Igalelo labesifazane boHlanga kwezeSayensi


Ugcwaninga lwa-2020 lwe-STATS SA luveza ukuthi kuna-23% wabantu besefazene kumkhakha we-STEM (scinece, technology, engineering and mathematics), u17% wabo usezikudleni eziphezulu.. Lezi zibalo ziyaqinisekisa ngempela ukuthi abantu besifazane bayingcosana kumkhakha weSayensi. Umbuzo uthi yini imbangela yalokho?
Ngabe abantu besifazane abayithandi iSayensi neZibalo na? Kulengosi sizobheka izizathu eziholele ekutheni abantu besifazene babe yingcosana kumkhakha weSayensi neZibalo. Siphinde silande umlando ngeqhaza elabanjwe abesifaze bohlanga kumkhakha weSayensi neZibalo.
Umlando uthi lombhindlango wokucubungulwa nokuqoda kwemvelo nempilo kusetshenziwa iSayensi neZibalo uqale ngama-1600 kuya ko-1700. Lesikhathi sibizwa ngokuthi iAge of enlightment. Kulengosi engeke singxile ukuthi le-enlightment babeyithathephi futhi bebekade bephila kanjani ngaphambilini. Kuthiwa ongoti abaningi abahloniphekile emikhakheni eyahlukahlukene bavela ngazolezinkathi ze-enlightment. Okubuhlungu ukuthi usiko mpilo lwasentshonalanga belingabavumeli abantu besefazene ukuthi babeyigxenye yocwaningo nokuthuthukiswa komkhakha weSayensi neZibalo. Yingakho uma ufunda izingcwadi esikoleni kukancane uthole umuntu wesifazane ebalwa njengabaye babasunguli bezifundo zeSayensi neZibalo. Angisayiphathi ke eyabohlanga, abeveli nangokho.
Konke lokhu kubandllulwa kwabesifazane kwakuyinto yamasibomu ngoba iningi lamadoda esentshonalanga eyekholwelwa ukuthi umuntu wesifazane unomqondo wengane akakulungele ukucubungula izinto eziculile ezikumkhakha weSayensi neZibalo.
Lolusikompilo lasabalala kanyekanye nombuso wasetsonalanga waze wafika nakhona la kwizwekazi laseAfrika. Okungangokuba ama-university aseAfrika esikhathi eside bebengekho osolwazi bantu besefazane emkhakheni weSayensi neZibalo. Lapho sifaka nabo abesifazane abadabuka emazweni asentshonalanga. Okwabohlanga bekuba qwa qwa. Umkhankaso we-feminism yayilwela lokho kubadlululwa kwabesifazane basemazweni asentshonalanga. Ngokuhamba kwesikhathi kwangcina sekungenelele nabesifazane bohlanga. Inhloso yakulanda lomlando ukuveza ukuthi izibalo ezincane zabantu besifazane esizibona kumkhakha weSayensi neZibalo ziwumphumela wosiko mpilo lasentshonalanga lokubandlulula nokungcindezelwa komuntu wesifazane.
Ngabe usiko mpilo lwabohlanga luyambisana nokungcindezelwa kanye nokubandlululwa komuntu wesifazane uma kuya kumkhakha weSayensi neZibalo? Ukuphendula lombuzo sizobheka iqhaza elambajwa imbokodo yabohlanga ekusungulweni nasekuthimuthukisweni kweSayensi neZibalo kusekela endulo kuzekube imanje. Kusanda kutholaka ugalo wemfene obhalwe imigqa emifishaye ewu-29, lelithambo litholakale ezintabeni zaseliBombo eduze nomngcele weSouth African ne eSwatini. Lelifaagugu kusolwa ukuthi lineminya evile kweyi-60 000 lakhiwa. Abahlaziyi basola ukuthi lemigqa ewu-29 ilingana nezinsuku ezise nyangeni eyodwa. Okunye abakuphawulile ukuthi lelithomba lakhiwe chishe ngokufanayo nethambo ekuthiwa iShango Bone, lona ekusolakala ukuthi lineminyaka elinganiswela kweyi-30 000.
Womabili lamathambo anemiqa ewu-29, kodwa ishango ineminye imiqa ebhaliwe. Abahliziyi basola ukuthi lamathambo ayesetshenziswa abantu besifazane ukulaba nokulandela izinsuku zabo zokuya esikhathini. Lomlando usikhombisa ukuthi abantu wesifazane bohlanga maningi abathuba okuthi kungayibo abasunguli beSayenzi neZibalo.
ISanusi uVusamazulu Mutwa kwenyezingxoxo zakhe ezitholakala kuYouTube, uyakuvela ukuthi umuntu wesifazane ubehamba phambili uma kuyiwa kulwazi lwenkanyezi nomkhathi ngangokuba ikhalenda lokuqala labohlanga liqanjwe ngenye yezithunywa zikaMenzi, uMazisakazi. Ngokomlando waseKhemu, umthetho olawula ukusebenza kwemvelo uvela kwiNdlovukazi uMaa’t. Ngisho uphawu olusetshinsiswa kwezomthetho, lolu olune-balance scale, lususela kwiNdlovukazi uMaa’t. Igama elithi mathematics (mat + mat), lisuselwa kuMaa’t. Yonke imithetho sesintu isisuswela kuMaa’t, njenga lo othi “umuntu ungumuntu ngabantu”. Ngiso imiyalelo eyishumi icashunwe kuyo imithetho kaMaa’t. Ongoti abahlayiza ulimi bathi isiqu segama eli-Maa’t, okuwu-Ma, lisho uthombo wolwazi, ulwazi. Lomlando nalolulwazi lusivezela ngokusobala ukuthi umuntu wesifazane nguye umsunguli weSayensi neZibalo.
Ziningi izibonelo ezikhombisa igalelo elibanjwe umuntu wesifazane woHlanga kwiSayensi.