Kungekudala angase abonakale esedansa nezinyoni uMalesela
Ukhonjwa kuSwallows FC uDan “Dance” Malesela, okuvela ukuthi angase avale isikhala sika-Ernst “Mazinyo” Middendorp.
Izinyoni zivika izembe kuDSTv Premiership. Zihlezi endaweni ye-14.
UMiddendorp ufake incwadi yokwesula ngoLwesibili ebusuku kuSwallows. Ubuyela kwelakubo eGermany.
Umthombo welaboHlanga ozazi zonke ezithinta iZinyoni utshele leli phephandaba ukuthi uMalesela uhamba phambili kubaqeqeshi abangase bathathe lo msebenzi wokucija iSwallows.
“UMalesela kubukeka kunguyena ongase athathe izintambo zokupheka iSwallows. Abaphathi beqembu sebexhumene nemenenja yakhe. Izingxoxo ziqale ngoLwesithathu ekuseni. Abaphathi beSwallows basathukile ngesinqumo sikaMiddendorp. Yonke into ibihamba kahle futhi benethemba lokuthi uzokwazi ukubavikisa izembe. Ubeza kahle kakhulu. Bavele baphithana amakhanda efaka incwadi yokwesula. Nokho zonke izikhulu zeqembu zibukeka zimuzwa ngaphakathi uMalesela,” kuchaza lo mthombo.
Njengamanje uMalesela uhlezi ekhaya ngemuva kokuhlukana neMarumo Gallants ayifake kweyamaqoqo eCaf Confederation Cup.
“Okubeka uMalesela ethubeni elihle lokuthatha lomsebenzi wukuthi usebenze nenqwaba yabadlali abalapha kuSwallows. Lokhu kuzokwenza kubelula ukuthi abadlali basheshe babambe isitayela sakhe. Okwesibili wukuthi akaqali ukuthatha iqembu elilwela ukuvika izembe. Uke wayisindisa iChippa United neMarumo Gallants phambilini. Konke lokhu yikona okumbeka ethubeni elinconywana lokuthatha lo msebenzi kubaqeqeshi abafake izicelo. Kunenqwaba yabaqeqeshi bangaphandle nabo abafake izicelo zalo msebenzi,” kubeka umthombo.
UMalesela wazakhela igama kuChippa United ngokudlalisa ibhola elinenkosi phakathi.
Wafika kuTS Galaxy waqopha umlando eyiwinisa iNedbank Cup isadlala kuMotsepe Foundation ngowezi-2019. Wathela othulini iKaizer Chiefs kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Njengamanje uDan nezikhulu zeSwallows kanjalo nemenenja yakhe sebebhunga ngendaba yeholo lakhe nenkontileka ukuthi kuzoba eyesikhathi esingakanani. Uma sebevumelene ngayo yonke into kungase kuphele impelasonto esethulwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi omusha weqembu,” kusho umthombo.
Usihlalo weSwallows uDavid Magoshoa ethintwa ngalolu daba uthe:”Sizokhipha isitatimende uma sesiqede yonke into. Njengamanje ngihlezi nenqwaba yezicelo. Sisazicubungula. Ngemuva kwalokho sizobe sesithatha isinqumo.”
UMalesela unqabile ukuphawula ngalolu daba.
“Imenenja yami iyona eyenza umsebenzi wokungitholela umsebenzi. Okwamanje ibingakasho lutho. Ngizolinda yona.” kushaya uMalesela ngamafuphi.
NgoLwesihlanu, iSwallows izodudulana neLamontville Golden Arrows eDobsonville Stadium, eSoweto, eGoli.
Ngeledlule inenebulwe ngo 4-1 emdlalweni wabakhaya baseSoweto.