ISouth African Association of Forwarders ishayele uhulumeni ihlombe ngesinqumo sawo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth African Association of Freight Forwarders isishayele ihlombe uhulumeni ngokubona inkinga abayibona ikhungethe inkampani kahulumeni yezokuthutha iTransnet.
Lokhu kulandela ukuthi uMnyango Wezezimali Kazwelonke umemezele phambilini ukuthi inkampani i-Transnet izothola ukulekelelwa ngemali eyizigidigidi ezingama-R47 ukuze uqede izikweletu zayo. Lenkampani ike yabhekana nezinselele ezinkulu zokusebenza, ezezimali kanye nezokuphatha ezikhathini zakamuva-nje futhi ibikuthola kunzima ukufeza indima yayo.
UMike Walwyn onguMqondisi Wezindaba Zasolwandle kwiNhlangano YaseNingizimu Afrika Yabathumeli Bempahla (South African Association of Freight Forwarders) uthe ngalesinqumo “kuhle ukubona uhulumeni ekubona ukuphuthuma kwalento, inkinga yangempela futhi iphuthuma kakhulu. Mayelana nenani lemali yokulekelela), cishe uhhafu wayo owokukhokha ngicabanga ukuthi lokho abakubiza ngokuthi yizidingo ezisheshayo futhi engingacabanga ukuthi ukukhokhela izikweletu ezithile kanye nezidingo ezijwayelekile zokusetshenziswa nokungena kwemali.
“Yini abayidingayo ukuze amachweba asebenze kahle? Umbuzo onzima ukuwuphendula futhi kade sasisho ukuthi ngokubona kwethu, ukuphela kwesixazululo esingaphakama manje, isixazululo sesikhathi eside salokhu, ukusebenzisana komphakathi kanye nezinkampani ezizimele, futhi angikhulumi ngokwenza lenkampani ukuthi izimele qekelele. Kwenziwa ngempumelelo kwezinye izindawo eziningi, ikakhulukazi eMozambique, asikho isizathu sokuthi kungani kungakwazi ukusebenza lapha”, kusho uWalwyn.