Udlambedlu seluphoqe iSudan ukuvala umngcele



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Sekuvele izindaba ezithi iSudan isivale ingxenye yayo yomngcele ne-Ethiopia ngesonto eledlule kulandela udlame olukhulayo esifundeni.
Ukulwa okunzima kuqubuke esifundeni esisenyakatho neTigray e-Ethiopia ngeledlule ngemuva kokuthi uNdunankulu waleli lizwe, uMnu u-Abiy Ahmed, ememezele ukusebenza kwezempi emizamweni yakhe yokuphendula lokhu athi ukuhlaselwa kwamasosha ombuso.
Ngokuvela kwemibiko yabezindaba zakuleli lizwe, uHulumeni wezasekhaya esifundazweni i-al-Qadarif usuqalile uvala umngcele wawo nezifunda ezifana neTigray ne-Amhara ngesonto eledlule okuthiwe uzovulwa uma kuba khona esinye isaziso ngalolu daba.
UHulumeni wakuleli lizwe usuphakamise isixwayiso kuzakhamuzi ezihlala eduzane nalo mngcele ukuba zigade imphumela engemihle ezoqhamuka ngenxa yokungezwani okwenzeka ezweni eliwumakhelwane i-Ethiopia.
Ezindaweni eziwumakhelwane walezi zifunda okunodlame kuzona e-Ethiopia, kuvela ukuthi lesi isikhathi sokuvuna kuzona okuchaza ukuthi noma yikuphi ukuphazamiseka kwezokuphepha kungalimaza kakhulu abalimi kanye nezitshalo zabo.
Indiza yase-Ethiopia idedele ibhomu esifundeni iTigray ngeledlule uNdunankulu u-Abiy waphinda wathembisa okunye ukuhlasela ngezindiza uma kuqhubeka kwanda udlame kulezi funda.
U-Ahmed wenza isithembiso sokuhlasela ngezomoya
UNdunankulu wase-Ethiopia uthembise ukuthi leli lizwe lizoqhubeka lihlasele ngezomoya ngemuva kokuthi kudedelwe ibhomu esifundeni iTigray ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi amabutho akulesi sifundazwe ayesephethe izindawo zamasosha ezwe kanye nezikhali.
Lokhu kulwa kwala mabutho amabili okungamasosha ase-Ethiopia namasosha asesifundazweni iTigray sekwandise ukwesaba ukuthi kungenzeka kuqubuke impi yezwe kepha le ngxabano phakathi kwala mabutho kuzokhumbuleka ukuthi idalwe ukungezwani noma ukungavumelani ngesinqumo salesi sifundazwe sokukhetha siphinde siqoke ubuholi baso ngaphandle kwezibusiso kanye nezifiso zikaNdunankulu u-Abiy.
Enkundleni yokuxhumana uTwitter ngesonto eledlule uNdunankulu uthe: “Umsebenzi wethu sihlose ukuqeda ubuhlongandlebe obese kunesikhathi eside benzeka futhi siqonde ukuthola bonke abantu namaqembu ukuze babhekane ngqo nemithetho yezwe.”
Ebeka lokhu kuphawula enkundleni yokuxhumana iPhalamende enhlokodolobha i-Addis Ababa, livume ukwakhiwa kukaHulumeni wesikhashana esifundeni okuyisinyathelo esigqamile sokuphikwa nokwamukelwa kukaHulumeni okhona esifundeni iTigray njengamanje.
Amazwe angaphandle asephawulile ngokwanda kodlame njengoba abahlaziyi bezepolitiki kanye nezazi bevumelana ngokuthi lesi simo singaba nomphumela ongemuhle okuyimpi yezwe engagcina iguqise leli lizwe.
IHhovisi le-United Nations (UN) iCoordination of Humanitarian Affairs (OCHA) ngesonto eledlule nalo likhiphe umbiko othi sekubulawe amasosha ayisithupha kwalimala angaphezu kwamashumi ayisithupha empini ebiseduze nomngcele wezifunda iTigray ne-Amhara.
Umbiko we-OCHA uthe cishe abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha baseTigray bancike osizweni lokudla ukuze baphile, kuphinde futhi kuvele ukuthi isigidi sezakhamuzi siyaluthola olunye uhlobo lokuxhaswa osekusenkingeni njengamanje ngenxa yempi ekhona kule lizwe.
Kuyakhumbuleka ukuthi uNdunankulu u-Abiy ngonyaka odlule uzuze umklomelo weNobel Peace Prize ngenxa yokwazi ukudala ukuthula phakathi kwaleli zwe nomakhelwane walo i-Eritrea obese kuneminyaka kungazwanwa okwathi ngonyaka we-1998 kuya kowezi-2000 kwaholela empini eyabulala abantu abangaphezu kwamakhulu ayizinkulungwane eziyikhulu.