Now Reading
Intsha yaseMsinga icetshiswe ngezengqayi
Dark Light

Intsha yaseMsinga icetshiswe ngezengqayi

Kube injabulo yodwa entsheni yaseMsinga ngesikhathi ithola ithuba lokuba icetshiswe emkhakheni wezamafilimu, ithelevishini, ukudidiyela, ukubhala kanye nokulingisa.

Lengqungquthela  ebizwa ngoMsinga Film & Indaba, ibiyizolo ngoLwesine eMphelankani Entertainment  Centre. Ngokusho kweMeya yaseMsinga uMnu Mletheni Ndlovu, umkhandlu wamakhansela akhona eMsinga yiwo oqhamuke nesinqumo sokuthi kube nale ngqungquthela.

“Uma sithi sifuna uguquko kule minyaka emihlanu singenile ehhovisi nokuthuthukisa intsha nomphakathi, sikhuluma ngezinto ezifana nalezi. UMsinga kawusafani naseminyakeni edlule kwezemfundo. Sigqugquzela ukuthi kungabikhona imikhakha esizosala ngaphandle kuyona. Inhloso enkulu ukuthi sifuna ukuzigqaja ngezingane zethu ezizothuthuka, zingene emikhakheni nale ngoba kuzowuphakamisa uMsinga” kusho uNdlovu.

Phakathi kwesinkampani eziyingxenye yale ngqungquthela i-etv, iSouth African Broadcasting  Corporations (SABC), iDStv, iTikTok, iShowmax, iNYDA, iNemisa neMeta.

UNdlovu uthe kusabelomali sakhona eMsinga, ikhona imali ebekiwe yokusiza intsha ukuthi iqhubekele phambili kule mikhakha.

ElaboHlanga liphinde lakhulu noMnu uSifundo Masimula okhulumela uMasipala waseMsinga. Uthe lengqugquthela izoyisiza kakhulu intsha, iphinde iphakamise umnotho wakhona.

“Kuyajabulisa ukuthi siwumkhandlu silokhu siyilekelela intsha yakithi. Okuhle ukuthi le ngqungquthela ihanjelwe intsha vele enothando emkhakheni wezengqayi nokudidiyela. Nakanjani sizimisele ukuyilekelela intsha ukuqhubekela phambili. Into esiyilwelayo ukuthuthukisa intsha yethu kwezengqayi” kusho uMasimula.

Uqhube wathi ukwanda kwentsha yaseMsinga kwezengqayi kuzokwenza ezokuvakasha zithuthuke, lokho kuzobe kusho ukuza komnotho kule ndawo.

See Also

Umdlalo obuthokozelwa kakhulu obuvezwa kuMzansi Magic, iSibaya ubuqoshelwa kuyo le ndawo. 

Intokazi ekhulume nelaboHlanga uLuyanda Dlamini, uthe bayalibonga kakhulu ithuba abalithole izolo.

“Kuyintokozo esikwenzelwe uMkhandlu, siyintsha sithanda izinto ezingafani thina njengoba sithole ithuba lokwazi kwangcono ngezamafilimu. Angifuni ukuqamba amanga esikufunde lapha kuzosisiza kakhulu ukuya phambili. Sifisa ukuba isibonelo esihle entsheni elandela emva kwethu. Kuyongijabulisa ngelinye ilanga ukuthi ngibe ngomunye wabantu abavela kuthelevishini ohlelweni olukhulu” kusho uLuyanda.

Scroll To Top