Akakhohlwa yizimpande zakhe osengumqeqeshi kwelesizwe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano labesilisa u-Arthur Maseko utuse ikhono kubadlali bakhe abenze ezibukwayo ngeledlule.
Iqembu lakuleli linqobe umqhudelwano obizwa ngeMales International Netball, lo mqhudelwano usongwe ngoMgqibelo owedlule. Amaqembu akade eyingxenye yawo iNingizimu Afrika, iDepartment Correctional Service (DSC), iKenya, i-Uganda kanye ne-Action Sports.
Elakuleli liyinqobe yonke imidlalo kusukela kowamaqoqo laze lafika kowamanqamu lapho lihlule khona i-Uganda ngamaphuzu angama-59 kwangama-34.
“Iqiniso nje asisitholanga isikhathi esanele sokuthi siziqeqeshe ndawonye ngaphambi kwalo mqhudelwano, ukhuvethe lusiphazamise kakhulu. Siziqeqeshe izinsuku ezimbili nje kuphela, khona ePitoli ngaphambi kokuthi uqale lo mqhudelwano. Ngiyazi bebe khona akade besingabaza ukuthi ngeke senze kahle, kodwa ikhono labadlali bethu lisisize kakhulu ekutheni sinqobe. Abantu akade bekhona kule midlalo bangangifakazela ukuthi, bayibonile indlela abadlali abadlale ngayo bebekhombisa ukuwulambela lo mqhudelwano,” kusho uMaseko oseneminyaka eyingxenye yalo mdlalo.
Bekungokokuqala ukuthi iNingizimu Afrika idlale umqhudelwano wamazwe yawunqoba. Okunye okuwubufakazi bokuthi bebekulambele ukunqoba lo mqhduelwano abadlali bakuleli ukuthi bazibuthele nje imikomelo. U-Eugene Sinxesi uqokwe njengomdlali ovelele, uShiko Mokaila waqokwa njengeBest Mid-Court kwathi uShane Labuschagne waba iBest Shooter.
UMaseko ubalule ukuthi bekumele kube khona umqhudelwano kazwelonke kodwa ngenxa yezimali usuzoba ngoNhlolanja ngonyaka ozayo, kodwa uthe lokho kuyinhlanhla enkulu kuyena.
“Njengoba lo mqhudelwano uzokuba ngoNhlolanja nje uzongilekelela kakhulu mina ukuthi ngikwazi ukuthi ngiqoke iqembu elinabadlali abaqine ngempela abazomela iNingizimu Afrika ngoNdasa ngawo unyaka wezi-2022. NgoNdasa sizoba nomqhudelwano obizwa nge-Africa Cup of Nations ezokuba seMorocco, sizimisele nakuwona lowo mqhudelwano ukwenza ezibukwayo. Ngifuna ukphathwa ikhanda lokuthi kumele ngikhethe bani ngishiye bani” kusho lo mqeqeshi.
UMfo kaMaseko uneziqu eziphezulu zikaLevel 4, ezibizwa ngeMaster Coach. Uthe ohambeni lwakhe ufunde lukhulu, wathi ufisa ukwakha iqembu eliyinqanawe ngalabadlali anabo manje eqenjini lesizwe. Njengoba ewumqeqeshi wabaqeqeshi abafufusayo KwaZulu-Natal uyafisa ukushiya eseqeqeshe abaqeqeshi abazokwenza ezibukwayo emhlabeni wonke jikelele.
Ngokudabuka udabuka eMgungundlovu, eSobantu ngaphansi koMasipala uMsunduzi. Ngasohlangothini oluthinta ezemfundo, uqale amabanga aphansi eRussel Infant School, wadlulela eKhwezi Higher Primary wabe esephothula amabanga aphezulu eSobantu Secondary.
Enaba ngokuthi wawuqala nini lo mdlalo odume ngokuthi udlala ngabesifazane uthe: “Ngangiwumdlali wethenisi, inkundla esasizilolonga kuyona yayihlangene neyabantu beNetball, ilapho engaba khona nothando lokudlala lo mdlalo. Ngaqala ukuzibandakanya nalo mdlalo ngonyaka wezi-2005, okuyibo abangikhuthaza engikholwa ukuthi babebona ikhono uNkk uBusi Nkomo noNgiphiwe Ntuli. Laba bobabili bangisondeza kakhulu kulo mdlalo,” kusho uMaseko.
Ube ngumdlali weqembu laseMgungundlovu kusukela ngonyaka wezi-2005 kwaze kwaba unyaka wezi-2008, lelo qembu lalibizwa ngokuthi iMiracles. Engumdlali waqokelwa eqenjini elalizomela uMgungundlovu emqhudelwaneni oba minyaka yonke owaziwa ngokuthi iSouth African Local Government Association (SALGA) Games.
“Ngisazimisele ukwakha umdlalo weNetball eMgungundlovu ukuthi ihlonishwe kuleli. Ngifisa ukuthi iqembu labesifazane nabesilisa eliqhamuka eMgungundlovu kube ukuthi liba sendaweni ezihloniphekile kuma ligi amakhulu kuleli. Ompetha kumele bephumile lapha eMgungundlovu,” kusho uMaseko.
Ngonyaka wezi-2008 waqokwa ukuba abe ngumqeqeshi wesifundazwe iKwaZulu-Natal eqenjini labesifazane elaliye eBotswana lafike laphuma endaweni yesibili. Ngaphandle kokuba ngumqeqeshi umfo kaMaseko, uqashwe KwaZulu-Natal eMnyangweni Wezemidlalo Nokungcebeleka lapho eyiSikhulu Esithuthukisa Imidlalo.
Uphinde wathi angeke akhohlwe iqembu lakhe eliwumndeni wakhe iPMB Giants Netball Club, ngokumnika ithuba lokuthi abe ngumqeqeshi lidlala iligi ebizwa ngokuthi iKZN Netball Super League.
Le ligi ngokusho kwezikhulu zalo mdlalo kulesi sifundazwe, zibona iyimbangela yokuthi senze kahle. Kuyimanje lesi sifundazwe sinamaqembu amabili adlala kuligi enkulu kule iTelkom Netball League (TNL) lawo maqembu iKingdom Stars neKingdom Queens. Ngonyaka wezi-2018 waqokwa njengomqeqeshi weqembu labesimame elamela uMgungundlovu eGoli emqhudelwaneni owawubanjelwe e-University of Johannesburg babuya nendondo yesiliva. Uphinde waba sethimbeni lokuqoka abadlali eqenjini iKingdom Stars neKingdom Queens, iminyaka emihlanu.