Now Reading
Isishiphi sowayewusihlalo sisulelwa kubafokazane
Dark Light

Isishiphi sowayewusihlalo sisulelwa kubafokazane

Ungomunye wabagqigqa izinkantolo ngenhloso yokuhlanza igama lakhe. Ngakolunye uhlangothi igama lakhe lindiza kumaKhomishini ophenyo kanye nabezindaba ngenxa yezinsolo neziga ezabe zibikwa ezinhlakeni ayezihola. Loyo nguNks uDuduzile Cynthia Myeni obenguSihlalo weSouth African Airways SOC Limited, owanguSihlalo woMhlathuze Water kanye noSihlalo weJacob G Zuma Foundation. Okusematheni kulezi zinsuku yicala abhekene nalo lapho abamangali benxusa inkantolo ukuba imkhombe njengomuntu ongakulungele ukuba ngumqondisi wenkampani. Kuleli cala okaMyeni uhudulelwe enkantolo yinhlangano i-Organsiation Undoing Tax Abuse kanye neSouth African Airways Pilots Association (SAAPA). Njengobufakazi lezi zinhlangano zombili sezike zenza isethulo enkantolo nesabe sibeka izinsolo zokuthi uNks uMyeni waguqula izivumelwano zokusebenza ngemizuzu yokugcina nokwenza iSAA ilahlekelwe yizigidigidi. Uma lesi sicelo samukelwe yinkantolo okuyosho ukuthi umumangalelwa ngeke abe ngumqondisi wanoma yiyiphi inkampani iminyaka eyisi-7.

UNks wakwaMnyeni uyaphikisana nalokhu kanti icala liyaqhuebeka. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi lokhu kwasenkantolo sekwelanywe ngezinye izinsolo esezithunyelwe koKlebe (Hawks) kanye naseHhovisi loMvikeli WoMphakathi. Encwadini elaboHlanga elinayo nebhalwe nguMnu uZakhele Mathenjwa, obeyiHealth , Safety and Risk Management Specialist enkampanini, ngaphansi kwesihloko esithi: Request for an investigation into allegations of corruption and abuse of executive power at Mhlathuze Water, nebhalwe ngomhla zingama-22 kuMasingana nonyaka, igama likaNks wakwaMyeni liyavela. Kule ncwadi engamakhasi ali- 12 uMathenjwa usola uSihlalo (uNks uMyeni) ngokuba phakathi kokunye ngubhongoza. Lokhu ukulumbanisa nento athi yenzeka eminyakeni eyedlule nethinta ukudluliselwa kwamanzi eZululand.

NgoNhlangulana wezi-2018 Ozul’azayithole babika ngezinsolo zomsaka lo uMathenjwa adlule kuwo. Ngaleso sikhathi sabika ukuthi abaseZululand bababelwe izigidi ezili-R185 nguMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko ngonyaka wezimali wezi-2015/16. Le mali yabe iqhamuka ohlelweni iWater Services Infrastructure Grant (WSIG). Ngonyaka wezimali we-2017/18 iNational Treasury yaqopha ukuthi yabele uMkhandlu iZululand isamba semali eyizigidi ezingama-R300. Le mali phakathi kokunye yabe izobhekelela ingqalasizinda yamanzi ezindaweni ezabe zakhele uCeza noNongoma. Amawadi athile abe ehlonzwe nguMnyango ukuba asizakale, la maWadi yilawa: KwaNongoma, kwakunguWadi 14 noWadi 17, ABaqulusi kungamaWadi 5,6,7 noWadi 22. Le mali yabe yabiwe kanje: ABaqulusi (amaWadi 5,6,7 noWadi 22) abelwa izi-R40 437 851.00. UNongoma (amaWadi 5,10 noWadi 11) abelwa izi-R72 051 764.72, kwathi enye ingxenye kaNongoma (uWadi 14 noWadi 17) babelwa izi-R63 260 384.05. Izindleko ze- Implementing Agent okuwuMhlathuze zona zaba yizi-R9 250 000.00. OyiMeya yaseZululand, uMfundisi uButhelezi ngaleso sikhathi wabe edla izindwali ekhala ngokuthi izimali zabantu besifunda sakhe seziphindele emuva.

Encwadini eya kuMvikeli WoMphakathi “Ngatshelwa ukuthi owayeyiSikhulu Esiphezulu, uNthloro, wathinta owayenguSihlalo Kanye nowayenguSihlalo weBhodi uNks uDudu Myeni, emcela (uDudu) ukuba aqinisekise ukuthi kuxhunyanwa nobani kwaCogta ukuze kuxoxwe ngokufakwa kwezimali. Ngatshelwa ukuthi okaMyeni kusolwa ukuthi utshele iBamba leSikhulu Esiphezulu ukuba liziqhelelanise nezimali zakwaCogta ngoba, “Wehluleka eZululand. Ngiqonda ukuthi ‘ukwehluleka kwakho eZululand’ kungahambisana nezinsolo zokuthi uNthloro nowayeyiSikhulu Sezokusebenza uNks uSimpiwe Xulu bathola uhlu lwezinkotileka ezivela kokaMyeni ukuze zisebenze kuZululand Water Projects kodwa abakwazanga ukusebenzisa lolo luhlu njengoba kwakulayelwe. Lezi zinsolo zokwahluleka ukusebenzisa uhlu, njengoba ngatshelwa, kwamthukuthelisa okaMyeni njengoba wayengasebathembi nhlobo. Yingakho wagcina ehlwaye engxenye wasebenzisa izi-R137 000 000.00 ezazivela kwaCogta.” Lezi zinsolo ezishaqisayo uMgabadeli (abakwaMathenjwa) ucele ukuthi kaziphenywe ukuze kufike eqinisweni.

See Also

Akagcinanaga lapho ngoba ube esediliza nezinye izinsolo ngaloyo oyiSikhulu Esiphezulu eMhlathuze Water, uMnu uDuze nacela ukuba uMvikeli WoMphakathi ake aphenye okwenzeka ngesikhathi esabambe njengeSikhulu Esiphezulu ikakhulukazi mhla lu-1 kuNtulikazi ngowezi-2016 kuya kuMasingana ngowezi-2019. Akagcini lapho ufaka phakathi nomnyango uCogta KwaZulu-Natal nathi wagila imikhuba waphula nomthetho mhla uqoka uMhlathuze Water ukuba weluse izinhlelo zosizo ezabe zihlinzekelwe ngezigidi nathi zehla ngomlenze. “Akungicaceli ukuthi kungani uCogta anquma ukukhetha uMhlathuze Water njengalaba abahlinzeka izinsizakalo kulolu hlobo lokungenelela ngoba uMhlathuze Water ngaleso sikhathi wawungazinzile futhi ungenayo imithombo yokwenza lezi zinhlobo zemisebenzi.” kusho uMathenjwa. Uqhube wathi unolwazi lokuthi abaqashwayo laba ngabangani bakaDuze. Nalokhu uthe akuphenywe. Ebuzwa uDuze ngalezi zinsolo uthe okuhle wukuthi ozishoyo usenikeze izinhlaka ezifanele ukuba ziphenye nathe uyazeseka ekusebenzeni kwazo. “Ngiyahambisana nobumqoka bezinhlaka eziqinisa ukulandelwa komthetho Kanye nezakhiwo ngokweSahluko 9 njengoba kuqoshiwe kuMthethosisekelo wethu. Umsebenzi esiwenzayo njengezisebenzi zomphakathi esikuwo. Umsebenzi esiwenzayo njengezisebenzi zomphakathi kuyinto efanele ukuba icutshungulwe hhayi kuphela umphakathi esiwusebenzelayo.

Ngakho-ke ngiyalwamukela noma yiluphi uphenyo ngokwenzeka ngesikhathi ngiseMnyangweni uCogta eMhlathuze Water,” kusho uDuze. Uqhube wathi uma umuntu esebike kulezi zinhlaka kusuke kungekho isidingo sokuputshuza lokhu yena athi kuyizinsolo. “Uma uzihlonipha njengathi, zonke lezi zinhlaka kumele phela uzinike ithuba ziphenye, sonke silindile,” kusho yena. Kwenye incwadi eseceleni ayibhalele uMvikeli WoMphakathi uMathenjwa uvumile ukuthi ubebhala nje konakele, uqondiswa ubugwegwe ngaphakathi enkampanini uMhlathuze Water. “Ngifisa ukuveza kuPP ukuthi ngesikhathi ngikubhalela ngangibhekene nesithangami sokuqondisa ubugwegwe mayelana nezinsolo zokungahambisi kahle okubandakanya izinkontileka ezimbili okuyi-ADT Security kwenani elizi-R116 684.94 neSebenzimpilo Occupational Health kwenani lezi-R1 482 960.87.”

NoDuze uvumile ukuthi okunye okuvusa ukukhuluma yizinqumo zokushanela amabibi enkampanini nathi uyasola ukuthi okunye kuvuka nje upelepele ezimpini okungenzeka ukuthi zaqala engakafiki nezithinta abathile mhlawumbe nebhodi elidala. “Ngesikhathi ngiba yingxenye yoMhlathuze Water ngowezi-2015 ngazibophezela ekwakheni isimo senkampani lapho kuzolandelwa khona okubhaliwe kubekwa eqhulwini. Ngangikholelwa ekutheni leso simo ngeke sibe khona kungekho, phakathi kokunye, ukuphatha ngokuthi kubhekwane nemiphumela. Ngathi akuphenywe omunye wemisebenzi esemqoka uMhlathuze Water owawusuwiqalile okuyiZululand Water Projects. Ngesikhathi ngiqhubeka nalokhu ngathola ukuthi kugcwele ukungalandelwa koMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi (PFMA). Kwathathwa izinyathelo zokubhekana nezikhulu ezazibandakanyeka ekukhipheni amathenda aqondene nalo msebenzi,” kuphetha uDuze.

Scroll To Top