Ubonakala evikela uCele buthule uMapaila
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP), uMnu uSolly Mapaila uthi abafuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuu uBheki Cele ehle esikhundleni kumele baqhamuke nesixazululo esihlukile mayelana nezinga eliphezulu lobugebengu kuleli.
Lokhu kulandela ukwanda kweziphakamiso zokuthi uCele ehle esikhundleni noma axoshwe uMengameli uCyril Ramaphosa. UMapaila ubethula inkulumo yesikhumbuzo yaminyaka yonke yengqalabutho yomzabalazo uRuth First eJohannesburg City Hall ngeSonto ntambama. Enkulumweni yakhe uthe udaba lobugebengu ezweni luyinkinga yomphakathi ngakho akumele kwenziwe ukuthi lugxile kumuntu.
“Laba abathi akahambe uBheki Cele abakaze banikeze isisombululo etafuleni. Mababeke isixazululo esibambekayo etafuleni. Sifuna ukuhlela imiphakathi yethu ukuze izivikele. Sifuna kuqiniswe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa angaba nezinsiza ezanele zokuvikela imiphakathi yethu. Umuntu ungena kuphi lapho,” kusho uMapaila.