Now Reading
IMeya iyala abaseMlalazi ngobumqoka bamaTvet
Dark Light

IMeya iyala abaseMlalazi ngobumqoka bamaTvet

IMeya kaMasipala waseMlalazi uNkk uTheodorah Xulu, ukhuthaze intsha ngokuthi ingazinyezi ngokuthi iyofunda kumaTvet College.

UNkk uXulu usho lokhu ngesikhathi kade kukonyeliswa abafundi abaphumelele umatibuletsheni nyakenye. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi eShowe Townhall.

“Abafundi kumele bayeke ukuzixwaya ngokwenza izifundo kumaTvet College. Lezi zikhungo ziwusizo kakhulu entsheni ngoba ziyifundisa ukwenza imisebenzi yezandla. Lapho ngibala ukwenza ugesi, ukwenza ikhanda, ukupheka nokukhanda amapayipi amanzi nokunye. Njengoba kunzima ukuthola imisebenzi kulesi sikhathi intsha efundele imisebenzi yezandla kuyenzeka ikwazi ukuzikhandela inkece ngokuzisebenzela yona ingalindi ukuqashwa ezinkampanini ezithize,” kusho uNkk Xulu.

Kulo mcimbi obekugcwele inqwaba yentsha eqhamuka ezindaweni ezehlukahlukene zangaphansi koMlalazi, kukonyeliswe abafundi abali-10 ababaqwaqwade bonke emakhanda (Abaphase ngamaphesenti ali-100). Kuphinde kwahlomula izikole eziphase ngawo amaphesenti ali-100, okukhona iGratton College, iGala High School, i-Eshowe High School, i-eMoyeni High School, iMphezeni High School neHhashi High School.

Kulezi zikole ezinhlanu ziqhamuma ezindaweni zasemakhaya.

Akugcinanga lapho kuphindwe kwakonyeliswa  abafundi abangaphezu kwabangama-60 ngemfundaze nemifaniswano wesikole ezinganeni zesikole ezingaphezu kwekhulu ezingaphansi kukaMasipala.

See Also

UNkk Xulu uphinde washayela ihlombe othisha ngokulekelela intsha ekutheni yenze kahle. Wabalula nokuthi bewuMasipala bazoqhubeka nokusebenzisana nabafundi abaphumelele kahle, ukubakhuthaza.

Omunye obehambe lo mcimbi uMnu uSanele Zondo oyilungu le-Inkatha Freedom Party (IFP) ePhalamende nophinde abe ngusihlalo wentsha wayo i-IFP.

UMnu uZondo naye uncome kakhulu othisha, wagqamisa nokuthi fuze ingabe ibona abahola kakhulu ngoba mukhulu kakhulu umsebenzi abawenzayo ukufundisa ingane kusukela isancane kuze kube iyoqeda umatibuletsheni.

Scroll To Top