Now Reading
Kusize ukuzwa kwamaphoyisa ukuze kushaqwe izidakamizwa kwabaseNigeria
Dark Light

Kusize ukuzwa kwamaphoyisa ukuze kushaqwe izidakamizwa kwabaseNigeria

Amaphoyisa ophiko olulwa nokushushumbisa izidakamizwa kuMasipala waseTshwane ashaqe inqwaba yezidakamizwa ebezihlelwe ukuthi ziyodayiswa emigwaqeni yaseCenturion.

Amaphoyisa kamasipala alunywe indlebe, ngabathize emva kwalokho ebe esebopha abasolwa abali-11 ngokudayisa inyaope ashaqa izidakamizwa zenani elilinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-R700 000.

Bonke abasolwa abangabokudabuka eNigeria abaneminyaka ephakathi kwengama-31 kuya eminyakeni engama-50 ubudala baboshelwe ukutholakala kanye nokudayisa izidakamizwa.

IMeya uRandall Williams uthe amaphoyisa ophiko lwezidakamizwa alunywe indlebe ngokuthi kukhona osendleleni oyohambisa inyaope ePierre Van Ryneveld, eCenturion.

UWilliams uthe amaphoyisa aye alinda endaweni nangempela kwafika owesilisa okuthiwe uzoletha izidakamizwa emzini othile wabe esekhalelwa amasango kaSigonyela khona lapho. Lona wesilisa ube esekhipha abanye asebenzisana nabo.

“Ube esethatha amaphoyisa ewayisa ezindlini zakhe ezimbili, eyodwa esePierre Van Ryneveld nenye eseGarsfontein lapho kutholwe khona amadoda ayishumi epakisha izidakamizwa,”  kusho uWilliams.

See Also

Abasolwa baboshiwe bayiswa esiteshini samaphoyisa iGarsfontein. IMeya income amaphoyisa kamasipala ngomsebenzi wawo.

“Ngithanda ukubonga izikhulu zeTMPD ngokwenza umsebenzi oncomekayo ukuvikela imiphakathi yethu kanye nentsha ezidakamizweni. Kubalulekile ukuthi sonke sisebenzisane ukuqinisekisa ukuthi iTshwane ayibi inhlokodolobha yenyaope nezinye izidakamizwa,” kubeka uWilliams.

UWilliams uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ubike emaphoyiseni uma kukhona okwenziwayo okungekho emthethweni.

Scroll To Top