Now Reading
Ihlazo limsulise emsebenzini uNgqongqoshe Wezempilo eBritain
Dark Light

Ihlazo limsulise emsebenzini uNgqongqoshe Wezempilo eBritain

UNgqongqoshe Wezempilo waseBritain uMatt Hancock (osesithombeni) uyeke ukusebenza ngoMgqibelo ngemuva kokubanjwa ephula imithetho yokhuvethe ngokuqabula nokwanga umsizi ehhovisi lakhe, okuthukuthelise ozakwabo kanye nomphakathi abebephila ngaphansi kwemvalelwekhaya .

Ehlazweni lakamuva elizamazamise uHulumeni obhekenene nesibalo esiphezulu sababulawa yisifo sokhuvethe, uHancock, oneminyaka engama-42, wabhalela uNdunankulu uBoris Johnson ukuthi ushiya phansi isikhundla sakhe, wathi ubaphoxile abantu.

Kusukela iphephandaba iSun lashicilela izithombe ngoLwesihlanu olwedlule ngalo Ngqongqoshe oshadile anga owesifazane abemqokele ukuba abambe iqhaza elikhokhelwa ngabakhokhi bentela ukubhekisisa ukusebenza koMnyango wakhe, inani elandayo labalingani bakhe abasebenza naye kuConservative babembizele ngasese ukuthi akashenxe esikhundleni.
UHancock ubesenkabeni yomzabalazo kaHulumeni wokulwa nalesi sifo, evame ukuvela kuthelevishini etshela abantu ukuthi balandele imithetho eqinile futhi ubeke avikele uMnyango wakhe ekugxekweni kwempendulo yawo kule nkinga.

Ukuhamba kwakhe kusho ukuthi uJohnson uzodinga ukuthi aqoke ungqongqoshe omusha ozothatha umnyango omkhulu obhekele ukwenganyelwa kosizo lwezempilo nokulwa naleli gciwane, ngesikhathi lapho izibalo zabantu abanokhuvethe seziqala ukuphakama futhi.
UJohnson wayethe ngesonto eledlule wamukele ukuxolisa kukaHancock futhi wacabanga ukuthi lolu daba luvaliwe. “Sikweleta abantu abadele okuningi kulo bhubhane ukuthi sithembeke uma sibaphoxile njengoba ngenzile ngokwephula umhlahlandlela,” kusho uHancock encwadini yakhe.

See Also

UJohnson waphendula wathi uyadabuka ukuthola le ncwadi ekanje.
“Kufanele uziqhenye kakhulu ngomsebenzi wakho,” kubhala uNdunankulu . “Ngiyabonga kakhulu ngokungeseka futhi ngikholwa wukuthi umnikelo wakho ekusebenzeleni umphakathi awukapheli.” Iphephandaba iSun likhombise uHancock eqabula umsizi ehhovisi lakhe ngenyanga edlule, ngesikhathi lapho kwakungavumelani nemithetho yokuthi abantu babe nobudlelwano obusondelene nomuntu ongaphandle komndeni wabo.

Scroll To Top