UMengameli uRamaphosa uthi akungahalazelwa akulindwe uphenyo ngePhala Phala



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse ukuthi kwehle umoya ezindabeni ezithinta ukugetshengwa kwepulazi lakhe eliseLimpopo. Ipulazi likaMengameli Ramaphosa iPhala Phala selibhekwe ngabovu ngemuva kwezinsolo zokwebiwa kwezigidi ezi-$4 kule ndawo.
Lesi sigameko senzeka ngoNhlolanja wezi-2020. Ekhuluma eceleni kwesikhumbuzo soSuku Lwentsha eMthatha e-Eastern Cape ngoLwesine, unxuse isizwe ukuthi silinde uphenyo olugcwele ngalolu daba.
URamaphosa uthi, “Asivumele izinqubo zenzeke futhi ngithe manje ngalesi sikhathi ngike ngezwa izeluleko ngisho kumalungu ePhalamende nabanye abantu ngathi asiyiyeke le nto yenzeke bese kuthi ngesikhathi esifanele iyaphathwa.”
AmaHawks
NgoLwesithathu, lowo owayeyizinhloli u-Arthur Fraser uhlangane noKlebe ukuze abasize ophenyweni lwabo ngesikhalo sakhe ngoMengameli Ramaphosa. UFraser unikeze oKlebe imininingwane eyengeziwe kanye nemininingwane ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo. Uthe uyabubonga ubunyoninco kanye nesivinini oKlebe abaphendule ngaso esikhalweni sakhe, esihlobene nezinsolo zikaMengameli Ramaphosa zokufihla ukwebiwa kwemali epulazini lakhe eliseLimpopo.
UFraser uvulele uMengameli uRamaphosa icala lobugebengu ekuqaleni kwale nyanga mayelana nokweba. OKlebe bakuqinisekisile ukuthi bahlangane noFraser ukuze banikeze eminye imininingwane ngophenyo olubhekene noMengameli Ramaphosa. Lowo owayengumphathi wezinhloli uthe uMengameli wabufihlela iziphathimandla icala ngesikhathi abasolwa bethunjwa baphonswa imibuzo ngaphambi kokuba bakhokhelwe ngokuthula kwabo icala.