Now Reading
Ubashiye bekhexile u-Olwethu evimba kwasani 
Dark Light

Ubashiye bekhexile u-Olwethu evimba kwasani 

Unozinti osemncane u-Olwethu Mzimela udonse amehlo abantu abaningi ngempelasonto edlule ngesikhathi esiza iBafana Bafana iqeda endaweni yesithathu kumqhudelwano iCosafa Cup. UMzimela oneminyaka yobudala -22, udlale into ecokeme ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neZambia, emdlalweni ophelele kumaphenathi kunqoba elakuleli.

Ukwenza kahle kukaMzimela kuze kwenza nomqeqeshi uMorena Ramoreboli wathi ungomunye wonozinti abasazovimba eqenjini. ElaboHlanga likhulume noMusa Langa okade engumqeqeshi wonozinti waMaZulu FC. ULanga uqeqeshe uMzimela kusukela esavimbela inkulisa yeLamontville Golden Arrows. 

“Ngiyambongela kakhulu (u-Olwethu) Mzimela. Engingakusho kade atshengisa ukuthi unalo ikhono, kusukela eneminyaka eli-18 besekubonakala ukuthi lomfana khona into enkulu anayo. Inkinga abantu abaningi bebengamunaki ngoba esemncane. Kungijabulisile ukubona enikezwa ithuba kuBafana Bafana” kusho uLanga. 

Lo mqeqeshi eminyakeni edlule wavimba ku-AmaZulu FC kanye nakuBaqulusi (I-African Wanderers). Ngaphambi kokujoyina AmaZulu FC, waqale wasebenza nezinkulisa Lamontville Golden Arrows iminyaka nahlala kuyona iminyaka eli-13.

Kwabanye onozinti abasebenze noLanga uRicardo Goss ovimba kuSuperSportUnite, uSiyabonga Mbatha noNkosingiphile Gumede abakwi-Arrows. 

“Lo mfana ngiyafisa athathe lokhu akwenzile eqenjini iBafana Bafana njengesikhuthazi sokuthi aqhubeke nokwenza kahle. Isikhathi sakhe manje sokuthi aqhubeke nokuzibonakalisa” usho kanje uLanga.

UMzimela kuMaZulu FC uzobanga ijezi noVeli Mothwa kanye noJean-Noel Amonome okhuze ibuya kuleli qembu ebuya kuThongathi FC abebolekiswe kulona. 

Eqhuba uLanga uthe: “Imivuzo yokusebenza kanzima kwakhe lena. Uphuma ezikhathini ezinzima kakhulu, njengoba ithuba lokudlala engalitholi. Besikhuluma naye ngimkhuthaze ukuthi usuku lakhe luzofika. Phezu kokungadlali ubeqhubeka esebenza kanzima. Namanje ngikholwa ukuthi noma ngingasekho eqenjini uzoqhubeka nokuzimisela” kusho uLanga. 

See Also

ULanga usanda kuhlukana noSuthu oluhambise bonke abaqeqeshi, isikhala sakhe sivalwe uWayne Sandilands.

“Ukuhlukana kwami noSuthu akungiphethe neze kabi. Ngiyakuqonda ukuthi ilowo nalowo mqeqeshi ufuna ukusebenza nabantu bakhe. Ngiyabonga kuMaZulu FC, ngakho konke angenzele khona. Ngadlala kuwona ngenza ibanga lesi-9 ngineminyaka eli-18, emvakwalokho angenzela into engingasoze ngayikhohlwa okuwungifundisa ekubeni ngibe uthisha kuyimanje ngineminyaka ngifundisa ePhakama Senior Primary School KwaMashu” kusho uLanga. 

Ephawula  ngesibalo  esincane sonozinti bakuleli abavimba kuPremier Soccer League (PSL) uthe: “Kumele sisebenze kakhulu emazingeni aphansi. UKhune  noMeyiwa bavimba kwizinkulisa, bawenza amaphutha baze baba ngonombolo-1 emaqenjini abo. Ilento okumele siyenze akunikezwe onozinti bakuleli abancane, bekhuliswe ngendlela. Kulihlazo ngempela lokhu okwenzakalayo, yokuba nesibalo esincane sonozinti bakuleli” kuphetha uLanga. 

Scroll To Top