Wala ukushintsha ubuzwe uMahlangu enxenxwa yiSweden


Akayizwa eyokubuyela eNingizimu Afrika ozakhele udumo kuBafana Bafana nasemaqenjini aphesheya kwezilwandle uMay Mahlangu.
Lo mdlali odabuka eSecunda, eMpumalanga akakaze adlale kuPremier Soccer League (PSL) empilweni yakhe.
Wasuka kuStars of Africa Academy okuyinkulisa kalowo owaduma kwiKaizer Chiefs uFarouk Khan wajoyina iHelsingborg IF yaseSweden. Kuleli qembu udlale amasizini amane. Ubefana nenkosi kwazise useke waqokwa njengomdlali ovelele eSweden, washaya igoli elivelele waphinde waqokwa njengomdlali wezemidlalo ovelele.
IStars of Africa Academy ngaphandle kokukhiqiza uMahlangu abanye abadlali abavela kuyo uTokelo Rantie okewadlala kuBafana Bafana, uSibusiso “Mado” Khumalo, uSuprise Ralani okuyimanje udlalela iMamelodi Sundowns noThibang Pete odlala kuligi enkulu ePortugal.
Exoxa nelaboHlanga, uMahlangu ucacise ngezizathu ezenza angathandi ukubuyela ekhaya.
“Iminyaka yami isangivumela ukuthi ngidlale phesheya kwezilwandle. Okwamanje angisiboni isidingo sokuthi ngibuye ngizodlala kuPremiership. Yebo, abekhona amaqembu akuleli abengithinta kule minyaka eyedlule efuna ngizodlala kuwona. Ngigcine ngiwachithile. Hhayi ngoba ngilibukela phansi izinga lePSL. Izinga kuleli liphezulu. Yingakho sibalwa namaligi ahamba phambili emhlabeni. Okwamanje ngisazimisele ngokuzinza phesheya,” kulandisa uMahlangu.
Phesheya kwezilwandle uMahlangu usedlale iminyaka eli-14. Phakathi kwamaqembu adlale kuwona singabala i-IFK Goteborg, iKanyospor yaseTurkey, iSint-Trudien yaseHolland, iDinamo Buccuresti yaseRomania neLudogorets Razgrad yaseBulgaria.
Njengamanje ugijima ku-Ordabasy yaseKazakhstan. “Ngisazimisele ngokuhlala eminye iminyaka phesheya. Asikho isidingo sokubuyela ekhaya uma ngisaphatheke kahle. Nakanjani ngiyafisa ukubuyisela noma ukutshala ulwazi engiluthole phesheya kwezilwandle kuleli,” kuchaza uMahlangu.
KuBafana Bafana, udlale imidlalo eli-18 washaya amagoli amabili.
‘’Uma iqembu lesizwe lisangidinga mina ngivule izandla. Angikaze ngimemezele ukuthi sengithi khumu ukudlalela iqembu lesizwe. Uma lingavela ithuba lokubuyela kwelesizwe angeke nginqabe ukuyomela izwe lami. Ukudlalela iBafana ngenye yezinto eyohlale inkulu empilweni yami,” kubeka uMahlangu.
Ngonyaka wezi-2013, udlale ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseNingizimu Afrika. “Umqeqeshi weqembu lesizwe (uHugo Broos) ubukeka elakha kabusha iqembu lesizwe ngoba libophele abadlali abaningi abasebancane. Yize lehlulekile wukuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba kodwa libukeka liza kahle,” kwengeza uMahlangu.
“Ukudlala emazweni ahlukene kungifundise izinto eziningi. Ngifunda amasiko ahlukene. Nendlela yokudlala ayifani kuwona wonke la mazwe. Ukuthola ulwazi olwahlukene kumqoka ngendlela esiyimanga ngoba luzosiza uma sesilutshala esizukulwaneni esizayo,” kusho uMahlangu.
Eminyakeni eyedlule kwake kwavela ukuthi wayefunwa yiqembu lesizwe laseSweden.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi iqembu lesizwe laseSweden lalifuna ngishintshe ubuzwe ngizodlala kulona. Ngaleso sikhathi ngangingakaze ngibizwe kuBafana kanti ngangenza kahle eSweden. Ngagcina nginqabile ngakhetha ukudlalela iBafana ngoba kwakuyiphupho lami ngisakhula ukugqoka ijezi leqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.” kuqhuba uMahlangu.
Empilweni yakhe akakaze adlale ezingeni elikhokhelayo lapha eMzansi. “Izwe lami liyohlale lihamba phambili. Angisoze ngayenzela phansi iNingizimu Afrika, nabantu bakhona.