Ukwethulwa kwenhlangano ethuthukisa ezolimo
Iningizimu Afrika isiphinde yangena esigabeni sobunzima bokugqoza bokukhula komnotho zisuka amadaka nje kowezi-2020. I-StatsSA sesiphinde sakhipha lo mbiko okhomba ukuthi, impela izwe lisebunzimeni obukhulu lapho imisebenzi ilahleka, abantu abaningi sebehluleka ukukhokhela izikweletu ngenxa yokungabi nemisebenzi kanye nokuba mathintanyawo ezinkampanini zakuleli nangaphandle ekutshaleni izimali eNingizimu Afrika. Phakathi kwezizathu eziningi ezenza lokhu, singabala lezi, ukuphathwa kabi kwezwe ngosopolitiki, osekuvesi kusobala ngeKhomishini kaZondo, ukusetshenziswa kabi kwezimali budlabha yizikhulu zikaHulumeni, ukuntengantenga kwesikhondlakhondla senkampani yakwa-Eskom, okwaziwa kahle ukuthi siyimbangela walokhu esikubona manje kwazise phela amandla kagesi yiwona angumgogodla wezimboni eNingizimu Afrika. Kusuka onyakeni odlule, sibonile izinkampani eziningi kusuka kumabhange, izimboni zezezimayini, ezakha iphepha ngisho noHulumeni imbala bediliza izisebenzi kumbe bekhuluma ngokunciphisa isibalo sezisebenzi ezindaweni eziningi.
Nongqongqoshe Wezezimali uMnu uTito Mboweni, naye uphinde wacoboshisa ngeledlule ekuthenini impela isibalo sezisebenzi zikaHulumeni kumele masehliswe ukuze kongeke imali. Impela iNingizimu Afrika idinga isixazululo kule mpicabadala ebhekene nayo. Ezisombululweni eziningi, sizoke sibheke namuhla esinye esithi asihambisane nokungenziwa ukusiza abantu bakuleli ikakhulukazi kwezolimo. Ngomhla zili-18 kuNhlolanja kophezulu lowo owabe engungqongqoshe kuHulumeni walowo ongasekho, nowabe enguMengameli uMnu uNelson Mandela, futhi nowabe ongomunye wabahlonishwayo ekulobeni uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uMnu uRoelf Meyer, ekanye nalowo ophethe iToyota eNingizimu Afrika, uDr uJohann Van Zyl noMalcolm Ferguson behambisana nabaholi abambisene nabo bethule inhlangano ebizwa ngokuthi yi-Agricultural Development Agency (AGDA).
Lo mbono wafunzelelwa yikhwela likaMengameli wezwe mhla enza inhlabamkhosi yokuthi akuziwe nezixazululo ezizosiza ukufukula umnotho wezwe kusuka manje kuya phambili. Ukufukula into ephansi kuthatha amandla amaningi nomfutho omkhulu ngokungajwayelekile, ikakhulu futhi nxa into ibisifana nefile, njengesidumbu. UHulumeni sekuyabonakala ukuthi useyangokulala ngophondo kwezezimali. Abaholi nezisebenzi zikaHulumeni ezikhona manje, kanye nosozimboni sebedinga ukuveza amangwevu angavamile ekusizeni leli ukuthi lingacwili odakeni. Yize le nhlangano iholwa ontaba kayikhonjwa, kepha ize emuva kokuthi leli thimba likaMeyer, seliqede cishe iminyaka emibili licubungula udaba oluhambisana nokuthuthukiswa kwezindawo zokulima eNingizimu Afrika, ikakhulu ezaboHlanga.
Izingxoxo lezi zathinta cishe izinhlaka eziningi kakhulu eNingizimu Afrika, lapho leli thimba likaMeyer lahlangana nobuholi obunhlobonhlobo, emazingeni ahlukahlukene, lokhu kwenzeka kusuka kuMengameli, ongqongqoshe abehlukene ezingeni likazwelonke nelezifundazwe, abaHoli BoMdabu nasemakhaya, abalimi abahlukahlukene nezinhlangano zabo, osozimboni kanye nabamabhange nezinhla ezitshala izimali ngokwehlukahlukana kwazo. Ekugcineni kwabe sekuphunywa neqhingasu lokuthi makwakhiwe inhlangano engukhukhulelangoqo futhi nezokwazi ukuthuthukisa umnotho wezokulima eNingizimu Afrika yonkana, ikakhulu ezindaweni zasemakhaya, izindawo abantu asebebuyelwe yizo ngokohlelo lukaHulumeni lokubuyisela izindawo kwaboHlanga, njalo njalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi yize umhlaba aboHlanga bewufuna phansi phezulu kwazise phela usekubo abebala, kepha nalowo oyingcosana okwaboHlanga, awusetshenziswa ngenxa yokuthi izinto zokuwusebenza azikho. Kokunye, noma zikhona, elinye lamaqiniso wukuthi kunezinxushunxushu ezisalokhu ziyinsila eyenza ukuthi izindawo zingathuthuki abantu balambe zikhona. Kulesi sethulo sale nhlangano, izinkampani eziningi ziye zazibophezela ekusebenzisaneni nale nhlangano i-ADGA ukuze kufezekiswe icebo layo lokusiza abalimi abaningi eNingizimu Afrika, ikakhulu emakhaya. Le ngosi ithe uma ixoxisana nalowo olibamba lale nhlangano ebonakala iza ngamawala ekwakhiweni kabusha komnotho wezolimo, uNks uLeona Archary, wakubeka ngokusobala ukuthi yize ingakaqali ngokusemthethweni le nhlangano, nokho seyinezicelo ezicishe zifinyelele ezigidigidini ezingama-R23 ngokwemisebenzi okumele mayiyitholele inkece. Eqhubeka, uchaze nokuthi bekusengukuzwa ngothi lokhu. Kepha kusazokwenzeka ukuthi babize abantu abafisa ukuzibandakanya nokuxhaswa ngezimali ezoziqoqa le nhlangano.
Ekwenzeni lokhu nokho, bafisa ukuthi labo abadinga usizo, baqinisekise ukuthi sebenazo izindawo lapho abafisa ukukukhiqiza bazokudayisa khona, futhi bamele beze sebezicijile ukuze bakwazi ukuluthola usizo ngendlela efanele. Imali ezokhiswha yile nhlangano, kuzoba imalimboleko, yize noma uHulumeni angase angenelele naye ngandlela thizeni, kepha ayizukwencika emalini yezibonelelo kuphela ngenxa yokuthi izobe ibhekelele inzunzo kulabo abazobe betshale izimali kuyo. Kuzo zonke lezi zifiso ezinhle zale nhlangano, imibuzo ekhona ethi, kazi iyokwazi yini ukubhekela udaba lwasemakhaya lapho kungekho mandla okuqinisekisa ukuthi imali etshaliwe ayilahleki, nanokuthi ababolekwe le mali bayeluseka ngendlela. Nanoma yini eyenziwa nanoma ngubani kulesi sikhathi eNingizimu Afrika, ifana netshe okumele yilowo nalowo aliphonse esivivaneni ukuze njengesizwe siphuma kulolu taku esifakwe kulo.