Now Reading
Izithebe zesabelomali zizokhishwa ngokwezisu zeminyango
Dark Light

Izithebe zesabelomali zizokhishwa ngokwezisu zeminyango

Kwethulwa isabelomali seminyango kaHulumeni wesiFundazwe, namhlanje (ngoLwesihlanu), eMgungundlovu. Akukho okutheni okungalindelwa enkulumeni kaMphathiswa Wezezimali esifundazweni, uMnu uRavi Pillay, ngaphandle kokucacisa ngezinto ezihlupha imiphakathi, eziphathelene nesabelomali. UMphathiswa uPillay, kungabe eyihlabe esikhonkosini uma engacacisa ngokuthi kusuke kwenzenjani uma kukhona iminyango kaHulumeni ebuyisela imali emuva eHhovisi likaMgcinimafa, kodwa kukhona imisebenzi eminingi eshiywa ilenga kuleyo minyango. Iminyango, oWezemfundo, oWezempilo Nokuthuthukiswa Komphakathi, oWezokuthutha, yiyona ehlale igixabezwa ngemali enkulu kuneminye iminyango ngoba izinselelo ezibhekene nale minyango ziningi, futhi zinkulu. Yiminyango ethinta ngqo impilo yabantu lena, ikakhulukazi abasemazingeni aphansi.

Akukho ukuphepha ezikoleni, uma umzali ethumela ingane yakhe esikoleni ubamba umoya ngokuthi iyobuya iphephile na, yingakho amaqembu aphikisayo eSishayamthetho ethi akuqiniswe ezokuphepha ezikoleni nabaqaphi banikwe izibhamu zangempela. Izinkinga ezikhona kwezemfundo ziyimbangela yokungasetshenziswa ngendlela kwemali eyabelwe lo Mnyango. Kukhalwe ngokuthi othisha “bojahidada” (Grade R) abaholi, kwaqubuka inkinga yokungakhokhelwa kwezinye izinkampani eziletha ukudla ezikoleni. Imali eyabelwa uMnyango Wezemfundo ingaba yizindodla zamarandi kodwa iKwaZulu-Natal, isona sifundazwe esinabafundi abaningi ngokwesibalo ukwedlula zonke ezweni.

Ingaba khona imali eyabelwe ezemfundo, kodwa isiko lokufunda nokufundisa lehla ngesikhulu isivinini ezweni. IHhovisi likaMvikeli WoMphakathi kuZwelonke, lisanda kukhipha umbiko othi uMnyango Wezempilo, KwaZulu- Natal, wasebenzisa budedengu imali eyevile ezigidini ezili-12, ithenga imitholampilo engomahambanendlwana kungenasidingo. Lokhu kunika isithombe sokuthi kunemali ekhishwa ukuze abathile bathole amathenda okwenza imisebenzi ethile engenasidingo. Kugcwala kuyachichima ezibhedlela nasemitholampilo yesifundazwe. Abanye abantu bafika ekuseni kusempondozankomo ezibhedlela bexinwe ukugula kodwa bayoze bathole usizo selithambeme ilanga. Imithi ayenele emitholampilo nasezibhedlela zikaHulumeni, izisebenzi zivele zitshele iziguli ukuthi uHulumeni akanayo imali yokuthenga imithi.

UNdunankulu uSihle Zikalala, enkulumweni yakhe yesifundazwe ngoLwesithathu, uthe kunohlelo olubekelwe imali eceleni lokunciphisa imigqa ezibhedlela okuzoqalwa ngalo ezibhedlela iPrince Mshiyeni, eMlaza, naseMadadeni, eNewcastle, eMajuba. Inselelo ebhekene nomunye weminyango ethola isabelomali esikhulu okungoWokuthuthukiswa Komphakathi yinkohlakalo. Masonto onke ezinkantolo kuvela izisebenzi zalo Mnyango, eziziholela imali yesibonelelo ekubeni zisebenza futhi ziholela nezingane “eziyizipoki”. Imindeni eminingi ayisebenzi kwelikaMthaniya, ibhekwa yimali yezibonelelo evela kuHulumeni. UMnyango uyithemba le mindeni ubuye uchithe imali eningi uholela izikhungo eziletha nezihlela ukulethwa kwezimali zezibonelelo kubantu.

UMphathiswa uPillay neNhloko yeHhovisi likaMgcinimafa, uMnu uS’miso Lesley Magagula, bazobhekana nezinselelo zokuthi iqashelwe imali enikezwa lo Mnyango ukuthi isetshenziswa kanjani. Isifundazwe sikhinyabezeke kakhulu ngokwehla kwezivakashi ezitheleka kusona. Ukwanda kwabantu abangasebenzi ezweni, ubugebengu nokucinywa kukagesi kube nomthelela kulokhu. IKwaZulu-Natal, beyaziwa ngokuthi “iyikhaya lezivakashi” ezivela kwamanye amazwe noma kwezinye izifundazwe. Umkhakha wezokuvakasha ufaka imali eningi emgodleni wesifundazwe, ngakho uma uxega neminye imikhakha ithwala kanzima. Umkhakha wezolimo nawo yiwona obubhekwa eminyakeni eyadlule ukuthi uyasiza ekufukuleni umnotho wesifundazwe. Manje itshe seligaya ngomunye umhlathi.

SekunguHulumeni Wesifundazwe okhipha imali afukule ezolimo ngoba ayikho inzuzo etholakala emikhiqizweni yalo mkhakha. Isomiso sigadle kwezwakala kule minyaka embalwa eyedlule. UPillay noMagagula angeke kumangaze uma sebenika uMnyango Wezolimo isabelomali esithe xaxa. Kukhishwa isabelomali nje, uMnyango uCogta uthele isifundazwe ngelikhulu ihlazo. Kunemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R47 ebibekelwe ukhetho lweMikhandlu YoMdabu olubhuntshile. Ingxenye enkulu yale mali imoshakele ngoba ukhetho lugcine lungabanga bikho. UMnu uSenzelwe Mzila, okhulumela uCogta KwaZulu-Natal ungena ezintangeni uma ebuzwa ukuthi yizigidi ezingakanani ezimoshekile ngalolu khetho olungenzekanga. IMikhandlu yezifunda noMasipala abaningi esifundazweni bakekelisa okwezinkalankala, izinto aziqondile kubo. Kuphela isabelomali kuMasipala othile itshe selome inhlama, sekungekho ngisho uzuka, esikhwameni somkhandlu.

See Also

Lokhu kuholela ekutheni zingalethwa izidingo kubantu, bese beyaqala bayabhikisha bacekele phansi impahla. Kwabanye oMasipala abantu abaqashelwe ukusingatha izimali abawufundele lo msebenzi, bahasha abeluleki ekubeni bona beholelwa izindodla zemali. Iyakhishwa imali ibheke eMnyangweni Wokuthutha minyaka yonke kodwa kusenemifula engawelwa ngoba amabhuloho awekho. Abantu badliwa yizingwenya uma bewela umfula iNyalazi eMtubatuba, izingane zesikole eMakhabeleni ziwela uThukela ngezinyawo uma ziya esikoleni, izalukazi aziyi kohola impesheni uma umfula iS’khwebezi ugcwele, oSuthu, KwaNongoma. Imali eningi yalo yoMnyango Wezokuthutha isetshenziswa ekungcwabeni abantu abafa ezingozini zemigwaqo ezandayo kulesi sifundazwe.

Enye imali ichithwa ilamula izimpi zemboni yezokuthutha. UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu neMisebenzi Yomphakathi kaMphathiswa uNeliswa Nkonyeni unenhlanhla ngoba uHulumeni kaZwelonke uthwala umthwalo omkhulu ezifundazweni. Uhlelo lwezindlu zomxhaso eCornubia, eThekwini, olutakule imindeni eminingi belungolukaZwelonke. Zisekhona izinselelo ngoba isimo sezulu esiguqukayo senza kube nezikhukhula nezibhicongo, kudilike izakhiwo nezindlu. Abanye abantu abafuni ukusuka osebeni lwemifula abakhe kuyo, bayaguguleka. Isabelomali sizogcina sesihlinzekela nezinto ezinje, ezenziwa ngamabomu, zigcine ziyinhlekelele. UMnyango Wezobuciko Namasiko wazibophezela ukuthuthukiseni abasafufusa kulo mkhakha. Inselelo ekhona ukuvuselela nokuthuthukisa izikhungo ezijica amaciko njengeWushwini ekwaNgcolosi, iBAT Centre eseThekwini, iK-Cap eKwaMashu, noMkhumbane. Isabelomali soMnyango kaMphathiswa uHlengiwe Mavimbela sibheke iMikhosi yaseNdlunkulu kaZulu nemidlalo eqoqela imiphakathi ndawonye. Liyishona elanamuhla uMphathiswa uPillay noMnu uMagagula sebewakhiphile amavenge, izithebe bazaba ngononina.

Scroll To Top