Now Reading
Vuka, hamba, lala isikhathi sewashi
Dark Light

Vuka, hamba, lala isikhathi sewashi

Ngokobufakazi bezendulo, abaseBhabhiloni nabase-Egypt baqala balinganisa isikhathi eminyakeni okungenani eyizi-5,000 eyedlule, bafaka ikhalenda ukuhlela nokudidiyela okwenziwa umphakathi nemicimbi yawo, ukuba babheke ukuthi izimpahla zithunyelwa zifike nini, okusemqoka kuwukubheka balawule izikhathi zokutshala nezokuvuna.

Beqaphela izinkanyezi amaGibhithe abangowokuqala ukubala izikhathi zonyaka futhi abangamavulandlela ekwakheni ukuhlukaniseka kwesikhathi izingxenyana ezili-12 ngokwezikhathi zonyaka.

UmGriki uHerodotus owayengusomlando nongoti wezamazwe wabhala ngamandla kwalokho okwakubizwa nge“zilawuli zesikhathi” eminyakeni emi-3 engakazalwa uJesu (3BC).

See Also

UHipparchus, omisebenzi yakhe esemqoka yenzeka phakathi kweminyaka eyi-147 neyi-127 engakazalwa uJesu, owancoma ukuba usuku lube ngamahora angama-24 ngokulingana kungakhethi ukuthi yisiphi isikhathi sonyaka, kube yimini enehora ali-12 nobusuku obungamahora- ali-12 okutholakala kuphela ngezinsuku zokulingana kwemini nobusuku.

Scroll To Top