UNtinga uthi uMkhambathi FC uzicabele indlela yempumelelo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlalo obhekwe kakhulu abazowudlala eMnambithi neDrakensburg
UMondli Ntinga ongumqeqeshi woMkhambathi FC okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, ukholelwa ukuthi babe nepre-season enhle. Leli qembu selidlale imidlalo emithathu yeligi, liyinqobe yonke.Liphinde lawaqwaqwada emakhanda onke amaqembu aku-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup. “Ungabuza noma ubani ukuthi ukuze ube nesizini enhle kumele ipre-season yakho ibe yinhle. Sizamile ukulungisa amaphutha esiwenze ngesizini edlule, sadlala imidlalo yesihle namaqembu asesigabeni esiphezulu. Konke lokho kusisize kakhulu ukuthi sivule kahle, ngiyazi kusasekuseni kodwa sizimisele nokuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle” kusho uNtinga.Kule mpelasonto uMkhambathi FC uzolibhekisa eMnambithi lapho uyobhekana khona neDrakensburg nayo engakayitholi induku kule sizini. “Lo mdlalo uzoshuba kakhulu, kwazise amaqembu womabili imidlalo yawo asayinqobe yonke. Ngenhlanhla sababona bedlala kowandulela owamanqamu okuhlungela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup. Bayiqembu elithakwe ngabadlali abahle kakhulu” usho kanje.Lo mqeqeshi othathe izintambo ekuqaleni kwesizini, uthe bafuna ukulungisa amaphutha amancane asemumva nadala ukulokhu bengenelwa amagoli. “Inhloso kule sizini ukuthi iqembu lethu kube yilo elimela isifundazwe iKwaZulu-Natal, emdlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship. Ingakho amaphutha into esingayifuni nhlobo, sifuna ukuqoqa amaphuzu kuze kube isekugcineni” kunaba uNtinga. Leli qembu njengoba lisethubeli lokungena kwiLast 32 yeNedbank Cup, nangesizini edlule ligcine lifinyelele khona kodwa uhambolalo lwaba lufishane kakhulu. Laphuma kuyona iLast 32 lihlulwa iCasric Stars. “Sifuna ukuwuguqula umlando wokuthi sangena kwiLast 32 yeNedbank saphuma ekuseni. Kulokhu sizimisele ukudlulela esigabeni esilandelayo, noma sesingaliwashake ijezi” kubeka uNtinga. Khonamanjalo seligqabukile igoda phakathi kaMafa Zuma neNewcastle All Stars, lo mqeqeshi uhambe kukeli qembu esaqeqesha imidlalo emithathu yeligi. Emdlalweni ehlezi ebhentshini unqobe owodwa wahlulwa kwemibili. Ubeqashwe ekuqaleni kwesizini esuka kwiSummerfield Dynamos. Omakoti iDlangezwa Hellenic FC ixoshe lonke ithimba layo labaqeqeshi, lokho kwenzeke ekuqaleni kwesonto. Kulabo baqeqeshi kubalwa uThami Ngubane, uNcebo Zulu, uKay Kay Mhlungo, uShoes Biyela noMadoda Zulu. Leli qembu kuvele ukuthi selizoqeqeshwa uPapi Zothwane nozolekelelwa umfowabo uNhlanhla.