Now Reading
UNomvo Booi wayeyisishoshovu sePan Africanist Congress
Dark Light

UNomvo Booi wayeyisishoshovu sePan Africanist Congress

Uma isibhuda sesisukuma sithatha izikhali siphikelela empini, kusuke kubonakala ukuthi cha uMthimba usunyathela indle yabantwana, konakele manje. UNks uNomvo Booi ngomunye wabesifazane ababeshaya isibhamu ngesikhathi kusenomzabalazo wenkululeko kuleli. Uqeqeshwe ngaphansi kwe-Azanian People’s Liberation Army (APLA), uphiko lwezempi lwePan Africanist Congress of Azania (PAC). Le ntomb’endala ingomunye wabasunguli bePAC ngowe-1959. Phambi kwalokho yayiyilungu likaVukayibambe (ANC Youth League). UNomvo wazalelwa eZagwityi ngaphandle kwaseButterworth, e-Eastern Cape, mhla zili-16 kuNhlaba ngowe-1929. Uzalwa emndenini okhuthele, uyise uMnu uJames Booi, ubebafundisa ukusebenza ngezandla. Yingakho uNomvo waba ngumsiki wengqephu nomthungi wezingubo zomshado ovelele eTranskei. Umshado weNkosi uKaizer Daliwonga Mathanzima, wesizwe sabaThembu, wawuhlelwe nguNomvo. Kwabakhona umkhankaso owawuqalwe yi-African National Congress (ANC) wokwedelela yonke imithetho eyayishaywa uHulumeni wobandlululo.

Lowo mkhankaso okuthiwa yiDefiance Campaign wawungowe-1952, uNomvo wayesekhaleni lawo kwelakubo. Nakweminye imikhankaso eyayiholwa wuVukayimbambe, iStatus Campaign, okwakuhloswe ngawo ukubuyisa isithunzi saboHlanga, wayeyibambile. Wayeyiva onyaweni lwamaBhunu uNomvo, yikho wayehlala egqunywa ejele nje. Ngonyaka we-1960 wachitha izinyanga ezine eboshwe eQueenstown ngaphansi komthetho wesimo esibucayi. Ngowe-1962 waphinde waboshwa ngaphansi kwawo umthetho wesimo esibucayi wabhadla ejele izinyanga ezili-11. Wayekhona ehholo lomphakathi e-Orlando, eSoweto, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iPAC.

Kwakhethwa uSolwazi uRobert Sobukwe waba nguMengameli wale nhlangano entsha yama-Afrika. Kwababekhona esigungwini sokuqala nguMnu u-Abednigo Bhekabantu “AB” Ngcobo, uMnu uHumphrey Ngcobo, uMnu uJD Nyawose, uMnu u-Elliot Mfaxa, uMnu uPK Leballo nabanye. UNomvo ugxeka kakhulu amaphephandaba esiLungu ngendlela abika ngayo ngesibhicongo saseSharpeville samhla zingama-21 kuNdasa ngowe-1960. Amaphepha athi amaphoyisa avulela intululwane yezinhlamvu ebhekise kubabhikishi ngoba babehlomile kodwa akubanga yiqiniso lokho ngokukaNomvo. Usebenze noMnu uStrauss njengoba ubengumsiki wengqephu bevule ibhizinisi ndawonye eQueenstown. Ngemuva kokuphuma ejele njengoba ayetoke izinyanga ezili-11, uNomvo wathola ukuthi uMnu uStrauss uthi usumphelele umsebenzi ngoba “ungumuntu ongalungile”.

Ukhala ngokuthi amaphoyisa ezomoya ayefaka uMnu uStrauss ingcindezi yokuthi amxoshe emsebenzini. Isimo azithola ekusona uNomvo yisona esamphoqa ukuthi athuthe izimpahla zakhe alifulathele izwe abheke ekudingisweni emazweni angaphandle. Ubuholi bePAC ekudingisweni basebuzwile ngomsebenzi oncomekayo owawenziwa nguNomvo, bahlela ukuthi ayosebenza nabo, bahlangana nezingane zakhe eLesotho bazihlelela umifundaze. Ekufikeni kwakhe uNomvo, eTanzania, ucelwe yiZimbabwe African National Union Patriotic Front (ZANU PF) ukuba ayosiza ukusungula uphiko lwabesifazane. Ubuyele eTanzania wengamela uhlelo lwezenhlalakahle nezempilo lwePAC. Wayeluleka nentsha ezintweni ezithinta impilo. Wayehlala esigungwini esikhulu sePAC, esasithatha izinqumo ngenhlangano senze nomhlahlandlela wayo.

See Also

UNomvo usebenze noMnu uJohnson Mlambo, uMnu uJohn Nyathi Pokela, uMnu uVictor Sabelo Phama, uMnu u-Ahmed Gora Ebrahim, uMnu uJoe Mkhwanazi, uMnu uMfanasekhaya Gqobose nabanye. Uhambele amazwe okubalwa i-Australia ethamela imibuthano yabesifazane. Ubuyele eNingizimu Afrika ngonyaka we-1992, ngemuva kokuba iPAC isivulwe umlomo, wabuyela e-East London, e-Eastern Cape. Uqhubekile waba sesigungwini esiphezulu sePAC kodwa egxile ekusizeni abasebebuyile ekudingisweni. Ngonyaka wezi-2009 wahlaselwa yisifo sohlangothi esamshiya engakwazi ukukhuluma nokuphimisa amagama kahle.

Scroll To Top