Uthi seludumela emasumpeni abe kwelesizwe
Ubona sekuseduze kufezeke iphupho lakhe leminyaka uXolile Shange olokhu eqhubeke njalo nokwenza ezibukwayo emdlalweni webhola lomnqakiswano esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Iphupho lakhe wukudlalela iSpar Proteas. Ngokusho kwale ntokazi edabuka eNanda Newtown yaqala ukudlala lo mdlalo ineminyaka eli-11, ngalowo nyaka yayenza ibanga lesithathu eBuhlebethu Primary School, eNanda.
UXolile oseneminyaka engama-22, usanda kunqoba imiklomelo emikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal. Emiklomelweni ye-Ethekwini Metro Netball (EMNF) Awards unqobe indondo yeSport Woman of the Year.
Ngesonto eledlule emiklomelweni yeKwaZulu-Natal Netball Awards uphinde wenza into yamehlo enqoba indondo yeMidcourt Player of the Year neyeSports Woman of the Year.
“Indlela izinto ezenzeka ngakhona isifiso sami ngibona sekusele kancane ukuthi siphumelele. Kuliphupho lanoma imuphi umdlali ukudlalela iqembu lesizwe kuyona yonke iminxa yezemidlalo. Ngibona sekungasele isikhathi esingakanani ngimenyezelwe kuSpar Proteas.” kusho uXolile.
Ngokusho kwakhe ukungena kulo mdlalo esemncane kwakungenxa kaSamkelisiwe Khumalo owayemqeqesha ngaleso sikhathi owabona ikhono kuyena.
Eqhuba uXolile oteketiswa ngokuthi uSmall uthe: “Baningi abantu ababambe iqhaza ekutheni ngibe la ngikhona. Kubona ngibala umndeni wami, uBeauty Saunders noPinky Mtshali abangisize kakhulu ukuthi ngidlale emaqenjini amancane enza kahle. Omunye engingeke ngamkhohlwa uPrecious Mthembu onqumqeqeshi eqenjini lami iGilbert Stars, egijima kuKwaZulu-Natal Netball Super League ohlezi engigqugquzela ekutheni ngikhule kulo mdlalo.”
Uthi imfundo yamabanga aphezulu uyiqedele eNanda Newtown Comprehensive High School.
Amaqembu eseke adlala kuwona uXolile iPumas Netball Team edlala kuKZN Netball Super League, uke wamela iqembu laseThekwini kusuka ngonyaka wezi-2011 kwaze kwaba unyaka wezi-2016. Ngonyaka wezi-2017 wathola inqqayizivele yethuba eyomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba yabangaphansi kweminyala engama-21 owawubanjelwe eBotswana.
UXolile akagcini ngokudlalela iGilbert Stars uphinde adlale eqenjini elikhulu lesifundazwe iKwaZulu-Natal iKingdom Stars ekhushulelwe esigabeni esiphezulu iBrutal Fruit Netball Premier League (BFNPL).
Ufisa ukulandela uBongiwe Msomi ongukaputeni weSpar Proteas noPrecious Mthembu. Njengoba eseqokwe kabili ukuba umdlali ovelele KwaZulu-Natal uyafisa ngolunye usuku ukuthi aqokwe njengomdlali ovelele eNingizmu Afrika.
Kuzo ezebhola lo mnqakiswano iSpar Proteas kulindeleke ukuthi ivale unyaka wayo ngegiya eliphezulu, njengoba kusasa izoqala imidlalo yayo emithathu yeTest ne-England. Le midlalo izobanjelwa eBellville, Velodrome eCape Town.
ISpar Proteas ibe nonyaka omuhle kakhulu njengoba iphume endaweni yesine kwiNdebe YoMhlaba, yaba ngompetha be-Africa Netball Cup okungumqhudelwano owawudlalwa amazwe ayisi-6 ase-Africa okuyi-Uganda, iZimbabwe, iKenya, iLesotho, iZambia kanye neNiningizimu Afrika.
Iphinde yenza ezibukwayo emiklomelweni yeSouth Africa Sport Award inqoba indondo yeTeam of the Year, lapho yayiqhathwe ne-50 km Athletics neSheep Shearing Team.