Akavumelani nesinqumo seNkantolo eNkulu uMvikeli Womphakathi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMvikeli woMphakathi osamisiwe u-Adv uBusisiwe Mkhwebane akavumelani nesinqumo senkantolo njengoba ephindela eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape komunye umzamo wokuzama ukubuyela esikhundleni.
UMkhwebane ufake isicelo esiphuthumayo sokuthi adlulise isinqumo seNkantolo eNkulu kuleli sonto esichithile isicelo sakhe esiphuthumayo sokubuyela emsebenzini. INkantolo eNkulu inqume ukuthi isinqumo sayo sangoMandulo esathi ukumiswa kwakhe akuvumelekile futhi akukho emthethweni kumele siqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo ukuze sisebenze.
UMkhwebane uthole ukunqoba ngenyanga edlule ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu imemezele ukuthi ukumiswa kwakhe kuphambene nomthetho. Nokho leso sinqumo siphikiswa yiDemocratic Alliance (DA) kanye noMengameli Cyril Ramaphosa.
UMkhwebane usephikisana nencazelo yeNkantolo eNkulu yokuthi isinqumo sayo kumele siqinisekiswe yiNkantolo. Uphikisa emaphepheni asenkantolo ukuthi alikho iqembu eliphakamise udaba lokuqinisekiswa kweNkantolo, futhi ibhentshi eliphelele alizange liluveze lolu daba ngesikhathi efaka isicelo esiphuthumayo. Lokhu bekuyimpendulo yesinqumo seNkantolo eNkulu sokuthi asikho isidingo sokuthi ibeke ngokusobala esinqumweni sayo sikaMandulo sokuthi lesi sinqumo kuzomele siqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo.
Ukuqinisekiswa yiNkantolo yoMthethosisekelo
UMkhwebane uthe inkantolo yenza iphutha ngokuphindaphinda ukusho ukuthi lesi sinqumo asinawo amandla noma umphumela kuze kube ukuqinisekiswa kweNkantolo yoMthethosisekelo. Ngoba uma lesi sinqumo singenamphumela, akumele iDA noMengameli badlulise icala.
UMkhwebane uphinde waphikisana neNkantolo eNkulu, ethi “kuyiphutha” ukulindela ukuthi abathintekayo basebenzise “umqondo ophusile” ngokuthatha ukuthi isinqumo sizoqinisekiswa lapho uNobhala(registar) engazange ahumushe isinqumo njengesidinga ukuqinisekiswa yiNkantolo yoMthethosisekelo.
Uqhuba ngokuthi unobhala akazange ayalelwe ukuba adlulisele isinqumo seNkantolo Ephakeme eNkantolo yoMthethosissekelo kuze kube ukuphela kwesikhathi esinqunyiwe sezinsuku ezili-15 siphelile ngenxa yokuthi iNkantolo Ephakeme ayizange iveze lokho kunobhala.
UMkhwebane uphethe ngokuthi lolu daba “luphakamisa ukuvikelwa kwesikhashana” kwelungelo lakhe lokusebenza. Khonamanjalo, iNkantolo yoMthethosisekelo kulindeleke ukuthi ilalele i-DA kanye nesikhalo sikaMengameli futhi icubungule ukuqinisekiswa kwesinqumo seNkantolo eNkulu ngomhla zingama-24 kuLwezi.