Usazimisele ngokuzuza okuningi kumphebezo umfo kaSkhosana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Yize esezuze izinto eziningi kuthenisi kwabahamba ngesihlalo esinamasondo u-Alwande Skhosana, uthi kuningi asazibekele khona kuleminyaka ezayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga eseTurkey, kumqhudelwano i-ASPENDOS Open noqale mhla zili-13 wasongwa mhla zili-16 kwephezulu. Manje usebheke imiqhudelwano emithathu yokusonga unyaka ezobanjelwa khona eTurkey.
ITBESF Open ezoqala namuhla ngoLwesihlanu isongwe zingama-21, oweMTA Open uzoqala mhla zingama-23 usongwe mhla zingama-26 owokugcina kube owe-Antalya Open wona ozoba mhla zingama-28 usongwe mhla lulunye kuZibandlela.
“Aziziningi izinto engifisa ukuzizuza, kodwa zona zinkulu ngalokho zidinga ukuba ngiqhubeke nokusebenza kanzima. Engikufisayo ukuthi nginqobe iGrand Slam okungenani eyodwa kulawa amane akhona, nginqobele iNingizimu Afrika indondo yegolide kowamaParalympics. Kanti okukhulu kakhulu ukuthi ngihlale kunombolo-1 emhlabeni jikelele,” kusho uSkhosana.
Yize ekhuliswe endaweni entulayo, kodwa uSkhosana odabuka eMlazi akazange avumele lezo zimo ukuthi zivimbe amaphupho akhe. Lo mfundi oneminyaka engu-22 ubudala waseNyuvesi yasePitoli okwamanje uhleli endaweni yama-30 emhlabeni kanti uhlezi phezulu ohlwini lwabalapha e-Africa.
Wazinikela kwezemidlalo kusukela esemncane njengoba ebambe iqhaza emidlalweni eminingi eyahlukene kokugxila kwelomphebezo. Uke waba yingxenye kwiwater polo, ibhola lomnqakiswano nebhola likanobhutshuzwayo.
“Okwangikhuthaza kakhulu ukuthi ngangifuna ukukhombisa abantu abaningi abaphila ngokukhubazeka ukuthi uma ukhubazekile akukho ongakwazi ukukwenza ngakhetha ukudlala umdlalo ngamunye. Lokho kwaba isinqumo esingcono kakhulu kumina ngoba ngikwazile ukuba ngomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni,” usho kanje.
Nonyaka unqobe umkomelo weSportsman of the Year with Disability esifundazweni iKwaZulu-Natal. Lo mdlali osebenzisa isandla sokudla, ngoNhlaba ubesePortugal koweWorld Team Cup nadlala khona imidlalo emihlanu wanqoba emine.
Uthe uziqeqesha kahlanu ngeSonto. Ebuzwa ngokuthi ngabe uyakuthola yini ukwesekwa okwanele iWheelcair Tennis South Africa (WTSA) uthe: “Engikuthola kwi-TSA kuncane kakhulu, ngoba bangikhokhelela ukuthi ngikwazi ukuziqeqesha nanokuthi ngidlale umqhudelwano owodwa ngaphandle ngonyaka. Uma ungumdlali odlala esigabeni esiphezulu uyadinga ngonyaka ukuthi udlale imiqhudelwano eli-12 kuya kweli-16,” usho kanje uSkhosana oqeqeshwa uGerald Stoffberg.
Izikhathi angasoze azikhohlwa ilapho ekleliswa kunombolo-2 kumaJunior emhlabeni, kanti lapha e-Afrika wayengunombolo-1 engakaze ehlulwa eminyakeni emithathu.
Umdlalo angasoze awukhohlwa, inyakenye ngaso lesi sikhathi sonyaka lapho wayekeliswe kunombolo-76 emhlabeni kodwa wakwazi ukuhlula uMartin de la Puente waseSpain owayekeliswe endaweni yesi-9 emhlabeni ngaleso sikhathi manje ukeliswe kweyesikhombisa. Emdlalweni endaweni enkundleni eyiClay (eyakhiwe ngamatshe amancane) udlale imidlalo engama-40 wahlulwa kweli-15, enkundleni ejwayelekile unqobe eli-114 wahlulwa kwengama-58.
Ngamalungiselelo ale mqhudelwano yokusonga unyaka uthe: “Awahamba kahle neze ngoba bengiziqeqesha enkundleni ejwayelekile, ekubeni ngizodlala kweyiClay. Okwenze lokho izinkundla eziyClay zibuqamama nalapho engihlala khona manje bekuphoqa ngiziqeqeshe kwejwayelekile. Kodwa ngeke ngivike ngalokho ngizimisele ukwenza kahle ngiqhubeke nokuphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika,” usho kanje.
Uthe kukhona konke akwenzayo ubonga isibindi sakhe, nokumenza athande inkosi yezilwane ibhubesi ngoba nalo linesibindi. Walahlekelwa unina esemncane kanti uyise akamazi, wabe esekhuliswa ugogo wakhe. Kulo mdlalo uzifela ngomdlali waseSpain uRafael Nadal.