Now Reading
Ezomphebezo zizokhiphana inkani kuDavis Cup
Dark Light

Ezomphebezo zizokhiphana inkani kuDavis Cup

Bayede News

Izinkunzi zebhola lomphebezo esigabeni sabesilisa zizokhiphana inkani kuDavis Cup ezoqala zili-18 isongwe zingama-24 kuLwezi eCaja Mágica, eSpain.

Lokhu kulandela ukuqina kwamaqembu amanyezelwe amazwe ayingxenye yalo mqhudelwano ahlobe ngezihlabani. ISpain esiseqoqweni B nabavikela iscoco iCroatia, neRussia simemezele iqembu labadlali abahlanu elizoholwa uRafeal Nadal okleliswe endaweni yesibili emhlabeni. Omunye umdlali ohlaba hlosile kuleli qembu nguRoberto Bautista okleliswe endaweni yeshumi.

ICroatia iqoke iqembu eliqinile njengoba ifuna ukuvikela isicoco eyasinqoba nyakenye. Iqoke abadlali abanohlonze abafana noMalin Cilic okleliswe endaweni yama-23 emhlabeni, useke waba ngumpetha we-US Open ngowezi-2014, uBorna Coric okleliswe endaweni yama-24 emhlabeni. Leli qembu likleliswe endaweni yesithathu kuDavis Cup.

Elinye iqembu elibhekwe ukuthi lenze kahle ngenxa yokuqina kweqembu iGreat Britain elihlome ngo-Andy Murray onezicoco zomhlaba okubalwa kuzo iWimbledon ne-US Open. Leli qembu liseqoqweni E neNetherlands kanye neKazakstan.

ISerbia izoholwa ngohamba phambili emhlabeni uNovak Djokovic njengoba ezakhe zizobhekana neFrance esibengompetha beDavis Cup izikhathi ezili-10 neJapan ekhala izithulisa ngokungabi nesihlabani sayo uKei Nishikori ngenxa yokulimala. UNishikori okleliswe endaweni yesi-8 emhlabeni. La maqembu aseqoqweni A.

IGermany izoya kulo mqhudelwano ngaphandle kwesihlabani sayo u-Alexander Zverev okleliswe endaweni yesithupha emhlabeni okhethe ukuyodlala noRoger Federer eMexico. Ngaleyo ndlela lizoholwa nguJan-Lennard Struff okleliswe endaweni yama-41 emhlabeni.

See Also
URamaphosa uhalalisele u-Anderson ngeWimbledon

Iqembu lase-United States of America (USA) lihlome ngabadlali abasebancane okubalwa kubo uFrances Tiafoe oneminyaka engama-21 owaguqa kumasemi-final nyakenke kuDavis Cup noTaylor Fritz oneminyaka engama-21 okleliswe endaweni yama-31 emhlabeni.

Lo mqhudelwano uzodlalwa ngamazwe ali-18, ahlukaniswe ngamaqoqo ayisithupha, lilodwa iqoqo linamaqembu amathathu. Amaqembu azoqeda phezulu azodlulela esigabeni esilandelayo.

Scroll To Top