Ukuzimisela kuzosidalela amathuba kwawomhlaba


Akanalo uvalo lokubhekana nezibabuli zabadlali abayibamba emaqenjini amakhulu phesheya kwezilwandle umdlali weBafana Bafana u-Ethan Brooks.
IBafana izodudulana nompetha bomhlaba iFrance emdlalweni wesihle ozoba ngoLwesibili ngele-10 ebusuku eLille, eFrance.
UBrooks uzogadulisana nabadlali abafana noN’Golo Kante weChelsea yase-England, u-Adrien Rabiot ogijima kuJuventus kwelamaNtaliyane noPaul Pogba weManchester United yekwelamaNgisi.
Exoxa nelaboHlanga, uBrooks ogijima kuTS Galaxy FC yaseMpumalanga ukubeke kwacaca ukuthi akangenwa yintola emadolweni njengoba ezobhekana nezihlabani zabadlali abadume umhlaba wonke.
“Yebo, sizobe sibhekene nezihlabani zabadlali abagijima emaqenjini amakhulu phesheya kwezilwandle. Anginalo uvalo. Uma ngithola ithuba ngizimisele ngokulibamba ngezandla zombili. Ngiyethemba le midlalo emibili izokwenza umehluko empilweni yami. Asikho isidingo sokuthi sithuke. Leli yithuba lokuzidayisa ngoba cishe umhlaba wonke uzobe uthamele lo mdlalo,” kusho uBrooks.
Namuhla ngelesi-6 ebusuku, iBafana izoshukana neGuinea kowesihle eBelgium.
“Ngijabule ngokubizelwa kuBafana Bafana. Lena yimidlalo emibili emqoka kithina. Sizoyisebenzisela ukulungiselela imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon). Imidlalo yokuhlunga iyaqala ngoNhlangulana,” kuqhuba uBrooks.
IBafana ihluleke yancama ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba ezoba ngoZibandlela eQatar.
Nasekuqaleni konyaka ibingabonwa nangokhalo ku-Afcon ebiseCameroon. Njengamanje iBafana isilungiselela iNdebe YoMhlaba yowezi-2026 ezoba se-USA.
UBrooks uqale ukudlala ezingeni elikhokhelayo ngesizini edlule. Ngemuva kwalokho akabanga esabheka emuva. Ngonyaka odlule usize iBafana yakhala yemuka nesicoco seCosafa Cup.
“Akusiyona into elula ukugcina umgqigqo kodwa akukho engingakwenza. Ukwenza kahle kuletha udumo. Phezu kwalokho abantu balindela lukhulu kuwena. Ingcindezi angeke uyibalekele kodwa akuyona into engiyifaka ekhanda. Okumqoka ukusebenza kanzima nokwenza okusemandleni ami. Okunye nokunye kuzozenzekela,” kubeka uBrooks.
Lo mdlali kuke kwavela ukuthi ucathanyelwa ngamaqembu amakhulu afana noMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. “Okwamanje umqondo wami ukuTS Galaxy. Ngisenenkontileka neTS Galaxy futhi ngizibophezele ekusizeni iqembu ekutheni liphume ezembeni. Isifiso sami esikhulu wukudlala phesheya kwezilwandle. Ngingathanda ukudlala eSpain noma kwelamaNgisi,” kusho uBrooks.
Iqembu lakhe iRockets alihlezi kahle kuDStv Premiership. Leli qembu lilwela ukuvika izembe. Lihlezi endaweni yesibili uma usuka ekugcineni. “Asililahlile ithemba. Sizokulwa kuze kube sekugcineni. Kufanele sibambisane. Imidlalo iyancipha. Umdlalo nomdlalo usufana nowamanqamu kithina. Yingakho kumele siqale siqoqe amaphuzu. Siyaqonda ukuthi angeke kubelula ukuphuma kulesi simo esibhekene naso kodwa angingabazi ukuthi uma siyimbumba sizophuma kulesi simo.” kubeka uBrooks.