Now Reading
Zisayime emthumeni kubaphathi baMakhosi ngoqweqwe lomqeqeshi
Dark Light

Zisayime emthumeni kubaphathi baMakhosi ngoqweqwe lomqeqeshi

Ingase isale incela izithupha iKaizer Chiefs embangweni woqweqwe lomqeqeshi waseSpain, uRaul Caneda. Lo mqeqeshi oke wayibamba ku-English Premier League nakuSpanish La Liga ubefunwa ngaMakhosi.IChiefs ayinaye umqeqeshi. UCavin Johnson nguyena obambe izintambo okwesikhashana eNaturena. Leli qembu elibhekene nesomiso sezindebe lisanda kukhomba uMolefi Ntseki indlela. Imithombo yelaboHlanga itshele leli phephandaba ukuthi iZamalek iyona ingase iwine umbango wokusayinisa uCaneda.

“UCaneda usifakile isicelo somsebenzi kuChiefs. UKaizer Motaung Junior noBobby Motaung bawathandile amagalelo akhe. Ngemuva kwalokho kodwa abakaze baphinde baxhumane nemenenja yakhe,” kusho umthombo othembekile. UCaneda uqale ukuzakhela igama kuSpanish La Liga emaqenjini afana noReal Sociedad ne-Almeria. Uyibambe amasizini amabili kuSociedad ngaphambi kokufudukela ku-Almeria.

“Ngesonto eledlule ubambe umhlangano neziphathimandla zeZamalek. Umhlangano ube yimpumelelo. Leli qembu laseGibhithe belisafuna ukumazi kangcono. Lihlabeke umxhwele. Ngesonto licele imenenja yakhe ukuthi ithumele izimfuno zakhe. Yingakho iChiefs kubukeka izosala incela izithupha,” kuqhuba umthombo ngalo mqeqeshi.

NgoMsombuluko iZamalek ixoshe umqeqeshi wayo uJuan Carlos Osiri odabuka kwelaseColombia. UMo’tamid Gamal nguyena ozobamba izintambo okwesikhashana.

“Le nsizwa iyayazi ingcindezi yokusebenzela amaqembu amakhulu. ESuadi Arabia isebenze emaqenjini afana ne-Al Ittihad ne-Al Nassir okuyizinkunzi zamaqembu. KuManchester City ibihlaziyela uPep Guardiola,” kuchaza umthombo.

IChiefs sekuphele iminyaka izama ukuthola umqeqeshi uzoyilethela impumelelo. Selokhu yagcina ukunqoba isicoco ngo-2014/15 idonsa kanzima. Ngemuva kokuhlukana noStuart Baxter isilande uSteve Komphela, Giovanni Solinas, Enerst Middendorp, Gavin Hunt, Baxter, Arthur Zwane noNtseki. Bonke la baqeqeshi bafika badonsa kanzima.

See Also

“IChiefs kuzomele inyuse amasokisi uma izimisele ngokuphazamisa iZamalek. Njengamanje iyona ezihola phambili kulo mbango wamaqembu amabili ahlonishwayo e-Afrika,” kubeka umthombo.

IZamalek nayo ayizange iqale kahle. Iyibambe endaweni yesishiyagalolunye ku-log. Ngakolunye uhlangothi, Amakhosi asevele aselahlekelwe yizicoco ezimbili selokhu kuqale isizini entsha. Aphume kowandulela amanqamu eMTN8 ekhishwa yiMamelodi Sundowns. Kuthe kusenjalo agilwa AmaZulu kuCarling Black Label Knockout. Embangweni wesicoco seligi asevele asele emuva kakhulu kuSundowns.Amathemba eChiefs okunqoba isicoco kule sizini asele kuNedbank Cup.

Kusasa iChiefs izotholana phezulu nomkhaya bayo i-Orlando Pirates koweDStv Premiership. 

Scroll To Top