IKwaZulu-Natal ithi soze yajijinyezwa yiGauteng ngoMashatile



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
USihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uMnu uSiboniso Duma, uthe ngeke baphoqwe ngezinye izifundazwe ukuthi beseke uMnu uPaul Mashatile esikhundleni sokuba yiphini likamengameli. Lokhu kuvele njengoba i-ANC ilungiselela ingqungquthela yayo yama-55 eNasrec eGoli.
UKhongolose KwaZulu-Natal uthe usaxoxisana nezinye izifundazwe ukuqinisekisa ukuthi i-ANC iphuma ingebumbene ngemuva kwengqungquthela. Njengoba kusondela ingqungquthela ezinye izifundazwe – okuhlanganisa iLimpopo neGauteng – ziphakamise uMashatile ukuthi abe yiPhini likaMengameli, okuyisikhundla esiphethwe uDavid Mabuza.
Kodwa uDuma, uthi ukunxenxa abantu kusaqhubeka, kuze kube uZibandlela zili-16 lapho kuqala ingqungquthela. Uthe i-ANC ngeke ikwazi ukuba nobuholi bonke obuqhamuka eGauteng, ngoba iqembu kufanele likhombise ukwehluka.
“Isifundazwe saseGauteng asinalungelo nje lokusiphoqa, sicela ningasiphoqi – wozani enkundleni, sikhulume. Ngoba kungani kumele simeseke lowo osekwa yini ozongenela ukhetho uma nina ningameseki oqokwa yithi, ngabe isiko le-ANC belinjena. Lokhu akufani noKhongolose ukuthi kube isifundazwe esisodwa esithola izikhundla eziphezulu eqembini. Asiyi engqungqutheleni yesifundazwe saseGauteng, yingqungquthela kazwelonke – ngakho kumele samukele umoya wokuqinisekisa ukuthi asihlukene siyimbumba.”
KweleNdlovukazi uKhongolose uphakamise uDkt uZweli Mkhize esikhundleni sikaMengameli we-ANC. Khonamanjalo, uDuma uthi babheke ukulungisa omasipala besifundazwe ukuze kuthuthukiswe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.
I-ANC eKZN ibonakale yehlelwa ukwesekwa ngabantu okhethweni olwedlule lohulumeni basekhaya okuholele ekutheni ilahlekelwe abanye omasipala.
Kuke kwaba neziphakamiso zokuthi kukhishwe uMnu uMxolisi Kaunda esikhundleni sokuba yiMeya kuMasipala weTheku, ngenxa yokwehluleka kwakhe ukuletha izidingo kubantu.