Now Reading
Ziphansi izinsizwa: NaMakhosi ayaphatheka ekufeni kwezinduna
Dark Light

Ziphansi izinsizwa: NaMakhosi ayaphatheka ekufeni kwezinduna

Kuthiwa abanye basuke sebephambene neNkosi. Kubukeka ikhona nenhlese yepolitiki


Isifundazwe iKwaZulu-Natal sinezibazi ezijulile zodlame lapho umkhonto ugwaza ekhaya. Lolu dlame lwaqala lwaba ngukulwa kwamaqembu amabili aboHlanga okuyi-African National Congress (ANC) kanye ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Izibalo ezihlawumbesilwayo wukuthi lolu dlame lwadla abantu ababalelwa ezi-20 000 futhi lwanabela naseGauteng. Okunye okuvelayo wukuthi umlilo wabe ubaswe yibo abadeshi ngesandla sikaHulumeni wamadlagusha.

Olunye udlame oludle lubi kulesi sifundazwe kube yilolo lwamatekisi lapho ibidlana mahlanze embonini kwalala uyaca. UHulumeni wazama ukubhula umlilo nokuthola umnyombo njengoba aze abeka neKhomishini eyabe iholwa uMehluleli u-Alexandra. Waphinda waba nezinhlaka ezabe zakhiwe yibo abanikazi bomsebenzi. Lolu hlobo lodlame lwashiya imindeni eminingi ingenabo obaba.  Kuthe sekunokuphefumula kucatshawanga ukuthi udlame luphelile kwase kuqubuka olunye kepha obeludla osopolitiki ikakhulukazi eqenjini elibusayo i-ANC. Nalapha uHulumeni uzame ukuqonda imbangela wabeka isithangami esabe siholwa ngu-Adv uMarumo Moerane.

Muva nje sekubikwa olunye udlame lapho ikhafula induku yabelungu kusale insizwa phansi. Lokhu kuqale nje kancane eminyakeni emibili kwanganakwa nokho manje isibalo siyakhula nosekwenze abaningi baphakamise amehlo. Emasontweni edlule ophathiswe uMnyango osebenza naMakhosi KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSipho Hlomuka ebuzwa ngabezindaba uthe njengoHulumeni bakhathazekile ngalokhu kubulawa kwezinduna washo nokuthi kuzophenywa umthombo walokhu. Ngakolunye uhlangothi uSihlalo weNdlu Yabaholi BoMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi yesizwe saseMadungeni ithe njengeNdlu bakhathazekile ngalokhu okwenzakalayo ngoba uma kuqhubeka kuzophazamisa isimiso soBukhosi kweleNdlovukazi uMthaniya.

“Sicela ukuba zonke izinhlaka zomthetho zenze ngokufanelekile emacaleni athinta ukuhlasela nokubulala izinduna. Sibuye sinxuse amaphoyisa ukuba ahlale azisa imindeni yezinduna ezibulewe ngophenyo oluqhubekayo ukuze kubonakale ukuthi kukhona umsebenzi oqhubekayo nozogcina usombulule amacala,” kusho uMdunge.

Namaqembu epolitiki eSishayamthetho saKwaZulu-Natal asaphumela obala ngalolu daba. Lowo ohola iqembu elinezibalo eziningi kwaphikisayo, i-Inkatha Freedom Party (IFP), uMhlonishwa uGwala wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba nethimba, elifana naleli eliphenya udlame ematekisini, ukuba lisungulwe. Iqembu i-IFP likholwa wukuthi abaphehli bokubulawa kwezinduna yilabo abafuna ukuhola uma sebeyizinduna.”

Ngakolunye uhlangothi omele iqembu lesibili ngobukhulu kwaphikisayo, uMhlonishwa uMncwango uMhlonishwa naye wathi akube nophenyo olunzulu ngokubulawa kwezinduna.

 “Uphenyo kufanele lugxile ekusebenzeni kwamaphoyisa kanye nokubopha kwawo, izimbangela zodlame nokuthi yini engenziwa ukuthombulula izinkinga eziholela ekwenzeni ububi,” kusho uMpangazitha

Okumangazayo ngokuphawula kukaHulumeni namaqembu ngalolu daba wukuthi isixazululo esiphakanyiswayo asisebenzanga kwezinye izimo ezifanayo. Kusekhona imibuzo nje ukuthi izincomo zezithangami ezimbili ezabe ziphenya udlame ematekisini kanye nokubulawa kosopolitiki zibe namphumela muni njengoba sekuphakanyiswa esinye isithangami esizobheka ukufa kwezinduna.

Izinduna zona zithi

ElaboHlanga lizenzele olwalo uphenyo nayilapho likhulume phakathi kwabanye izinduna kanjalo namalungu emiphakathi ethintekayo. Okumangaze kakhulu ngumuzwa wezinduna nezisola amaqembu noHulumeni ngokuphawula baze baqede kepha bengakhulumanga nazo njengabantu abathintekayo. Enkulumweni ekhethekile nobuholi benhlangano emele izinduna, Ubumbano Lwezinduna kuningi okuvelile.

nelabo abaholi uMnu uMbongeni Makhaya onguSihlalo noMnu uFalendoda Malinga onguNobhala. Bendlalela lokhu abakubona njengembangela yokufa kwezinsizwa bathe kuyishwa ukuthi izwi labo alihlonishwa ngisho ezintweni ezimbili ezithinta bona luqobo.

“Sesizame kaningana ukuxoxa nabaholi kuHulumeni waKwaZulu-Natal nakuzwelonke. Sizamile nokuxoxa nohlaka loBukhosi. Ngeshwa abekho ababuka lokhu esikusho namuhla esesibhekene nenkinga yokufa kwezinsizwa,” kusho uMakhanya. Uveze ubufakazi bomhlangano athi wabe uhlelwe noMphathiswa uHlomuka owabe uhlelwe ngesikhathi kuneLekotla eKing Cetshwayo. Uthi lapho uMhlonishwa wathembisa ukuhambela zonke izifunda nokuyinto engakaze yenzeke. Bathi okwenhloko yoMnyango uMnu uTubane kucacele ngisho ingane encane ukuthi sebaphenduka iqaqa ngoba akasabaphenduli.

ElaboHlanga linazo zonke izincwadi ezibhalelwe iHhovisi likaNdunankulu uZikalala, uMnyango uCogta KwaZulu-Natal kanye naleyo ebhalelwe uNgqongqoshe kuzwelonke, uMhlonishwa uMaDlamini Zuma.  Enye incwadi elaboHlanga elinayo ngevela kuwo uMnyango ngesandla sikaMnu uGumede (DDG: Traditional Affairs). 

Zichaza izinduna ngalokhu ezithi ngenye yezimbangela zithe: “Okuqaphelekayo wukuthi izinsizwa ezilimalayo zisuke zisembangweni othile endaweni omayelana nesikhundla. Kwezinye izindawo kusuke sekungenelele iNkosi yendawo yabeka enye induna phezu kwale ekhona. Nalo omusha osethenjisiwe usuke engasenalo igiya eliya emuva ngoba usuke eselahlekelwe sekukhona asekuphosile. Kuphela izinsukwana nje kuse isilimele le ebikhishwa. Ngakho kukhomba ukuthi kukhona ubudedengu kwamanye aMakhosi ekuhleleni ukuqasheka nokumiswa kwezinduna. Silapha nje phakathi kokunye wubudedengu balawa Makhosi enza lokhu,” kusho uMalinga.

Ibe isijobelela nenduna uMakhanya ngelithi: “Kuyasicacela ukuthi le mpi ayikho ngezinduna nje kuphela kepha ingesimiso soBukhosi bukaZulu. Akuyona imfihlo ukuthi izinduna zilihawu loBukhosi, uma usuqede ngazo kungalula kakhulu ukuthi ufinyelele eMakhosini nakuso iSihlalo uqobo. Kufa thina nje namuhla kusasa isitha sizobe sesigcekeni.” 

ElaboHlanga lithole ngezinye izinduna ukuthi kwezinye izindawo aMakhosi asezikhokhisa imali ethathwa kuwo lo mholo eziwucosha kuHulumeni. “Yebo sikhokhiswa imali ukubonga umsebenzi lo wobuduna. Uyamangala ukuthi lokhu kwenziwelani ngoba phela lolu wubala (iholo) esiluthola ngenxa yomsebenzi esiwenzayo. Nawo aMakhosi ayahola kepha asikaze sizwe kuthiwa iSILO siyawathelisa,” kusho induna.

Lolu daba aluluphikanga ukuthi luyenzeka luthe empeleni selunxuse abeKhomishini Yamalungelo Abantu ukuba bake baphenye ngalokhu nabathi kungenzeka kuhlukumeze amalungelo ezinduna zokucosha umhlomulo.

Okunye okuvelayo

Ecwadini eyabhalwa nguGumede  ngomhla zingama- 30/07/2020 egameni loMnyango neyabe iya ezinduneni kuvela okushaqisayo lapho ethi welulekwe yiNdlu Yabaholi boMdabu ukuba uMnyango ungabe usaxhumana nezinduna ungayitholanga imvume kuwo aMakhosi:

“Kusemqoka ukuba nginazise ukuthi umhlangano weSigungu Esiphezulu seNdlu Yobuholi Bomdabu Yesifundazwe uthathe isinqumo sokuthi uMnyango kusukela manje uziqhelelanise nokubamba imihlangano nezinduna zaMakhosi, ikakhulukazi ngaphandle kwemvume yaMakhosi.

“Kwabuye kwaphakanyiswa ukuthi kunamanye aMakhosi ahambisana nesifundazwe (kuzo zonke izifunda) behlangana nezinye izinduna eceleni futhi lokho kube nokuhambisana nezepolitiki ngokwenza kanjalo. Ngamangala futhi ngethuka ngitshelwa ukuthi ezinye izikhulu zamaziko ziyabandakanyeka kulezi zenzo.”

Kule ncwadi akuqondakali ukuthi udaba lwezinhlaka zamaqembu lungena kanjani odabeni noma ohlakeni loBukhosi. Okunye okungaqondakalanga wukungena kukaMnu uSuper Zuma athe uGumende udaba lusezandleni: “UMgqugquzeli wezindaba zaMakhosi ezindabeni zalolu hlobo uMhlonishwa uSuper Zuma, neHhovisi lakhe bayasazi lesi sidingo nesicelo sokuthi kube nalo mhlangano ngokwesigaba-6 salokhu kuxhumana.”

See Also

ElaboHlanga libuze uMalinga ngalokhu nothe namanje lo mbhalo usabadida ngoba kabaqondanga  ukuthi ngabe ngale kukaMphathiswa  uMhlonishwa uZuma ungena ngaliphi. Likhuluma namanye aMakhosi leli phephandaba lithole ukuthi udaba lwezinduna seluwumbango njengoba nabo ubuholi baMakhosi budonsisana ngezikhundla. Kukhona abathi iNkosi yaseMadungeni nenguSihlalo isiphelelwe yisikhathi nokuthi kayisenzi kahle njengoba “isingumfana woMnyango”.  

Umthombo okhulume nelaboHlanga nocele ukungadalulwa uthe: “Uma ungalandela nje ukusebenza nezinkulumo zikaMdunge azikho ezisuke zikhuluma ngoBukhosi ngqo, kepha usuke esengumkhulumeli woMnyango. Ungemsole-ke ngoba kayikhonkothi nethambo. Nguwo uMnyango omholelayo nomnikeza imoto nonogada. Wena ungalindela ukuthi athini oluphikisana noMnyango, ziyini-ke izinduna lokhu zingamniki nolunci.”

Awulishiyanga nangaphandle nalo uBumbano nolusole ngokumbatha ingubo eyodwa nosopolitiki. “Nazo izinduna lezi zoBumbano zenza iphutha. Lokhu kokuthi zizibandakanye neContralesa okwaziwayo ukuthi iliqembu elithile lepolitiki kwenza umsebenzi wazo omuhle ube nechashazi. Izinduna zethu azingenzi iphutha thina Makhosi esalenzayo lokuba yi-Inkatha nokuba yi-ANC, bheka nje kusibekephi lokho. Azime nje zimele izinduna ngalokho ziyophumelela,” kusho iNkosi yesizwe. Bheka ekhasini-8.

Ziphansi izinsizwa: Isililo ngokulimala kwezinduna

Lolu wuhla lwezinsizwa ezisenhlabathi. Lolu luhlu kaluphelele njengoba kushicilelwe amanye amagama esaqinisekiswa:   

Esifundeni uMgungundlovu

  • iNduna uMthethwa  eMkhandlwini wakwaManyavu
  • iNduna uNgcobo eMkhandlwini wakwaMpumuza
  • iNduna uDlomo eMkhandlwini wakwaNxamalala
  • iNduna uS Mdluli eMkhandlwini wakwaManyavu
  • iNduna uK Mdluli eMkhandlwini wakwaManyavu
  • iNduna uNgubane eMkhandlwini wakwaManyavu
  • iNduna uDoris Sbongile eMkhandlwini wakwaMbandlwa

Esifundeni uMkhanyakude

  • iNduna uP Mkhwanazi  eMkhandlwini wakwaMpukunyoni
  • INduna uPrince Hlabisa eMkhandlwini wakwaHlabisa

Esifundeni iKing Cetshwayo

  • iNduna uM Ndlovu eMkhandlwini wasOphindweni
  • iNduna uJZ Ngwenya eMkhandlwini wakwaMpungose
  • iNduna uTS Sithole eMkhandlwini waseQhudeni 

Esifundeni eThekwini

  • iNduna uB Ndlovu eMkhandlwini wakwaMaphumulo 

Esifundeni iZululand

  • iNduna uBrian Thabede eMkhandlwini wasoSuthu
  • iNduna uMkhonza  eMkhandlwini wasoThaka 
  • iNduna uT L Cebekhulu eMkhandlwini wakwaMandlakazi

Esifundeni uThukela

  • iNduna uM Xaba  eMkhandlwini wa-Amangwane
  • iNduna uS Ndlovu  eMkhandlwini wa-Amangwane
  • iNduna uS Kubheka  eMkhandlwini wa-Amangwe
  • iNduna uM.S Dlungwane eMkhandlwini wAbambo
  • iNduna uSS Hlongwane eMkhandlwini wakwaSithole

Esifundeni Ugu

  • iNduna uP Ngcobo eMkhandlwini wakwaNyavini
Scroll To Top