Now Reading
Yimpelasonto ezocacisa ngeqhulu nomsila ku-English Premier League
Dark Light

Yimpelasonto ezocacisa ngeqhulu nomsila ku-English Premier League

Imidlalo yeligi yase-England i-English Premier League (EPL) izocacisa okuningi kule mpelasonto.

Amaqembu akule ligi asalelwe imidlalo emihlanu ngaphambi kokuthi isongwe.

Ukunqoba kweManchester City kuyobe kuyiweza ekutheni ibe ngompetha bakule sizini. IMan City inamaphuzu angama-77, ihamba phambili ngamaphuzu ali-10 kanti omkhaya bayo iMan United banangama-67.

Uma iMan City inganqoba iMan United idlale ngokulingana noma idliwe kuyobe kusho ukuthi isiyithathile indebe.

IMan City izotholana phezulu neCrystal Palace okuwumdlalo ongathathwa njengonzima. Ngasohlangothini lweMan United, yona izotholana phezulu neLiverpool FC okuwumdlalo othathwa njengowesonto hhayi e-England kuphela kodwa emhlabeni wonke jikelele okuchaza ukuthi womabili amaqembu azobe efuna ukunqoba.

Uma iLiverpool FC ingaguqa lokho kuyokwehlisa amathuba okuthi ibalwe namaqembu amane aphezulu uma kusongwa isizini. Amaqembu amane asonga ephezulu azibekela indawo kumqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League.

Iningi labadlali kakhulukazi labo amagama abo aphezulu kuhlezi kuyisifiso sabo ukuthi isizini nesizini bawudlale lo mqhudelwano. 

Amaqembu okuyiwo asembangweni wokungena kuTop 4 uma ingabalwa iMan City kanye neMan United, iLeicester City esendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-62, iChelsea FC ehlezi kweyesine ngamaphuzu angama-58, iWest Ham yona enangama-55 kube iLiverpool FC enamaphuzu angama-54.

ISheffield United eyivale emsileni uma ingahlulwa kuyobe sekusho ukuthi isigawulwe izembe noma isingayinqoba yonke imidlalo emine ezoyisalela. Leli qembu emidlalweni engama-33 linamaphuzu ali-17.

Izoba nomdlalo onzima kakhulu njengoba izobhekana neTottenham Hotspur ngeledlule ekhombe indlela obengumqeqeshi wayo uJose “The Special One” Mourinho.

Umqeqeshi weLiverpool FC uJurgen Klopp uthe sebelwela ukuthi baqede imidlalo yabo kahle.

See Also

“Asibanga nesizini enhle silahle amaphuzu amaningi nengikholwa ukuthi kufuze ngabe asikho lapho esikhona njengamanje. Okusisalele ukuqedela imidlalo esele sizame ukuthi sithole amaphuzu kuyona. Indlela esizoqeda ngayo izosisiza ukuthi siqale isizini ezayo sinokuzethemba,” kusho lo mqeqeshi obemataniswa neBayern Munich.

Uzivikele ngokuthi iqembu liqale isizini lilinyalelwe abadlali abaningi. “Siqale isizini silinyalelwe inqwaba yabadlali esibadingayo, ukulimala komdlali into ongasoze wayivimba yenzeka noma inini. Ngikholwa ukuthi ngesizini ezayo bazobe sebebuye bonke sikwazi ukuphinda sinyakazise umhlaba njengoba senzile kumasizini amabili edlule,” kusho uKloop.


Isiyonke imidlalo ye-EPL kule mpelasonto ihlelwe kanje:

Namuhla

  • ISouthampton neLeicester City, eSt Mary’s Stadium ngele-21:00

Kusasa

  • ICrystal Palace neManchester City, eSelhurst Stadium ngele-13:30
  • IBrighton & Hove Albion neLeeds United, eThe American Express Community Stadium ngele-16:00
  • IChelsea FC neFulham, eStamford Bridge ngele-18:30
  • I-Everton FC ne-Aston Villa, eGoodison Park ngele-21:00

NgeSonto

  • INewcastle United ne-Arsenal FC, eSt James Park ngele-15:00
  • IMan United neLiverpool FC, e-Old Trafford ngele-17:30
  • ITottenham Hotspur neSheffield United, eTottenham Stadium ngele-20:15
Scroll To Top