Isicelo sosizo ngezinhlekelele zezikhukhula KwaZulu-Natal



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni waKwaZulu-Natal ufake isicelo sokusizakala ngezigidigidi ezili-R17.8 esikhungweni sokulawulwa kwezinhlekelele kuzwelonke. UNdunankulu uSihle Zikalala, owethula umbiko ngenqubekelaphambili yesifundazwe, utshele abezindaba eNtshongweni, eThekwini, ukuthi izikhukhula ezicekele phansi ngoMbasa nangoNhlaba zingadla imali elinganiselwa ezigidigidini ezingama-R25. ITheku nezindawo ezakhelene nalo kube yisizinda sezikhukhula ezicekele phansi ngoMbasa nangoNhlaba. Bangaphezu kwezi-8 000 abantu abalahlekelwe izindlu zabo, kwathi izindlu ezingaphezu kwezi-13 000 zacekelwa phansi kancane.
Phambilini uHulumeni wesifundazwe uthe uhlose ukwakha izindlu zesikhashana ezingaphezu kwe-1 800 kodwa wavuma ukuthi lo msebenzi ubambezelekile ngenxa yokungatholakali komhlaba nezithangami zokwakha zifuna umsebenzi. Kuze kube manje, kwakhiwa izindlu zesikhashana ezingama-206 endaweni yaseThekwini.
Imindeni emibili yasendaweni yaseNtshongweni, ebiphakathi kwagilekile abasale dengwane, ithole izindlu zesikhashana zokuhlala ngeSonto. UThembekile Qathikazi, ongubaba wezingane eziyisikhombisa, uthi sesibuyile isithunzi sakhe. “Ngiyajabula ukuthi ngizolala embhedeni wami ngemva kokuchitha izinyanga ehholo. Ngiyasijabulela isipho esivela kuHulumeni sokuthi sizokwazi ukuba nendawo yokuhlala.”
Bangaphezu kwezi-85 000 abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula. UHulumeni uthi isibalo sabashonile sesinyuke safinyelela ema-461, kanti izidumbu ezingama-23 bezingakahlonzwa. Isibalo sabantu abalahlekile simi ema-87.
UZikalala uthi: “Lokhu kwenza isamba esifakwe isicelo sibe yizigidigidi ezili-R17. 8 weminyango ehlukene KwaZulu-Natal namademeshe kamasipala. Isifundazwe sikutholile ukubonga ngalokhu, njengoba ukuqinisekiswa okuzimele kwesicelo sethu kwenziwe yi-ejenti yokweseka ingqalasizinda kamasipala (i-Misa) kanye nonjiniyela boMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko. Sikholelwa ukuthi uHulumeni kazwelonke njengamanje ulungisa lezi zicelo futhi sizozizwa kuzo ezinsukwini ezizayo.”
UZikalala uthi ucwaningo luveze ukuthi bangaphezu kwesigidi esiso-1.3 abantu abahlala ngaphansi kwezimo zezikhukhula eThekwini.