Ingcabha kosomankomane baseMpangeni



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Selokhu uMlungisi “The Shark” Dlamini adlula emhlabeni engozini yemoto ngowezi-2010, akekho usomankomane odabuka ngakubo eMpangeni osakhombise ukuthi uzofinyelela ezingeni lakhe futhi amedlule. UDlamini, ongowaseSikhaleni, washona ephethe amabhande amabili omhlaba. Waqala waphatha eleWorld Boxing Federation (WBF) wanezezela ngele-International Boxing Organisation (IBO). IMeneja yakhe kwakunguyise uMboneni kanti wayeqeqeshwa eGoli nguWarren Hulley. UDlamini wayenentshisekelo yokuhlanganisa amabhande ezinhlangano ezinkulu emhlabeni ngaphambi kokuvelelwa umshophi elibhekise ngakoninalume eBergville. Yize ayesenqobe izimpi ezingama-21 futhi engakaze ahlulwe, wayeseqalile ukuhlonishwa abathandi balo mdlalo cishe ezweni lonke. Izingqapheli zazimbona ezophatha amabhande ezinhlangano ezinkulu kungekudala.
Ikhono lakhe lahlaba umxhwele inkunzi kaphromotha, uRodney Berman, owamfaka esitebeleni sakhe iGolden Gloves Promotions ekhiqize inqwaba yompetha bomhlaba. Izintatheli zazihlezi zikulangazelela ukukhuluma noDlamini kwazise wayenento ekitazayo nenyusa izinhlozi ayezoyisho ngomuntu ayezohluthana naye. Wayengagcini ngokuthembisa isitha isibhaxu ngomlomo kepha wayekwenza ngempela lokho uma sekufikwe eringini. Kwakungathi ushaka uqobo ngendlela ayedephula ngayo isitha sakhe. Umnewabo kaMlungisi, uMthunzi, wazama ukucosha isihlangu sikamfowabo ayidudule impi agcine isithunzi sakubo kodwa ngebhadi wakhathala esalwe izimpi ezinhlanu vo.
UMlungisi washona esesibuyisile kancane isithunzi salesi sifundazwe esake saziqhenya ngokukhiqiza uFreddy Rafferty noMondli “Blue Jaguar” Mbonambi eminyakeni edlule. URafferty, owayedabuka eBloemfontein kodwa owayesehlale isikhathi eside eMpangeni, wanqoba isicoco sikazwelonke kuJunior Heavyweight ngowe-1988. Kwahamba kwavela uMbonambi owanqoba isicoco sesifundazwe kuJunior Middleweight. UMbonambi wake wadudulana kwancane indawo nesethenjwa saseGermany, uStephan Trabant, embangweni wesicoco seWBC Youth World middleweight ngowezi-2001. Nokho wehlulwa ngamaphuzu. Wabuye wazama kabili wehluleka ukuphatha isicoco sikazwelonke kuMiddleweight. Manje uTholumusa “The Preacher” Ngema waseSikhaleni unengcindezi yokuvala isikhala sikaMlungisi ngokucenta indlela ebheke esicongweni.
UNgema usazikhombisile izimpawu zokuthi angaya kude njengoba ebuye nebhande leWBF International Junior Featherweight ehlula ngamaphuzu uTshepang Babu eGaborone eBotswana ngoNhlaba wonyaka odlule. UNgema uhlalelwe ukukhombisa ukuthi kungathenjelwa kuye njengoba eqhathwe noDoctor Ntsele waseFree State emqhudelwaneni ozoba seChatsworth Centre ngosuku olusazomenyezelwa. Kuzobe kungalwelwa sicoco Bekumele le mpi ehlelwe uZonke Sibiya waseLamontville oqhatha ngenkampani iDMZ Sotobe Boxing Promotions, ibe kusasa kodwa ngenxa yeCoronavirus ihlehliselwe usuku olungakaqinisekiswa. Uma le mpi isibuyiswa kuzomele uNgema, osanqobe kahlanu, wehlulwa kanye wase elwa kabili ngokulingana, azibambe ziqine esebhekene noNtsele. Lo somankomane waseWelkom, eFree State, uneminyaka eli-15 exhimfana namadoda. Unerekhodi lokunqoba izimpi ezingama-22 kwezingama-36.
Useke wahlabana ngamabhande eleWBF Intercontinental kuFlyweight neleWBF Africa kuBantamweight. USibiya, owayengusomankomane olwa esisindweni seCruiserweight ngeminyaka yowe-1980, uqhathe nempi yabesifazane. UThema Zuma, osehluleke ukuthatha isicoco sikazwelonke nese-IBO Intercontinental, ubeqhathwe no-Ellen Simwaka waseMalawi. Ngezikhathi zakhe uSibiya, ovamise ukubonakala enandisa izethameli ngokudansa kamnandi uma kunemiqhudelwano, walwa nezinkunzi ezifana noSolomon Zuma, uRafferty, uHoward Mpepesi, u-Isaac Mahlangu no- Earl Morais.