Ihlulekile imfundo ukuguqula impilo yaboHlanga



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ngicabanga ukuthi ukuvinjelwa kanye nokwenqatshelwa kwabafundi, ikakhulu aboHlanga, ukuthi bazifikele bona nqo ezikhungweni zemfundo ephakemi kuyinkomba yako ukwehluleka kwemfundo ukuguqula impilo yabantu kuleli. Ngicabanga ukuthi uMnyango Wezemfundo Ephakeme usaba nokusho ukuthi sesibaningi esifundile safundela into engasisizi ngalutho. Wena ungaqhubeka yini unike umuntu ogulayo umshanguzo ongamsebenzeli? Ngizibonile ukuthi ngiwugxekele into engekho uMnyango Wezemfundo Ephakeme ngesonto eledlule. Akufikanga emqondweni ukuthi kuvikwa ngokhuvethe eMnyangweni Wezemfundo Ephakeme. Ukhuvethe lufike seluwichithile inkonyane kwenzemfundo kuleli. Iningi lezifundiswa zakithi angeke zingizwe kulesi siqephu sanamuhla ngoba zicabanga ukuthi zifunde kakhulu ukuthi zinganginika ithuba kule nto engifuna ukuyichaza.
Inhloso yokufundiswa kwaboHlanga ayikaguquki. Into eguqukile ukuthi sesiyakwazi ukukhetha imikhakha ehlukahlukene yezemfundo, kanti futhi sesiyakwazi ukufunda kanye nabamhlophe. Into efundiswayo ezikoleni, kusukela emabangeni aphansi kuya emanyuvesi, ikhomba ngokusobala ukuthi owoHlanga ufundiselwa ukuthi aqashwe kunokuthi akwazi ukuzimela. Kulabo esibabona sengathi bakwazile ukuzimela abazimele kodwa babukeka bezimele ngenxa yokuvuleka kwethuba livulwa yibo abamhlophe. Lokhu ngikubone ngenkathi umakoti eqala ishishini lokuthunga.
Yonke imishini athunga ngayo kanye nendwangu ayithungayo idayiswa ezitolo zezinye izizwe. Lokhu kusho ukuthi singakujabulela ukuba usomashishini kwakhe kodwa usentendeni yesandla sabokufika kanye nabamhlophe. Into esinayo amaphepha esinikwe ngobuningi bethu sinikwa yibo ngokuthanda kwabo. Into esinayo izithombe sigqoke amajazi anemibala ehlukahlukene esihlupheka nawo. Sasingazi mzukwana sibhiyoza sifuna imfundo yamahhala kanye namathuba okufunda ukuthi sasizicelela ukhwantalala. Iningi labantu bakithi lihleli nemfundo engashintshi izimpilo zabo. Kulabo abahleli emakhaya kusenalabo abangasakhumbuli nokuthi bafundani ekolishi.
Kusengakashintshi okufundiswa ezikoleni, asisoze sashintsha isimo somuntu omnyama. Uzohlezi eqeqeshelwa ukuthi ayosebenzela omunye umuntu. Izinga labantu abangasebenzi alisoze lehla kuleli ngoba alikanyuki izinga lokwakhiwa kwamathuba omsebenzi akhiwa aboHlanga bakhelana bona bodwa. Kusazobanzima ngoba aboHlanga yibo kanye abashicilela imigomo kanye nezinhlelo zemfundo engamyisi ndawo owoHlanga. Ukubona abantu bakithi bencela izithupha ezweni lokhokho babo kungenza ngidabuke kakhulu.
Okungidabukisa kakhulu ukubona imfundo ingamuphi ukuhlakanipha umuntu omnyama. Kunokuthi ehlakaniphe ungathi ivele imenze avaleke amadlebe kanye namehlo. Imfundo yenze abantu bakithi bangafuni ukusebenza kanzima, okufaka phakathi ukulima kanye neminye imisebenzi yezandla. Kodwa ngicabanga ukuthi kufezeka inhloso yabo labo abasilethela le mfundo esiphuca esinako sisale singenalutho. Basithume ezikoleni basalela ngemuva bathatha imfuyo kanye nomhlaba. Ukugcwala kwethu emakolishi sifunde ukuze sizosebenza bona kungizwisa ubuhlungu.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi sitshelwe ukuthi infundo iwukhiye weminyango eya empumelelweni kodwa yibo kanye abanikazi besivalo. Uma bethanda bayayishintsha ingidi noma bawushitshe umnyango, usale dengwane nokhiye owukhokhele imali eshisiwe. Engikufundile, njengomeluleki wabantu abasha abafuna amathuba omsebenzi, ukuthi ezinye izinhlaka aziwudingi lokhiye okuthiwa asiwuhlalele iminyaka ekolishi. Ukufunda kwabo kubabeka emathubeni ancono kakhulu kunathi. Uma imfundo iwukhiye, uke wazibuza ukuthi kungani kuyithi sodwa okubalulekile ukuthi sibe nalokhiye. Kungani kumele sibambe imiqga emide sifuna imali yesibonelelo sikahulumeni kodwa sibe sinawo ukhiye wokuvula umnyango oya empumelelweni. Uke wazibuza ukuthi kungani kuyithi esivuka siyofesa imihla ngemihla sibuye singathole lutho ngoba befuna sikhombise ukuthi sike sasebenze ngaphambilini.
Ngiyazi ukuthi udidekile kuyimanje ngoba ungazi njengomuntu okhuthaza intsha ngemfundo. Angiqondile ukuthi asiyeke ukufunda futhi angisho ukuthi asilahle lamaphepha esanikwa wona, abaphinde bengawethembi uma befuna ukusiqasha. Into engifisa ukuthi uyibambe ukuthi asiphume siyofundela into ezoletha ushintsho ezimpelweni zethu. Uma kusho ukuthi sidinga uhlelo olusha lwezemfundo, asiqale manje sizenzele. Kungcono kunokuthi singafundi kunokuthi sesifundile sifane nabantu abangafundanga. Miningi iminyaka esiyihlala ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi kuyabiza kakhulu ukufunda bese awutholi ithuba lokusebenza noma uzisebenze. Ngicabanga ukuthi sekwanele manje. Uma ufika esikoleni noma enyuvesi, zibuze ukuthi lemfundo onikwa noma ofundiswa yona, ithuthukisa ubani. Uma ikulungiselela ukuthi uyoqashwa, zibuze ukuthi ubani oqashayo ngoba uma aboHlanga bengakabi abaqashi kusho ukuthi sizohlezi sikhangeza noma sesisebenze kanzima sathola iziqu.