Imbedumehlwane yeziteleka: Abasebenzi bakahulumeni ngala noTransnet ngapha



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uma kuya ngokuthi isiteleka esihlelelwa isonto elizayo sabasebenzi bakahulumeni abangaphansi kwenyunyana iPublic Servants’ Association (PSA) siyaphumelela, izwe nomnotho kungashayeka kakhulu njengoba kuze kube yimanje singakatholakali nesixazulu esitelekeni esiqhubekayo sabasebenzio bakwaTransnet.
NgoLwesithathu ubuholi bePSA bumemezele ukuthi ngesonto elizayo abasebenzi abangaphansi kwenyunyana bazobeka phansi amathuluzi njengoba sebekubeke kwacaca ukuthi abahambisani nesiphakamiso sikahulumeni sokukhuphuma amaholo ngama-3%.
Le nyunyaka inabasebenzi abalinganiselwa kuma-235 ezweni. Siye koshicilela kusaqhubeka izingxoxo nohulumeni zokuthi iqale imibhikisho kusuka namuhla ngezikhathi zamadina, ngaphambi kukakhukhulelangoqo wangesonto elizayo. Isiteleka esikhulu sabasebenzi bakahulumeni ezweni sagcina ngonyaka wezi-2010. Kwaphazamiseka izikole nezinye izikhungo zikahulumeni.
IPSA ibonakala ingasigqizi qakala isinqumo senyunyana enkulu yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) sokwamukela ukunyuselwa ngama-3%. Ngesonto eledlule iSadtu ithe ayizukuba yingxenye yesiteleka ngoba yanelisekile ngesilinganiso somqashi sokwenyusa amaholo.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uhulumeni ubemi kuma-2%, kodwa iPSA yashaya phansi ngonyaka njengoba egcine enyuke ngephesenti elilodwa wafinyelela kwamathathu. IPSA ithathe lolu daba yaluhloma kumalungu ayo okuyiwo athe kungamane angenele isiteleka kunokwamukela lokhu akubize ngamakinati.
ISigaba sama-69(4) soMthetho Wezabasebenzi iof the Labour Relations Act ukubeka ngokusobala ukuthi, uma kunokuvumelana kwinyunyana ngokubhikisha ngezikhathi zamadina, ukhomishana obhekene nokuxazulula kumele enze imizamo yokuthola isivumelwano kwinyunyana nomqashi ngalokho okungavunyelwana ngakho.
IPSA iphakamise ukuthi kube nokuchitshiyelwa kweminye yemibandela, uhulumeni wacela ukunikwa isikhathi sokubhekisisa le mibandlela okukhulunywangayo. Izinhlangothi zombili zivumelene ngokuthi lingakashoni elanamuhla uhulumeni uzothumela impendulo ebhalwe phansi, ngaphambi kokuba kubhekeke ukuba namuhla zinikeze izimpendulo ezibhalwe phansi, bese inyunyana iyaphendula.
IPSA isamile ekutheni iminyango yayo isavulekile uma uhulumeni esazimisele ngokuxoxisana nayo. Lesi siteleka uma siqhubeka singashaya kuzwele kuhulumeni njengoba kuqhubeka nesakwaTransnet esishaye kakhulu amachweba amakhulu ezweni awumgogodla womnotho.
Kusongwa isonto nje izinto zihamba ngolonwabu echwebeni laseThekwini, eRichards Bay, eGqeberha nakwamanye njengoba ukungena nokuphuma kwempahla kuphazamisekile. Khonamanjalo iPhini likaMengameli weSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu) uNkoketse Sepogwane uthe kuyishwa ukuthi isiteleka sakwaTransnet sesibe nomthelela omubi kwezomnotho.
ISatawu ifuna ukunyuselwa amaholo phakathi kwe-12% ne-13% kanti uTransnet uzimisele ngokunyusa amaholo ngama-3%. Phambilini, iSatawu ne-United National Transport Union (Untu) bathi imizamo yokusungula imithetho yokuphikisana nokuteleka ayiphumelelanga. NgeSonto, iNkantolo Yezabasebenzi isichithile isinqumo esiphuthumayo sakwaTransnet sokuthi isiteleka simenyezelwe njengesingavikelekile.
USepogwane uthe bazamile ukuxhumana nohulumeni ukuthi angenelele ezingxoxweni zabo zamaholo nomqashi kodwa ukukhala kwabo kwangezwakala.