Now Reading
Iqhubekele phambili iBrazil kweyoMhlaba
Dark Light

Iqhubekele phambili iBrazil kweyoMhlaba

Omphetha beNdebe YoMhlaba bangonyala wezi-2002 iBrazil izibekisele indawo koweLast 16 kulo mqhudelwano obanjelwe eQatar.

IBrazil ihlule iSwitzerland ngegoli elilodwa eqandeni emadlalweni obubanjelwe eStadium 947. Womabili la mazwe aye kulo mdlalo enethuba lokuthi adlulele phambi uma ewina njengoba eyiwinile imidlalo yawo yokuqala. Amaphuzu ayisithupha aseqoqwe iyona iBrazil iwona aqinisekise ukuthi idlulela phambili njengoba ishaye iSerbia ngo 2-0 emdlalweni wokuqala.

Kwenzeka lokhu nje vele iBrazil iyona ebiyizimfivilithi zokuthi iqede phezulu eqoqweni layo. Njengoba ibibhekene neSwitzerland igoli enqobe ngalo livalelwe phakathi uCasemiro ngomzuzu wama-82 lapho bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela zibambene ngeqanda nhlangothi zombili njengoba bekungabonakali kukhola ithuba elingashaya igoli. 

Elinye iqembu eselizibekisele indawo kowomkhumulajezi iFrance evikela isicoco nayo ebivele ibhekiwe ukuthi iqede phezulu. 

NgoLwesihlanu iSamba Boys izodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo nalapho izobhekana neqembu lalapha e-Afrika iCameroon. ICameroon kumele izame ukuwuwina lo mdlalo ukuze izibeke ethubeni lokudlulela phambili.

ICameroon yona ibuye kunzima ngesikhathi idlala ngokulingana ngamagoli amathathu neSerbia. Komunye umdlalo iGhana ibuyise amathemba ase-Afrika ngesikhathi ihlula iKorea Republic ngamagoli amathathu kwamabili.

See Also

Kumele iBlack Stars (iGhana) ibonge uMohammed Kudus, lo mdlali ushayele lelizwe amgoli amabili kulo mdlalo ngomzuzu ka-34 noka-68, kanti elinye lize noMohammed Salisu ngoka-24. 

IGhana kowokugcina izovovana inkani ne-Uruguay nalapho okuzomele nakanjani inqobe ukuze idlulele esigabeni esilandelayo

Scroll To Top