Kwabanye kuphakathi kwamatoho nesifo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umhlaba wonke ubhekene nengcindezi. Lena akuseyona nje kuphela ingcindezi yalabo abasebenza kwezempilo noma uHulumeni. Lena sekuyingcindezi yemiphakathi ngokwehlukana kwayo. Wonke umuntu kumele akhethe phakathi komnotho noma impilo yazinsuku zonke kanye nokuphila kwesizwe. Lokhu kukhetha akuniki okumele bakhethe ithuba lokucabanga ngoba umkhuhlane wona awumile ukusabalala, kungekudala uzobe usuhaqe inqwaba. ElaboHlanga likhulume nezinye izisebenzi ezingazi okumele zikwenze.“Sizwile ngalo mkhuhlane futhi sibayazi ubungozi bawo. Kodwa yini esingayenza ngoba phela uma singayi emsebenizini ngeke sihole. Nathi siyafisa ukuba semakhaya, siyafisa ukunakekela izingane zethu kodwa kuphi khona,” kusho uNtobeko Mhlungu osebenza enkabeni yedolobha eThekwini. Omunye okukhulunywe naye ngumama uKaMasikana osebenza ezindlini nothe akafisi nokucabanga ngenhlekelee engalethwa yilo mkhuhlane, emndenini nakomakhelwane bakhe.
“Ngane yami siyayilalela imisakazo sizwe kuthiwa bayafa abelungu phesheya. Sizwe kuthiwa bakuthwala khona lapho bevela khona beze nakho lapha kithi. Mina nje lo owami (umqashi) ubephesheya ngoZibandlela angazi nokuthi ngithini ngoba uma ngingezi ngeke ngihole. Kodwa ngiyesaba ngeke ngiqambe amanga,” kusho yena.Ebuzwa ngomthelela walesi simo ngalapho ehalala ngakhona uthe: “Awu siyabuka ngoba iningi lethu alinamandla okwenza okuthile. Uma ukukhuluma kukhwinca uHulumeni thina singobani?. Uma sizwa kuthiwa kufika enkulungwaneni ukuyohlola, thina bobani singayithathaphi leyo mali. Okuzohlupha yimingcwabo ngoba phela akumenywana. Ungabavimba uthini abantu bezoikukhalisa?”
Kwezinye izinkampani abaqashi banike abasebenzi ithuba lokusebenzela ngasekhaya. Nokuyinto elula uma unobuchwepheshe besimanje okufana nekhompyutha nedatha. Ezweni lapho okwamanje idatha isamba eqolo nayilapho iningi lingenayo imishini yokusebenza emakhaya, kuyaphoqa ukuthi abanye ngisho inkampani isithe iyabazwela, kepha bona baqhubeke nokubeka impilo engozini. Kulaba impilo iqala ekuseni kusemnyama iphele sekuntabama ilanga lingasabonwa. Laba ngabantu abasebenzisa izithuthi zomphakathi njengamateikisi, amabhasi nezitimela. Angasinda emsebenzini ngoba kunezivikelamagciwane kepha kungenzeka noma yini lapha endlelni esebuyela ekhaya ngenxa yezinkulungwane zabantu aphambana nagibeka nabo.
UMnu uNhlangano Mpontshana osebenza njengonogada uthe: “Eyi nsizwa yakithi kulukhuni. Siqaphe amabhilidi abanye nje ukuze kungangeni abagulayo, eyethu imizi nemiphakathi ayibhekwe muntu. Mina nje izingane zami angazi uma kungathiwa sengithintekile noma zona zithintekile ngingathini. Uma kungafa nje umuntu emndenini singathathani sihlanganise nani. Kulukhuni kuleli lizwe, futhi okwabonwa yithi,” kusho uMpotshane. Njengoba ongoti bengakalitholi ikhambi eliqindene ngqo neCoronavirus nokulindeleke ukuthi balithole ezinyangeni ezizayo, iningi laboHlanga lizoqhubeka nokuya emsebenzini kunzima kunjalo ngoba kubo akukho ukukhetha uma bengayi emsebenzini kabaholi. Okwesifo kuzoza ngemuva.