UMabuza ukhuza ukwehlukana kwababeyibambe ehlathini



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IPhini likaMengameli wezwe, uMnu uDavid Mabuza, usenxuse omakadebona bezempi ukuthi bakhulume ngazwi linye futhi bagweme ukukhiphela ngaphandle ngokusho ukuthi babengaphansi kwayiphi inhlangano yenkululeko phambilini.
Ubekhuluma ngesikhathi exoxisana nomakadebona bezempi eThekwini bedingida izingqinamba zomnotho wezenhlalo ezibhekene nabo omakadebona. Ngesikhathi kuqala umhlangano abanye omakadebona bezempi basabise ngokuphazamisa umhlangano besola uMabuza nohulumeni ngokunganaki inhlalakahle yabo.
UMabuza ungusihlalo weThimba likaMongameli iPresidential Task Team on Military Veterans elasungulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuze liphendule ngosizi lwabo (omakadebebona) abalokhu beluphakamisa nohulumeni. Uthe omakadebona bezempi akumele babandlululane ngokwezinhlangano zabo zenkululeko phambilini.
“Kubo bonke ososeshini esisebenzisana nabo kumele nazi ukuthi kukhona iqhawe lempi yenkululeko. Kumele ubameme emhlanganweni njengoba nami ngibamema. Engikwaziyo ukuthi umholi wamaqhawe empi yenkululeko uLwazi, ukhona omunye umuntu. Kufanele sibhekane nezindaba ezinithinta nonke futhi singabashiyi ngaphandle abanye abantu ekuhambeleni umhlangano. Ngoba izinto ezinjalo ziyasibambezela kungenasidingo.”
Uthi ukuhluleka ukuholela omakadebona bempesheni yabo kusenesikhathi kudalwe ukubambezeleka koMnyango wamaMilitary Veterans.
“Sikhuluma noMnyango Wezobusha ukuthi lempesheni bayihole ngoZibandlela kodwa bayadlala. Sibe nemihlangano eminingana nabo. Basitshela ukuthi kukhona abamatasa ngakho, ngavuma, kodwa kuthathe isikhathi eside. Ngifuna lempesheni ikhokhwe mhla lulunye kuZibandlela.”