Now Reading
Thokola themba ngezakhiwo zesikhashana kwabagileka ngezikhukhula esifundazweni
Dark Light

Thokola themba ngezakhiwo zesikhashana kwabagileka ngezikhukhula esifundazweni

nguSabelo Maphumulo

Kufuze ingabe ihleka yodwa imindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula esifundazweni iKwaZulu-Natal kakhulukazi eThekwini ekuqaleni konyaka njengoba kuvele izindaba zokuthi seluqalile uhlelo lokuhlolwa kweziza iningi layo isakhoseliswe ezakhiweni zomphakathi emva kokucekeleka phansi kwemizi yayo.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba maphakathi nesonto, kwethulwa indawo okuzokwakhiwa kuyo izindlu zesikhashana, eReservoir Hills, uNdunankulu waseKZN, uMnu uSihle Zikalala, uthe ziyisishiyagalombili izindawo eseziqokiwe eThekwini, ezilungiselelwa ukuthi kwakhiwe kuzo izindlu zesikhashana eziyi-1 074.

Ezinye izindawo okuvele ukuthi kuzokwakhiwa kuzo lezi zindlu, iseCottonlands, eVerulam, okuzokwakhiwa kuzo ezingama-356, eNtuzuma ezili-138, eRoodekrans ezingama-99, ePemilton ezingama-80, ise-Uitkoms, eKlaarwater, eLange Fontein, naseNtshongweni.

“Isifundazwe sinezikhungo ezikhoselise umphakathi okhahlanyezwe yizikhukhula ezingama-84. Ezingama-44 kuzona, abahlala kuzo sebevele batholeliwe indawo abazokwakhelwa kuyo. Izindlu ezizokwakhiwa, ziyisixazululo sesikhashana, okuzothi ngokuhamba kwesikhathi, bakhelwe izindlu abazohlala kuzo ngokugcwele kuzona lezi zindawo zikaHulumeni abahlala kuzo,” kusho uZikalala.

Izikhukhula zacekela phansi imijondolo eku-Annet Drive, kanti kuthiwa bathathu abaguguleka nemfucuza, ababili babo batholwa sebeshonile kwathi ingane eneminyaka eyisishiyagalombili, yangatholwa.

UZikalala uthe izindlu zesikhashana ezizokwakhiwa kule ndawo ezingeke zibhekelele kuphela ababalelwa ema-60 abasuswa kule mijondolo bakhoseliswa eTruro Hall, eWestville, kodwa kuzothathwa nabanye abasala baqhubeka nokuhlala kulezi zakhiwo ezisosebeni lomfula.

See Also

Uveze ukuthi bekunezinkinga ngokutholwa kwezinye izindawo okuzokwakhelwa kuzo abakhahlanyezwa izikhukhula njengoba ezinye zezakhamizi bezimasha zigxeka ukwakhelwa kwabantu ezindaweni eziseduze kwemizi yazo, zikhala ngokuthi kuzokwehlisa intengo yemizi.

UNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uMnu uJomo Sibiya, ugcizelele ukuthi uhlobo lwezindlu zesikhashana olwakhiwayo, lunikeza isithunzi esifanele kubantu yize lenzelwe ukukhoselisa imindeni ekhahlamezekile.

Scroll To Top