Now Reading
UNcobeni uzimisele ukulwela inkontileka entsha
Dark Light

UNcobeni uzimisele ukulwela inkontileka entsha

Isikhwishikhwishi seRoyal AM uJabulani “JB” Ncobeni, ufuna ukulwela inkontileka entsha njengoba ekhona izophela makuphela isizini yowezi-2022/23.

UNcobeni ungomunye wabadlali abafike ngesizini edlule kuleli qembu lesiqumama esinguShawn “MaMkhize” Mkhize, besuka kwiBloemfontein Celtic.

“Inkontileka yami iyaphela ekupheleni kwesizini, ngalokho uma sibuya ekhefini kumele ngilwe ukuze izovuselelwa. Ngizizwa ngisekhaya lapha kwiRoyal AM. Konke kulele kumina, akekho umuntu ongakunikeza inkontileka ungazimisele” kusho uNcobeni.

Lo mdlali odabuka eMgungundlovu oneminyaka yobudala engama-29, ubanga indawo nabadlali abaningi okubalwa uDomingues Pelembe, uMfundo Thikazi ongaconsi phansi kubalandeli, uTebogo Potsane, uKabelo Mahlasela, uMenzi Masuku asuka nabo kwiCeltic bese kuba uPhila Mzila.

Ebuzwa ngokuthi kungani kule sizini kubukeka ithwala kanzima iRoyal AM uthe: “Iqiniso ukuthi asiyiqalanga kahle isizini, engikubona kuyisizathu salokho ukudlala imidlalo njalo emva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu. Lapho ngibala nemidlalo yase-Africa, okunye ukulinyalelwa abadlali abaningi abamqoka. Kodwa leli khefu lizosisiza ekutheni siphumule kancane, nalabo abalimele balulame kahle” usho kanje.

IThwihli Thwahla (iRoyal AM) kulogi ihlezi endaweni yesi-9, emva kwemidlalo eli-12 inamaphuzu ali-16. 

Ngaphambi kokugijima kwiRoyal AM neCeltic uJB odle ngebhola lomjiko, uke wayibamba kwiLamontville Golden Arrows, iThanda Royal Zulu anqoba nayo iligi yeMotsepe Foundation Championship, iMaritzburg United na-AmaZulu FC.

See Also

KuMaZulu FC ilapho uNcobeni agqama khona, abantu abaningi benethemba lokubona eya kude kunobhutshuzwayo nokuhamba kwakhe kuwona kwamangaza abaningi.

“Ukuhamba kwami kuMaZulu FC akuxatshwananga, ngiyazi abaningi babenethemba lokuthi ngizoqhubeka kuwona njengoba ngangenza kahle. Inkontileka yaphela, kwasho ukuthi kufika izikhulu ezintsha neCeltic nayo iyangifuna kwaba ukuhamba kwami” kusho uNcobeni.

IRoyal AM izobuya ekhefini ibhekane neCape Town City, kumdlalo oyoba mhla zingama-30 kuZibandlela eCape Town Stadium.

Scroll To Top