Now Reading
Sebalala obenyoni osomatekisi
Dark Light

Sebalala obenyoni osomatekisi

UMzinto Taxi Association (UTA) ogwini oluseningizimu yeKwaZulu- Natal ugubuzelwe wudlame oselwedlule nenqwaba yemiphefumulo. Lokhu kungenxa yokuqonga kwesibalo sosomatekisi abangamalungu kalo soseshini asebebulewe njengoba sebebalelwa e-12 kule nyanga uNhlolanja. Umthombo ongaphakathi kulo soseshini ocele ukuba lingadalulwa igama lawo ngenxa yokwesabela impilo yawo, utshele elaboHlanga ukuthi bayaziwa abaqotha abantu kule mboni kodwa ababoshwa ngenxa yokuthi basondelene namaphoyisa aphezulu.

Uthe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kubulawe ozakwabo abahlanu. “Kuthangi (ngeSonto) kusocongwe ozakwethu abahlanu kodwa kuze kube manje akukaboshwa muntu. Ngisekubhaceni ngenxa yokuthi ngiyazingelwa njengoba ngisohlwini lwabazosocongwa kulandela ukubulawa komunye wozakwethu obeyiphoyisa obesohlwini odutshulwe ngePhasika nyakenye. Kuphinde kwahlaselwa uMnu uDumisani Khumalo esemzini wakhe kwaze kwachaphazeleka nomkakhe okumanje basesimweni esibucayi kwesinye sezibhedlela eThekwini. Lesi sigameko senzeke kuwona lo nyaka,” kusho umthombo.Uthe sebetholile ukuthi kunosomatekisi, igama esiligodlile, waseJolivet obathumelela ngezinkabi ebasola ngokuba yisithiyo endleleni yakhe yokudla umzila wabo. Umthombo ukhala ngamaphoyisa owasola ngokuhudula izinyawo ekubopheni lo omsolayo Isimo simazonzo kusosesheni waseMzinto kulandela ukubulawa kukaSihlalo wawo, uMnu uMsayinelwa Vezi, odutshulwe erenki yendawo ngoLwesihlanu olwedlule.

See Also

UVezi ubulawe kanye nosomatekisi uMnu uBrian Govender. Kuleso sigameko kuphinde kwalinyazwa uMnu uSosha Vezi ongumfowabo.NgoMsombuluko kudutshulwe abanye abathathu. Khonamanjalo, naseMnambithi isimo simazonzo njengoba igazi lilokhu ligobhozile kule mboni nokuyisimo esesibonakala singasalawuleki njengoba sekuqothwa izingane nabesifazane. Lapha kubhekene ngeziqu zamehlo amalungu eKlipriver Taxi Association (KTA) neSizwe Taxi Association (STA) okusolwa iMeya kaMasipala i-Alfred Duma, uMnu uVincent Madlala, ngokuxova. Emasontweni amabili edlule elaboHlanga libike ngokubulawa komzukulu weMeya uMadlala.

Utshele iBAYEDE ukuthi lesi sigameko salandela esokubulawa kwezingane zakhe ezintathu. Wadalula ukuthi inhloso yokuqothwa kwazo ukumzwisa ubuhlungu ngoba izitha zakhe azimtholi ngoba seziqinisiwe ezokuphepha zakhe. NgeSonto kuvukwe nezindaba zokubulawa kwezingane ezintathu zikadadewabo kaMnu uSgugula Gamede oyilungu leKTA. Ubekade esinde ngokulambisa emasontweni amabili edlule ehlaselwa. Kuthiwa izingane zikadadewabo kaGamede zingenelwe ngabantu ebusuku zilele zaqothwa zonke ngenhlamvu. UGamede uthi bahlaselwa nje bebewazisile amaphoyisa endawo mayelana nezinhlelo zokubahlasela kodwa abatshela ukuthi nawo ayesaba.

Scroll To Top