INkantolo ivune uZuma
ISAZI sezomthetho uMnu uMpumelelo Zikalala sithi isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokuhlehlisela uNcwaba icala lenkohlakalo lalowo obenguMengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma asisho lutho olutheni.
Uthe isinqumo asisho lutho olutheni ngaphambi kokuba kulalelwe isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi kuhoxiswe isigwebo sakhe sezinyanga ezili-15 esejele, mayelana necala lokudelela inkantolo emveni kokunqaba ukuthi ayokwethula ubufakazi kwiKhomishana ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso yidlanzana.
UZikalala uthe inkantolo ibheke izinto ezimbili ngaphambi kokuba ikhiphe lesi sinqumo. “Okokuqala inkantolo ibuke ukuthi ayimnike ilungelo lakhe uZuma lokuthi icala lakhe liqulwe ekhona enkantolo, ibe ibuka futhi ukuthi ukuqhubeka naleli cala engekho lokho kuzobe kungesikho yini ukucindezela ilungelo lakhe, okwesibili iphinde yabuka ukuthi ukuqhubeka naleli cala engekho lokho kuzobe kuwukwephula umthetho yini,” kusho uZikalala.
Uthe kujwayelekile ukuthi amacala aqulwe abanye abasolwa bengekho enkantolo ngenxa yezimo ezithile. UZuma ubefake isicelo enkantolo efuna kuhlehliswe ukulalelwa kwecala lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa elithinta ithenda yokuthengwa kwezikhali ngoba ekhala ngokuthi ngeke kubekhona ubulungiswa uma lizolalelwa engekho siqu enkantolo njengoba esejele kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje lokhu okuthiwa i-virtual meeting.
Inkantolo ikhiphe isinqumo esivuna uZuma yalihlehlisa icala ngokwesicelo sakhe. Leli cala lihlehliselwe umhla-zili-10 kuNcwaba nonyaka. NgoMsombuluko mhla zili-20 kuNtulikazi, abameli bakaZuma benze izethulo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu nayilapho bebe khala ngokuthi kuzobe abenziwa ubulungiswa uma lona abamumele icala lakhe lizoqulwa engekho siqu enkantolo.
Ngakolunye uhlangothi uphiko lwezokuShushisa kuleli i-National Prosecuting Authority luchaze lesi sicelo sikaZuma njenge zinye zezindlela zakhe ezindala zokufuna kuhambe isikhathi icala lingalalelwa. UZuma ufuna ukuthi inkantolo ilichithe leli cala. Ngokusho kwabameli bakhe, uZuma ufuna ukuzenzela yena lesi sicelo ngencwadi efungele.
Ethula isinqumo uMehluleli uPiet Koene ukubeke kwacaca ukuthi uma icala selibuya ngoNcwaba ziyi-10, lizolalelwa kusetshenziswa ubuchwepheshe. UKoene wengeze ngokuthi lokhu kungaguquka uma kuwukuthi kukhona izimo ezingajwayelekile ezizobe zithuliwe enkantolo ezingenza ukuthi leli cala lingalalelwa kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Ekhuluma ne-ENCA, ummeli u-Ayanda Shazi uthe ucabanga ukuthi umehluleli uwadlale kahle amakhadi akhe ngokuhlehlisa leli cala ngokwesicelo sikaZuma. UShazi uthe lokhu kuhlehla kuzonika ithimba labammeli bakaZuma nombuso ukuba balungiselele icala.