona. Ngaleyo ndlela lo mdlalo uzokwazi ukuheha abaxhasi ukuze labafana abasakhula bakwazi ukukhokheleka ngendlela ebafanele khona nabo bezophila izimpilo ezingcono,” kulandisa uNjilo.
Phambili uNjilo useke walwa izimpi eziyisikhombisa. Usahlulwe kanje vo.
“Uma sengiqedile ngoBig Zulu ngibheke ukuphinde ngibe yingxenye yezinye izimpi uma kuqala unyaka,” kucacisa uNjilo.
Ngosuku lwezimpi uzobe esekwa ngumndeni wakhe okubalwa unkosikazi wakhe u-Ayanda Njilo namadodakazi akhe uZoey noMilani.
Izimpi zeHlula Dladla Boxing Promotion ezibizwa ngeMpi (This War) zimi kanje:
SA Title, Middleweight:
- Mapule Ngubane v Rita Mrwebu
WBA Pan Title, Featherweight:
- Lindelani Sibisi v Sange Ngoza
KZN Title, Junior Middleweight:
- Siphiwe Mbhele v Phikelelani Khumalo
Middleweight (10 rounds):
- John Bopape v Patrick Mukala
KZN Title, Bantamweight:
- Siboniso Gonya v Mduduzi Mzimela
KZN Title, Lightweight:
- Sandile Dumsani v Siphesihle Mntungwa
Junior Featherweight (6 rounds):
- Lukholo Ndlangalavu v Mxolisi Zuma
Mini Flyweights (4 rounds):
- Nhlakanipho Kunene v Bongelanizulu Zulu
Junior Featherweights (4 rounds):
- Melokuhle Ndlela v Sakhile Hlatshwayo
Flyweights (6 rounds):
- Siboniso Maseko v Nkosingiphile Sibisi
Junior Flyweights (4 rounds):
- Mncedisi Duze v Andile Mbatha
Flyweights (6 rounds):
- George Kandulo v Sanele Mhlungu