Now Reading
Uzimisele ukuyinqoba ngokushesha uMthalane
Dark Light

Uzimisele ukuyinqoba ngokushesha uMthalane

Usomankomane waseNingizimu Afrika uMoruti “Babyface” Mthalane uyazethemba ukuthi uzoyinqoba impi yakhe namuhla ngoLwesihlanu phesheya kwezilwandle.

Kule mpi uMthalane uzotholana phezulu noSunny “Showtime” Edwards wase-United Kingdom (UK) empini ezokuba seLondon. UMthalane uzobe evikela ibhande lakhe le-IBF Flyweight.

Ekhuluma nelaboHlanga ese-UK uMthalane, uthe nakanjani kumele ayinqobe le mpi. 

“Kumele nakanjani ngiyinqobe le mpi, amalungiselelo ahambe kahle kakhulu. Ngizimisele kakhulu, sekunesikhathi eside ngagcina ukuba seringini kodwa lokho akusho ukuthi kumele ngingenzi kahle,” usho kanje.

UMthalane ubezilungiselela le mpi edolobheni iTunis, eTunisia. Yena nabaxhasi bakhe iMTK Africa nomqeqeshi wakhe uCollin “Nomakanjani” Nathan baqome ukuyoquba eTunisia ngoba bebalekela ukugonqa izinsuku ezili-10 e-England, kwazise uHulumeni wakhona uphoqa izivakashi ikakhulukazi zaseNingizimu Afrika ukuba zenze njalo.

Eqhuba uthe uzibonile izimpi zembangi yakhe kuvidiyo.

“Usemncane, uyashesha okunye ukuthi uhlakaniphile. Le mpi izoba ngemnandi kakhulu. Engikubona kuyikho okuzonginqobisa le mpi ukuthi unamaphutha amaningi ushaywa isipiliyoni, lokho kumele ngikusebenzise. Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ngizosheshe ngiqede ngaye, ngeke akwazi ukuma endleleni yami lo mfana,” kusho uMthalane ngokuzethemba.

UMthalane uzobe esivikela okwesine lesi sicoco selokhu asiphatha ngonyaka wezi-2018 nalapho ashaya khona uMuhammad Waseem wasePakistan. Uzokuya kule mpi eqhoshe ngerekhodi lezimpi ezingama-31 lapho enqobe ezingama-39, wehlulwa kwezimbili.

Empini yakhe yokugcina ngowezi-2019 eJapan, wayetholene phezulu no-Akira Yaegashi. Kuleyo mpi wakhombisa ukuvuthwa okukhulu njengoba angqimuza uYaegashi kabuhlungu unompempe wayimisa impi.

See Also

“Sengibe sesibhakeleni iminyaka engama-21 kule minyaka angikaze ngathatha kancane imbangi engisuke ngiyobhekana nayo. Ingakho nje ngingenandaba nerekhodi lika-Edward ukuthi lithini,” kusho uMthalane.

Uma enganqoba le mpi uMthalane kungenzeka alwe impi ebhanqa amabhande. Uthe abaphathi bakhe bazoqala izingxoxo nabaphathi bezinqwele eziphethe iWBF, iWBA neWBO kuFlyweight.

Uthe kuyomjabulisa ukuthi ayeke isibhakela eseke waphatha ibhande leWBC.

Ezinye izimpi ezikule mpelasonto ezizobe zibhekwe kakhulu ekaDmitry Bivol noCraig Richards abazobanga ibhande leWBA Heavyweight neka-Erisland Lara ozobhekana noThomas LaMunna bebanga ibhande leWBA Middleweight.

Scroll To Top