Now Reading
Insangu engenabuthi isivunyelwe ukuba itshalwe
Dark Light

Insangu engenabuthi isivunyelwe ukuba itshalwe

Uhlobo oluthile lwagwayi oseluneminyaka engaphezulu kwekhulu lungekho emthethweni sekuzontongelwa ngalo ezomnotho njengoba uNgqongqoshe Wezolimi, Nezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, uThoko Didiza esememezele ukuvulwa kohlelo lokucela izimvume zokutshala nokuhweba ngesingansangu. Lokhu ukwenze ngaphansi komthetho obizwa ngePlant Improvement Act No. 53 of 1976.

Isingansangu kanye nensangu zingane zandawonye kodwa insangu eyaziwa ngokubhenywa futhi ebizwa ngomthunzi wezinkukhu ayikavunyelwa ukusetshenziselwa izidingo zomnotho. Isingansangu (hemp) yona ayikuqukethe lokhu okudakanayo okutholakala ensangwini.

“Siyakuqonda ukuthi imiphakathi nabalimi kudala baqala ukutshala isingansangu, ngakho-ke sizoqala ngabo ukuqinisekisa ukuthi lesistshalo senyusa izinga lempilo kule miphakathi,” kusho uReggie Ngcobo okhulumela uMnyango.

Izicelo ezizokwamukelwa ezezimvume zokucwaninga, ukutshala, ukuhluza isingansangu nokwenza imikhiqizo ephuma kuyo.

Akuyona imfihlo ukuthi abohlanga emiphakathini eminingi, ikakhulukazi eMpumalanga Kapa, ibiziphilisa ngokutshala insangu edakayo. Imindeni eminingi ikhulise yafundisa izingane ngengeniso yensangu. Abanye bakhe izithabathaba zemizi badlondlobala nakwezamabhizinisi ngenxa yo“hlaza”.

Kepha ngenxa yokuthi insangu edakanayo ayivunyelwe ngokomthetho iDrug and Drug Trafficking Act No.140 of 1992. Yize imilomo isineminyaka ivunana ngokuthi insangu iyasiza kwezokwelapha, eNingizimu Afrika ibingavunyelwe nangaluhlobo luni isikhathi eside, kwaze kwaqunga isibindi owayemele Inkatha Freedom Party ePhalamende uMhlonishwa uMario Ambrosini.

U-Ambrosini ongasekho emhlabeni wethula umthethosivivinywa owawuhlongoza ukuthi insangu ivunyelwe ukuthi kwelashwe ngayo izifo ezahlukene.

Engasekho emhlabeni oka-Ambrosini, iSekela Mphathi Wabehluleli, uMhlonishwa uRaymond Zondo, egameni leNkantolo YoMthethosisekelo, wakhipha isinqumo sasenkantolo esasithi insangu ingabe isaboshelwa ngaphansi kwemigomo ethile. Lokhu kwakulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape esasithi ukutshala nokutholakala nensangu ukuze uyisebenzisele ingasese akulona icala. Kepha ukudayisa noma ukushushumbisa insangu kusayicala ngaphansi kweDrug and Drug Trafficking Act.

See Also

Leli thuba lokwenza imali ngesingansangu lihle kakhulu njengoba imiphakathi eminingi inodadavu bezindawo, ebezisetshenziswa ngokucashela abakwasidlodlo.

Kungaba yiphutha elikhulu futhi uma labo abasha kule mboni bengashenxisa aboHlanga asebenolwazi ngalesi sitshalo, ikakhulukazi mayelana nokuthi uhlobo luni oluvuma kuphi.

Lolu lwazi belulokhu ludluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane. KwelikaMthaniya bekuvele kuyimfihlo esobala ukuthi izindawo ezinjengaseMazizini eBergville zikhiqiza umthunzi wezinkukhu wezinga eliphezulu. Njengoba isingansangu kungumnewabo wensangu kunethemba lokhu nayo izovuma kulezi zindawo.

Izimvume ezizokhishwa zizovumela nokuthi abazitholayo bakwazi ukudayisela abathengi bamanye amazwe.

Scroll To Top