Now Reading
Izinkinga zeChiefs ngeke ziqedwe ukupheka uthulula abaqeqeshi – Kannameyer
Dark Light

Izinkinga zeChiefs ngeke ziqedwe ukupheka uthulula abaqeqeshi – Kannameyer

Akayizwa eyokukhonjwa indlela kukaStuart Baxter owayegijima kuKaizer Chiefs, uDavid Kannameyer.

Ingcindezi iningi kakhulu kuBaxter ojoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini. Ufike wadliwa kowamanqamu eCaf Champions League ethelwa othulini yi-Al Ahly yaseGibhithe. Kuthe kusenjalo waqunjwa phansi yiMamelodi Sundowns kuMTN 8 nakhishwa kuyona emzuliswaneni wokuqala. Kube ngesifanayo nakuNedbank Cup lapho iChiefs iwashiswe ijezi yiTS Galaxy FC evika izembe.

Kulogi ihlezi endaweni yesithathu, isele ngamaphuzu ali-16 kuSundowns eqhwakele. Lokhu kusho ukuthi iChiefs ilengela engozini yokuqeda isizini ngaphandle kwesicoco.

UKannameyer owanqoba izicoco ezimbili zeligi neChiefs utshele elaboHlanga ukuthi akasiboni isidingo sokuthi uBaxter akhonjwe afika ngayo kuleli qembu elidonsa ngodizili.

“Indaba yokushintshashintsha abaqeqeshi angeke izilungise izinkinga zeChiefs. Kunini iqembu lishintsha abaqeqeshi? UBaxter akasiyona inkinga kuChiefs. Ngiyaqonda ukuthi abalandeli sebejwayele ukunqoba izicoco. Ngakho esikhathini esiningi ababinaso isineke. Ukwakha iqembu kwesinye isikhathi kuthatha iminyaka. Abamnike isikhathi uBaxter. Phambili uke walinqobela iqembu izicoco. Ngikholwa wukuthi uma enganikwa isikhathi bese ethengelwa abadlali beqophelo eliphezulu, iChiefs izobuyela ezingeni layo eminyakeni ezayo. Ukushintsha uBaxter angeke kuqede izinkinga zeChiefs,” kubeka uKannameyer owanqoba izicoco zeligi eziyisithupha ngesikhathi esadlala.

IChiefs sekuphele iminyaka eyisikhombisa manje yagcina ukuphakamisa isicoco. UBaxter nguyena owagcina ukulethela leli qembu impumelelo. Ngowezi-2014/15, wakhala wemuka nesicoco seligi neMTN8.

Kusukela lapho iChiefs ayiphindanga yanqoba izicoco. Phakathi kwabaqeqeshi abahluleke bancama wukunqoba izicoco singabala uSteve Komphela, uGiovani Solinas, u-Ernst Middendorp noGavin Hunt.

“Ngokwami ukhona umehluko selokhu uBaxter ethathe izintambo zokuqeqesha. Uthole iqembu ebelidonsa kanzima ngesizini edlule. IChiefs idinge usuku lokugcina ukuze ingene kuTop 8. Njengamanje singakuqinisekisa ukuthi bazoqeda kuTop 8. Bangaze bazibekisele ngisho indawo emiqhudelwaneni yeCaf. Ngokwami lezo izimpawu zokuthi kukhona lapho iqembu elibheke khona. Yebo, emiqhudelwaneni yemikhumulajezi, iqembu alizange lenze kahle kodwa emidlalweni yeligi lenza kangcono uma siqhathanisa nesizini edlule. Uma iqembu lakhiwa kabusha kuba kanjalo,” kuqhuba uKanammeyer.

ISundowns isethubeni lokuzinqoba zonke izicoco ezikhona kule sizini. Isivele isiqukule isicoco seMTN8. KuDStv Premiership ivule igebe lamaphuzu ali-16 kanti kuNedbank Cup isanda kuzibekisela indawo kumaQuarterfinal.

“ISundowns akulona iqembu elihamba phambili eNingizimu Afrika ike yaba sesimeni esifanayo neChiefs. Nayo yayishintsha abaqeqeshi ubuthaphuthaphu kodwa lokho akuzange kuyisize. Kwayisiza ukubekezelela uPitso Mosimane ogcine ehlale iminyaka eqenjini ngemuva kwalokho izicoco zalandela. Buka phesheya kwezilwandle kwenzeka into efanayo nakuManchester United. Akushintshashintsha abaqeqeshi akulethi izicoco. Kunalokho uzolokhu uthenga abadlali baphinde bahambe. Phela nabaqeqeshi abafani. Bafuna abadlali abangafani,” kuchaza uKannameyer.

See Also

Ekuqaleni kwesizini iChiefs ilande abadlali abafana noKeagan Dolly, uNjabulo Ngcobo noKgaogelo Sekgota.

“Okunye engikhala ngakho yindlela iqembu elithenga ngayo. Kunabadlali abaningi ababathengile kule minyaka eyishumi eyedlule abangakufanele ukugqoka ijezi leChiefs. Noma ngubani manje usengayidlalela iChiefs. Ngezikhathi zethu bekumele ubenekhono eliyisiphesheli ukuze ukwazi ukudlalela iChiefs,” kulandisa uKannameyer.

Abalandeli beChiefs bamfuna ehambile uBaxter uma kuphela isizini. Bafuna iphini lakhe u-Arthur Zwane anikwe ithuba.

“IChiefs inayo imali. Inkinga abafuni ukuyisebenzisela ukuthenga abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Balinda abadlali baphelelwe yizinkontileka bese befuna ukubasayinisa. ISundowns ithola bonke abadlali ebafunayo. Ayinawo umbango. Yingakho nasemidlalweni yeligi ingenawo umbango. Uma iChiefs isasabela imali futhi ishintsha abaqeqeshi izinsuku zempumelelo zisesekude neqembu.” kuphetha uKannameyer.

Scroll To Top